πŸ’›

izithakazelo

Mkhwanazi Clans & Family History | Umlando

Abakwa Mkhwanazi nomlando wabo:

>> Lalela umlando wakwaMkhwanazi <<
Abantu bakwa Mkhwanazi babebizwa ngokuthi abakwa Mpukunyoni. Badabuka eSwazini bake bahlala nabakwa Thabethe nabakwa Mngomezulu. Bagcina behlukana abanye babizwa ngabakwa Mpukunyoni.
Ake Sibalamanise:
Abakwa Mpukunyoni
UMdolomba uzale uCungele no Mantewane,
U-Cungele wazala uVilana ozale uMalanda,
U-Malanda wazala uSomkhele ozale uMtubatuba,
U-Mtubatuba wazala uMgwazeni ozale uMiniyase.

Abakwa Dlangezwa
U-Mdinwa uzale uPhalane ozale uNgogwane,
U-Ngogwane wazala uMuntongenakudla.

Abakwa Mnqobokazi,
U-Mnyenyeza uzale uWokoza ozale abakwa Nkomo,
U-Mantewane uzale uMthethwa ozale uSikhumba,
U-Sikhumba wazala uNkwenkwezi ozale uLomafu,
U-Lomafu wazala uBebesi ozale uMzana,
U-Mzana wazala uMhabahaba okuvele kuye isizwe sakwa Mkhwanazi.

Izithakazelo zakwa Mkhwanazi,
Spheshu, Madubandlela, Somlomoti, Sodilikazi, Nkwaliyenkosi, Ndonga, Mtubatuba, Veyane, Shamase, Sontuli, Somkhele, Lele, Khowa, Malanda, Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mpande yamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa lika Gwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto esikhwebesini,
Kwaphepha inkosi yabe Ntungwa,
Owasingatha ihwahwa kodwa wangalidlulisela emlonyeni,
Mgidla, Lomafu, Nkwenkwezi,
Sikhumba ka Mthethwa ka Mantewane,
Gagisa!!
>> Lalela umlando wakwaMkhwanazi <<

credit for post: indabukoyakho

Dumisani kaCaiphus Tembe of the Mfekayi clan alleges that surnames like Mkhwanazi only arrived later and had no chiefs during the time of King Shaka, but are now being recognised as traditional leaders by the government while the Mfekayi are sidelined. This dispute highlights ongoing tensions over traditional leadership recognition in KwaZulu-Natal.

Previous

Ntumba, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Next

Ndlovu Izithakazelo noMlando

4 Comments

  1. Ntombifuthi Mkhwanazi

    Makhwanazi amakhulu lezi ezibhalwe la zihlukile kunalezi engizaziyo kodwa ngiyajabula ukwazi ezinye izithakazelo kanye nendabuko yoNdonga, nime njalo boNkwali

    • Simphiwe Mkhwanazi

      Impela dade nami ngazi ezihlukile kunalezi. Kodwa okuyizona ezibalulekile uNkwaliyenkosi, Shamase, Ndonga, Veyane kaMayanda ngoba engathi wonke uMkhwanazi ubiza zona. Mina abakithi bangapha eNquthu naseMvunyane eVryheid. Thina siqhubeka sithi ”
      Mpangazitha, Gandela, Mayaka, nina bakabunzi ekhulu, nina bakahlabana ngemihlathi yezinkomo zamaNgwane, nina abengena endlini kaNokwane, Mkhwanaz’omkhulu”

  2. mukelani mkhwanazi

    bomkhwanazi sizan nangu umkhwanazi wakini ngxakekile zi mpande zama doda ngcela ningsiza ngomsebenz nomengabo wase factory noma onjan asdalelwang uk’hlupheka thina slobolela amadoda ongakwaz kungsiza cela a invt on f.b umukelani mkhwanazi uzothola mina ngedwa maw search kant nanomaw muph mkhwanazi angang addr ngse dbn ngok’hlala kant nomengabe ukuph umsebenz sngak hlela ukfika kwam my numbr is 0845147556

  3. Nkosinathi Mkhwanazi

    Am very grate ful to knw ma clan names bt am wrrd wth 1thng i dnt knw ma father who’s Jabulani Mkhwanazi who live in Joburg at Tsakane my elder brother is Buti Mkhwanazi whom i dnt knw if any1 who cn help me plz contact me 0783211717 or 0621791220 plz plz…

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén