Abantu bakwa Myeni babebizwa ngokuthi abakwa Myeki besahlala eBabanango eduze komfula uMhlathuze.
U Mlambo wazala u Ngwenya no Nsinde. U Ngwenya wabe esakha isizwe sakwa Ngwenya kanti uNsinde wenza esakwa Nsinde.
UNgwenya uDuma, u Duma nguye abantu bakhe abagcina bengabakwa Myeni.
Bagcina befuduka baze bayofika eNgwavuma lapho abafika khona bahlala nabantu bakwa Mngomezulu ababebuswa yinkosi yabo uZondiwe.
Ake sibalamanise abakwa Myeni:
uMbambo wazala uMabaso (Hhayi wakwa Mntungwa)
uMabaso wazala uNgwenya no Nsiande,
uNgwenya wazala uDuma,
uDuma wazala u Mdolomba,
uNsinde wazala u Maguma,
uMaguma wazala uLundini,
uLundini wazala uVuma no Mlangazi,
uVuma wazala uSiphike owazala uMkakwa,
uMkakwa wazala uNkunzi,
uSiphike ka Duma wathuthela eSwazini, lapho afike akhothamela khona.
Izithakazelo zakwa Myeni:
Mdolomba,
Mzukase,
Mnguni,
Mzimela,
Mziyankatha.
njabulo I Msweli
Please am in need of izithakazelo zakwa mashaba plz assist
nosipho
Loool m too want zithakazelo zakwa hafene
Nkosinathi Myeni
Izithakazelo zakwa Myeni
Mnguni Ngwenya Mdolomba wena waseNingizimu mabalekela insingizi,wena owawela iMfolozi neMfolokazana wena ongeneli entendeni yesandla,Ntombi zenda ngonyezi ezabanye zenda ngomnyama. Thumbeza Samela Duma
Nonhle Myeni
haaa sihlobene nongwenya futhi ay ngeke sigane phela suka