πŸ’›

izithakazelo

Mkhwanazi Clans & Family History | Umlando

Abakwa Mkhwanazi nomlando wabo:

>> Lalela umlando wakwaMkhwanazi <<
Abantu bakwa Mkhwanazi babebizwa ngokuthi abakwa Mpukunyoni. Badabuka eSwazini bake bahlala nabakwa Thabethe nabakwa Mngomezulu. Bagcina behlukana abanye babizwa ngabakwa Mpukunyoni.
Ake Sibalamanise:
Abakwa Mpukunyoni
UMdolomba uzale uCungele no Mantewane,
U-Cungele wazala uVilana ozale uMalanda,
U-Malanda wazala uSomkhele ozale uMtubatuba,
U-Mtubatuba wazala uMgwazeni ozale uMiniyase.

Abakwa Dlangezwa
U-Mdinwa uzale uPhalane ozale uNgogwane,
U-Ngogwane wazala uMuntongenakudla.

Abakwa Mnqobokazi,
U-Mnyenyeza uzale uWokoza ozale abakwa Nkomo,
U-Mantewane uzale uMthethwa ozale uSikhumba,
U-Sikhumba wazala uNkwenkwezi ozale uLomafu,
U-Lomafu wazala uBebesi ozale uMzana,
U-Mzana wazala uMhabahaba okuvele kuye isizwe sakwa Mkhwanazi.

Izithakazelo zakwa Mkhwanazi,
Spheshu, Madubandlela, Somlomoti, Sodilikazi, Nkwaliyenkosi, Ndonga, Mtubatuba, Veyane, Shamase, Sontuli, Somkhele, Lele, Khowa, Malanda, Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mpande yamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa lika Gwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto esikhwebesini,
Kwaphepha inkosi yabe Ntungwa,
Owasingatha ihwahwa kodwa wangalidlulisela emlonyeni,
Mgidla, Lomafu, Nkwenkwezi,
Sikhumba ka Mthethwa ka Mantewane,
Gagisa!!
>> Lalela umlando wakwaMkhwanazi <<

credit for post: indabukoyakho

Dumisani kaCaiphus Tembe of the Mfekayi clan alleges that surnames like Mkhwanazi only arrived later and had no chiefs during the time of King Shaka, but are now being recognised as traditional leaders by the government while the Mfekayi are sidelined. This dispute highlights ongoing tensions over traditional leadership recognition in KwaZulu-Natal.

Previous

Ntumba, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Next

Ndlovu Izithakazelo noMlando

4 Comments

  1. vusi

    masihlanganeni ku facebook Mankwali, akhona amagroups Abakhwanazi lapho. mina ngitholakala ngegama elithi Vusi Mavithiza Shiba.

  2. BONGANI MKHWANAZI

    NGICELA OVEYANE BANGAZISE UMA KUNEMI HLANGANO YO MNDENI NGI BONGANI MKHWANAZI E PALM RIDGE

    • vusi

      thintana nami ku 0822184350 Vusi, ngikhona naku facebook

  3. Sthabiso

    Syabonga Mlando Wo Ndong, Bengcela ningchazele Kahle, oNdwandwe Bangena Kanjan esbongwen sakaMkhwabazi? Emlandweni.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén