Abakwa Mkhwanazi nomlando wabo:
>> Lalela umlando wakwaMkhwanazi <<
Abantu bakwa Mkhwanazi babebizwa ngokuthi abakwa Mpukunyoni. Badabuka eSwazini bake bahlala nabakwa Thabethe nabakwa Mngomezulu. Bagcina behlukana abanye babizwa ngabakwa Mpukunyoni.
Ake Sibalamanise:
Abakwa Mpukunyoni
UMdolomba uzale uCungele no Mantewane,
U-Cungele wazala uVilana ozale uMalanda,
U-Malanda wazala uSomkhele ozale uMtubatuba,
U-Mtubatuba wazala uMgwazeni ozale uMiniyase.
Abakwa Dlangezwa
U-Mdinwa uzale uPhalane ozale uNgogwane,
U-Ngogwane wazala uMuntongenakudla.
Abakwa Mnqobokazi,
U-Mnyenyeza uzale uWokoza ozale abakwa Nkomo,
U-Mantewane uzale uMthethwa ozale uSikhumba,
U-Sikhumba wazala uNkwenkwezi ozale uLomafu,
U-Lomafu wazala uBebesi ozale uMzana,
U-Mzana wazala uMhabahaba okuvele kuye isizwe sakwa Mkhwanazi.
Izithakazelo zakwa Mkhwanazi,
Spheshu, Madubandlela, Somlomoti, Sodilikazi, Nkwaliyenkosi, Ndonga, Mtubatuba, Veyane, Shamase, Sontuli, Somkhele, Lele, Khowa, Malanda, Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mpande yamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa lika Gwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto esikhwebesini,
Kwaphepha inkosi yabe Ntungwa,
Owasingatha ihwahwa kodwa wangalidlulisela emlonyeni,
Mgidla, Lomafu, Nkwenkwezi,
Sikhumba ka Mthethwa ka Mantewane,
Gagisa!!
>> Lalela umlando wakwaMkhwanazi <<
credit for post: indabukoyakho
Dumisani kaCaiphus Tembe of the Mfekayi clan alleges that surnames like Mkhwanazi only arrived later and had no chiefs during the time of King Shaka, but are now being recognised as traditional leaders by the government while the Mfekayi are sidelined. This dispute highlights ongoing tensions over traditional leadership recognition in KwaZulu-Natal.
Bongani Mkhwanazi
Akenichaze ngo Nkomo ngabe naye ungu Mkhwanazi
sabelo Mkhwanazi
Mina ngingu Mkhwanazi Mpangazitha ngicela ukwazi izithakazelo zakhona nokuthi sivelaphi?
sizani Shiva Masina
Mina nginguSizani ozalwa nguKhekhe Shiba ngibonga ukuzwa ngalomlando bengicela abakwaShiba me bazisho ngifisa ukuzazi ngendele ka Masina