πŸ’›

izithakazelo

Mnguni, Gumede, Khuzwayo

Mnguni
Mnguni ka Yeyeye, Qwabe, Gumede, Khondlo, Phakathwayo, Malandela, Mpangazitha, Caluza, Ndlela, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mzimela, Mfeka, Donda, Maphanga, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Nozulu, Msiza, Khuzwayo, Mazalankosi
>> Lalela Umlando wakwaMnguni <<
>> Lalela izithakazelo zakwaMnguni<<

Gumede
Yeyeye, Caluza, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mfeka, Mzimela, Donda, Maphanga, Mpangazitha, Phakathwayo, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Qwabe, Msiza, Nozulu, Malandela, Khuzwayo, Khondlo, Mazalankosi

Khuzwayo
Gumede, Qwabe,
Mnguni ka Yeyeye, Khondlo
Osidlabehlezi baka Phakathwayo,

Umnguni, Gumede no Khuzwayo abantu banye laba bonke badabuka ku Mnguni.

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Amangwane, Hlongwane, Khanyile

Next

Abakwa Khumalo

11 Comments

  1. Siphamandla

    Ngiyaziqhenya ngokuba ngu Gumede

    • GMD HOUSE PLAN DESIGNER

      Amandla kulelizwi!…I like that…

  2. Mpikayiphikiswa

    Mnguni-Gumede -Qwame- Khuzwayo Mzimela ka Yeye, oMphaka phoswa owaphansa Amakhossi angaka phonsi onozulu Nogwindla ophuza emphomphomeni ngo emadolo mande ngigcina lapho?

    • Thabsile

      Ngiyajabula kuthola kabanzi ngesbongo sam nezthakazelo Khuzwayo

  3. Ntombikayise Khuzwayo

    Where do I find the Originality photos of Khuzwayo King Mnguni Gumede?

  4. TSG

    Ngibonga bonke abacacise okuningi ngomlando wakwa Gumede ebengithi ngigcwele ngawo kanti kuningi ebengingakwazi. Ziningi izithakazelo engiqalayo ukuzizwa ngoba thina siyaye sisho U Yeyeye, uMnguni, uPhakathwayo, uKhondlo, uQwabe bese sigcina ngokuteketisa ngombuzo othi “Ntabani Leyaya?” – Impendulo ithi “Ungoye Gumede!” Lokhu sikususela emlandweni othinta isehlakalo somndeni wakithi owawusOngoye ….. Indab’ ende yona lena kodwa-ke elandela uzalo lwaboGumede ababalekela eNyakatho ngesikhathi sika Shaka. Loluzalo lwaqamba ubukhosi bakwaGumede obukwaMduku (NgaseHluhluwe) lobubukhosi busekhona namanje sebuphethwe yindodana ka Simon Hulumeni Gumede. Abanye badlulela phambili badala obunye ubukhosi (baKwaMashabane) obuphethwe wu Sizabantu, ka Zikhungu, ka Ndabazampi, ka Manaba, ka Mahlabeni owayekhona kusukwa Ongoye. Baningi-ke laboGumede ngoba nami nje ngiphuma kwenye yezindlu zabo okukhona o Mfuzi, kaMziki ka Madumane, kaSoshangane naye owayekhona kusukwa Ongoye.

    • Nozipho

      BOPHAKATHWAYO NGICELA UKUBUZA NGINGAYITHOLAPHI INCWADI OR UMQINGO I NOMLANDO NEZITHAKAZELO ZAKA KHUZWAYO??????

    • Sanele Khuzwayo

      Mnguni, ngiyathokoza ngo Lwazi. Ngizwile ngomhlangano noma uMthandazo ozoba soNgoye ngezi 25-26 November 2023 ukukhumbula lomlando owusho lapha.

  5. sipho

    Ngingathanda ukukwazi ngemvelaphi yakwa Mnguni

    • Monicca Gumede

      Ngisacela ukubuza ngihlangene nensizwa yakwa Sabela kodwa Ibiza isithakazelo zika Gumede ngabe sihlobene?

      • WANDA GUMEDE

        Salwa nabakaNomo(abazishintsha bathi ngoSabela) siholwa yonkosi uPhakathwayo empini yeziChwe zakaMthethwa neZinkonde zakaQwabe Sabehlula wathi uDingiswayo “ngoba Nomo usabelile ngikubiza usungu Sabela” dadewethu ungambizj nangephutha uSabela noma uNomo kwizithakazelo zakwethu kaQwabe bona oSabela bayazibiza izithakazelo zakaQwabe kodwa esikhundleni sikaPhakathwayo bathi Somnomo nathi asimubizi uSomnomo sithi Phakathwayo ngoba labobantu bashona bengaxolelene kusanempi phakathi kwabo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026