Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi
Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!
Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:
sabatha mgoboli
http://sabatha3.wixsite.com/mgoboli-sabatha/video
Gatsheni Ndlovu
Indaba yesibongo sakwa Ndlovu iyinkinga ngoba abanye bathakazela bathi “sehla ngesilulu sasoSuthu, sadla inyama singayidleli ogqokweni siyidlela enyongweni”
EyobuSuthu ilokhu ivela njalo esibongweni sakwa Ndlovu.
Lena-ke yokuthakatha kuka Mpongo iyiqiniso ngoba njengoba sibizwa ngabakwa Mthiyane nje asihlobene thina noMthiyane owuZondo kodwa singoMthiyane ngesigameko ngoba abakwa Ndlovu babentshontsha izinkomo zikaMacingwane wakwa Mchunu kanye nezakwa Khanyile uma zidla edlelweni. Babona abantu ukuthi izinkomo zabo ziyaphela ziqedwa abantu bakwa Ndlovu kwase kuvela isithakazelo esithi “Mthiyane ngokuthiya izinkomo zamadoda”
Eyakwa Ndlovu inkosi yayibuye ithumele amanqe andizele phezu komuzi kaMacingwane kodwa lokho kwakwenziwa ngemithi namakhubalo anzima ngoba yayiqinile inkosi yakithi.
Swelele Ndlovu
Minake MaGatsheni ngizalwa khona kulaba okuthiwa babuya eLesotho, ngizwa kuthiwa sehla ngesilulu sihuba ihubo lakwaNdlovu sibuya eLesotho. Manje angazike ukth kwakungubani owayesihola noma owayephethe thina ngileso sikhathi, kdw ngike ngizwe ukuthi umlando wethu uphatha uGatsheni ubale noMpongo noZingelwayo, Lamula Mdingi Ngema njalo-njalo. Engifisa ukukwazi kakhuluke kubafwethu nobaba laba abaseQhudeni ngoba mina ngiseMsinga kdw ngiyezwa ukuthi sizalwa sonke nguZiswana owayezalwa nguBhaza yena eZalwa nguNomakhwelo. Ngifisa ukuthi kengicaciseleke ukuthi kunyuka kuze kuyoxhumana kanjan lephezulu koMpongo noZingelwayo. Mina ngizalwa wuShantsha ezalwa wuYisaka ezalwa wuMlungwana yena ezalwa wuZiswana kaBhaza…. Kuze kuyofika koMpongo ngyabonga MaGatsheni!
Phumlile
Swelele please contact me on 0763973828. Mina nawe ngathi sisozalweni olulodwa ngo Mlungwana.