Mnguni, Gumede, Khuzwayo

Mnguni
Mnguni ka Yeyeye, Qwabe, Gumede, Khondlo, Phakathwayo, Malandela, Mpangazitha, Caluza, Ndlela, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mzimela, Mfeka, Donda, Maphanga, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Nozulu, Msiza, Khuzwayo, Mazalankosi
>> Lalela Umlando wakwaMnguni <<
>> Lalela izithakazelo zakwaMnguni<<

Gumede
Yeyeye, Caluza, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mfeka, Mzimela, Donda, Maphanga, Mpangazitha, Phakathwayo, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Qwabe, Msiza, Nozulu, Malandela, Khuzwayo, Khondlo, Mazalankosi

Khuzwayo
Gumede, Qwabe,
Mnguni ka Yeyeye, Khondlo
Osidlabehlezi baka Phakathwayo,

Umnguni, Gumede no Khuzwayo abantu banye laba bonke badabuka ku Mnguni.


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

131 thoughts on “Mnguni, Gumede, Khuzwayo”

  1. Ngiyawuthanda umlando wakamnguni kusukela endodaneni endala

    Reply
    • Nami @Sboniso ngilanda lapho endodaneni endala bafo

      Reply
  2. Mina ngiwuMNGUNI, MZIMELA GAGASI LWANDLE KALUWELWA LUWELWA IZINKONJANE NGOBA NZINDIZELA PHEZULU, BONA ABAMBEWU MBILI ABANYE BAMNYAMA ABANYE BAMPOFU, YITHI LABO!!! PROUD

    Reply
  3. Mzimela Mnguni Donda Lwandle aluwelwa luwelwa ziNkonjane Ntshishwayo wena wase Ndingazeni Veziwomlomo Sihubela Sbhakuza salolukhethe Njingili. Ilezi ezikaMzimela engizaziyo ngyazi kukhona more kodwa lento yokungfakela oGumede

    Reply
    • ngivumelana nawe weSbonelo, angimaz mina uMzimela wakoGumede ngaz ukuthi omnguni ababili abangafan labo. Ngyaxolisa kobhalile

      Reply
      • Sbonelo:
        Uma umMnguni ethakazelwa kubizwa uMzimela ake uypbiza kwabadala bazokusiza. Ayikho sikhethe ukubhala Ku internet ukuze kusizeke abangazi, Abaziyo bona bangasisiza ngokuthi babhale kuma comments.

      • Ngyavuma nami cha uGumede ngimazi emunye noQwabe noKhuzwayo njengoba nathi kwaMzimela sazi uMfeka, Ntaka ,Donda yebo singoMnguni sonke koda sehlukene kakhulu.

      • Mfeka,Mzimela yinto eyodwa.buza ngkuchazele yimi owase Mazimeleni.0828381433.singu Mnguni wasolwandle abanye oMnguni kusibo abakithi abanye benziwa yindlala nokungazi behanbe bezifaka nje,cha mina anginjalo Mzimela iyazisho lento futhi inhle ayidingi ukoniwa sizimele asincikile

      • uGumede noMzimela they share isthakazelo esisodwa qha uMnguni

    • UMfeka wayezalwa uGumede kuyindodana endala,wabe eseshiyelana ugwayi nodadewabo wambamba oqitsheni uGumede wanengwa washaya uMfeka waze wamphosa olwandle.emva kwezinsukwana waya olwandle uGumede lapho amphose khona wafike washisa inoni kusenjalo memfu uMfeka ehlamba emanzini olwandle eza kuGumede,wabe esethi uGumede:isenzo osenzile sibi njengoba uzimelele ngomsila kudade wenu ngakho-ke awusesuye uMnguni kaYeyeye usungu Mnguni wasolwandle njengoba uphume olwandle nje zimele.Savela kanjalo ukuthi singabase Mazimeleni sizimele .Umfeka,Mzimela yinto eyodwa yibo kuphela uMnguni wasolwandle.uma uthi Mnguni usuke ungakasho lutho.Mina ngatshelwa uMkhulu wathi singaganwa kwa Gumede akusibo abakithi ..nansi inamba yami 0828381433 .

      Reply
      • Uyabona Xolani wabeka kwacaca bha incazelo yakho iyezwakala

      • Ngiyavumelana noXolani. IMA uthanda ukupjikisa kumele wenze more one research from different sources. Uma usukuMfeka awukwazi ikudlulela kuyise ongeyena uGumede, why. IMA uthi batholakala kwaNdwandwe lokho akusho okuthi bazalwa khona. Kungenzeka ukuthi bayakhona ngoba bebalekela uGumede owamdingisa emndenini uMfeka.

      • KwaNdwandwe kuzalwa uMngcwanga
        UMngcwanga uzala uFekhaya
        Isizukulwane sakhe uNhlekela noZwana noPhakathi
        UNhlekela uzala uMsane
        UZwana azale uMzimela
        UPhakathi azale uMfeka

        UMsane noMzimela kanye noMfeka yinto eyodwa ngimile kulelo.
        UNtaka uqale eZaphowane ngokudla izintaka labo bangabakwaMzimela.

        Ngiyacela ukuba ubaba ake ashiye iEmail addresses yakhe ke sithintane ngoba yena ukhombisa ukuba nenzondo ngabantu bakwaMfeka.
        Awukwazi ukuhlanganisa uMfeka noGumede ngoba abazani. UMlando uma uwazi kahle uQwabe noZulu banto yinye. So wena uma kuwukuthi uyakuphika akungagcini sekudukisa abantu ngoba okushoyo sekufana nentimbothi mase uhlanganisa izibongo ezingahlangani

    • Into eyenza kubenokuphikisana okukhulu kangaka phakathi kwabaNguni wukuthi kunezizwe ezabekwa nguShaka. Ngingenza isibonelo ngoNqetho. Emva kokuba us haka enqobe uPhakathwayo kwaQwabe, wabeka uNqetho ozalwa ezindlini ezincane kwaQwabe. Ngenxa yolwazi olufishane ungathola abantu bakwaNqetho abanye bengasazi ukuthi bangaMaQwabe, abaNguni. Uzwe umuntu ephika ukuthi bavela kwaGumede, Mnguni kaYeyeye kodwa angakwazi ukusho umlando wesibongo sakhe before uShaka. Umlando kaYeyeye, Gumede, Mnguni,njll, usukela emuva kuIshmaela kaAbraham. Baningi asebaphuma kulolozalo bagcine nabo sebenomlando wabo ongasamfali uGumede noMnguni noQwabe. Noma bengasabafaki labokhokho babo ezithakazelweni, lokho akuwuguquli umlando wokuthi bayinzalo yakhona. Esinye isbonelo ngesabantu bakwaZulu. NgamaNguni oZulu kodwa abanye babo abasamfaki uGumede noMnguni yize bezalwa khona. Abanye babethi noma sebehlubukile noma bagxoshwa emndenini ngezizathu ezithize bangakulibali ukuqhubeka negama likaMnguni ongukhokho wabo. Kukhona ngisho abayisende likaKhondlo kaQwabe(okungesiwo umlando omdala kakhulu), asebekulibele ukuthi baphumaphi. UKhondlo wayenabafazi abaningi kanye nezingane eziningi. Esinye isibonelo ngabantu bakwaMzimela, kuvelaphi ukuthi uMnguni ovela olwandle? Uma uthi indabuko yabo bakhe eMpangeni, uyazi yin I ukuthi leyondawo(ongoye)bekungeyakwaQwabe? Abantu baseMazimeleni babekwa nguShaka kuleyondawo ngoba ingasenamuntu. Abantu bakwaQwabe babeyishiye kudala, engakazalwa noShaka lowo, sebethuthela eMthandeni. Nabo abaKwaQwabe, akusibona bonke abathuthela eMthandeni. Ngakho-ke ukuthi “uQwabe ovela eMthandeni” yisisho nje, not isthakazelo. Emthandeni yikoMkhulu labantu bakwaQwabe kulesikhathi samanje.OGumede, Qwabe, Mnguni, abanamncele, lonke izwe ngelabo.

      Reply

Leave a Comment