Abakwa Mkhwanazi nomlando wabo:
>> Lalela umlando wakwaMkhwanazi <<
Abantu bakwa Mkhwanazi babebizwa ngokuthi abakwa Mpukunyoni. Badabuka eSwazini bake bahlala nabakwa Thabethe nabakwa Mngomezulu. Bagcina behlukana abanye babizwa ngabakwa Mpukunyoni.
Ake Sibalamanise:
Abakwa Mpukunyoni
UMdolomba uzale uCungele no Mantewane,
U-Cungele wazala uVilana ozale uMalanda,
U-Malanda wazala uSomkhele ozale uMtubatuba,
U-Mtubatuba wazala uMgwazeni ozale uMiniyase.
Abakwa Dlangezwa
U-Mdinwa uzale uPhalane ozale uNgogwane,
U-Ngogwane wazala uMuntongenakudla.
Abakwa Mnqobokazi,
U-Mnyenyeza uzale uWokoza ozale abakwa Nkomo,
U-Mantewane uzale uMthethwa ozale uSikhumba,
U-Sikhumba wazala uNkwenkwezi ozale uLomafu,
U-Lomafu wazala uBebesi ozale uMzana,
U-Mzana wazala uMhabahaba okuvele kuye isizwe sakwa Mkhwanazi.
Izithakazelo zakwa Mkhwanazi,
Spheshu, Madubandlela, Somlomoti, Sodilikazi, Nkwaliyenkosi, Ndonga, Mtubatuba, Veyane, Shamase, Sontuli, Somkhele, Lele, Khowa, Malanda, Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mpande yamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa lika Gwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto esikhwebesini,
Kwaphepha inkosi yabe Ntungwa,
Owasingatha ihwahwa kodwa wangalidlulisela emlonyeni,
Mgidla, Lomafu, Nkwenkwezi,
Sikhumba ka Mthethwa ka Mantewane,
Gagisa!!
>> Lalela umlando wakwaMkhwanazi <<
credit for post: indabukoyakho
Dumisani kaCaiphus Tembe of the Mfekayi clan alleges that surnames like Mkhwanazi only arrived later and had no chiefs during the time of King Shaka, but are now being recognised as traditional leaders by the government while the Mfekayi are sidelined. This dispute highlights ongoing tensions over traditional leadership recognition in KwaZulu-Natal.
mazwi
Ngiwuzwa umlando wondonga, kodwa okungixakayo ukuthi abaveli oMaklina, phela mina ngazi ukuthi saphuma kwaMkhwanazi ngenxa yesenzo sobunja esenzeka emndenini. Okwaholela ekutheni kugezwe ubuhlobo maqedane kuhlukwane phakathi ngenxa yakho phela ukudla egekeni lokhu okuzosiholela ekutheni siganane siyizingane zandawonye. Uma ekhona onolwazi mayelana nalokhu, bengicela ukwaziswa uma kungenzeka.
Lindie
SLINDILE MKHWANAZI (LINDIE) MTUBATUBA eNKOLOKOTHO. Big Up boNkwali yeNkosi ukuthi nje kube khona esikwaziyo ngemvelaphi yethu kuhle. Anyway ningitholele bo nge Mkhwanazi get together ibalulekile kimi
zanele
ngyajabul ukunazi bonkwali…. nami ngidinga ukwaz umndeni wami… ubaba kwakungu: velaphi mkhwanazi mabaleka nenkukhu wayesebenza emtubatuba eyngodweni ngokokuhlala bath wase piet retif next to I nkantolo umawakhe U mankosi occ bakhe U Mimi, konti,mori bese kuba ubafana… onolwaz ngicela angithint 0721241949 plc