πŸ’›

izithakazelo

Mkhwanazi Clans & Family History | Umlando

Abakwa Mkhwanazi nomlando wabo:

>> Lalela umlando wakwaMkhwanazi <<
Abantu bakwa Mkhwanazi babebizwa ngokuthi abakwa Mpukunyoni. Badabuka eSwazini bake bahlala nabakwa Thabethe nabakwa Mngomezulu. Bagcina behlukana abanye babizwa ngabakwa Mpukunyoni.
Ake Sibalamanise:
Abakwa Mpukunyoni
UMdolomba uzale uCungele no Mantewane,
U-Cungele wazala uVilana ozale uMalanda,
U-Malanda wazala uSomkhele ozale uMtubatuba,
U-Mtubatuba wazala uMgwazeni ozale uMiniyase.

Abakwa Dlangezwa
U-Mdinwa uzale uPhalane ozale uNgogwane,
U-Ngogwane wazala uMuntongenakudla.

Abakwa Mnqobokazi,
U-Mnyenyeza uzale uWokoza ozale abakwa Nkomo,
U-Mantewane uzale uMthethwa ozale uSikhumba,
U-Sikhumba wazala uNkwenkwezi ozale uLomafu,
U-Lomafu wazala uBebesi ozale uMzana,
U-Mzana wazala uMhabahaba okuvele kuye isizwe sakwa Mkhwanazi.

Izithakazelo zakwa Mkhwanazi,
Spheshu, Madubandlela, Somlomoti, Sodilikazi, Nkwaliyenkosi, Ndonga, Mtubatuba, Veyane, Shamase, Sontuli, Somkhele, Lele, Khowa, Malanda, Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mpande yamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa lika Gwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto esikhwebesini,
Kwaphepha inkosi yabe Ntungwa,
Owasingatha ihwahwa kodwa wangalidlulisela emlonyeni,
Mgidla, Lomafu, Nkwenkwezi,
Sikhumba ka Mthethwa ka Mantewane,
Gagisa!!
>> Lalela umlando wakwaMkhwanazi <<

credit for post: indabukoyakho

Dumisani kaCaiphus Tembe of the Mfekayi clan alleges that surnames like Mkhwanazi only arrived later and had no chiefs during the time of King Shaka, but are now being recognised as traditional leaders by the government while the Mfekayi are sidelined. This dispute highlights ongoing tensions over traditional leadership recognition in KwaZulu-Natal.

Previous

Ntumba, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Next

Ndlovu Izithakazelo noMlando

4 Comments

  1. Ndumiso Mkhwanazi bhebhenene

    Ngyajabula ukwazi ngomlando wakithi kwashamase. Mina ngihlala eDlangezwa ko ngogwane,phalane kanye nomuntu onokudla. Ngyanthanda nonke boshamase

  2. Bhekie Mkhwanazi

    Ngingu Bheki mkhwanazi,Kuyangithokozisa ukuzwa nge mvelaphi yakwaMkhwanazi.
    Bengicela ningicobelele Ngo Mkhwanazi oseNewcastle ,Charlestown ,Volkrust ,Phokweni .Uma sibala amakhehla sifike siphelele kuShawani benoGazi.Sizwa ukuthi babegudla umfula Umzinyathi No Thaka ,kodwa asitholi ukuthi babeqhamuka kuphi bezalwa ubani?Obani abafowabo,bexishwa yini?Ukuze sikwazi ukwemuleka kwabanye abaKhwanazi kuhle uma singakwazi ukuzichaza ukuthi singabakwa Shawani ovela kuyiphi indlu ,ezalw nobani laba esebeke babalwa emlandweni

  3. zandy

    Mina ngimgu mkhwanazi mpangazitha ngicela ukwazi umehluko

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén