Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
U-Gatsheni wazala u Lamula,
U-Lamula wazala u Zingelwayo,
U-Zingelwayo wazala uMpongo,
U-Mpongo wazala uNgema,
U-Ngema wazala uMdingi
Izithakazelo zakwa Ndlovu
Gatsheni, Boya beNyathi,
Obusonga busombuluka,
Mpongo ka Zingelwayo,
Nina bakwa Ndlovu zidla ekhaya ngokweswela abelusi,
Zase ziluswa intombi uDemazane,
Nina baka Demazane Ntombazane,
Nina bakwasihlangu sihle,
Mthiyane!
Ngokuthiya amadoda emazibukweni,
Mdubusi!
Umlando wakwaNdlovu | Ndlovu clan history:
Cindezela lapha ukulalela umlando wabakwaNdlovu
More about Ndlovu NomlandoEducational videos
π SEARCH π+ ADD CLAN NAMESβΆ UTube Channel
Kanti oNdlovu Mkhandela bona badabukaphi
Ngicela usizo ngemvelaphi yesibongo sami
Mthonti; Lamula; Mwelase ongaweli ngazibuko Owela ngempambosi zomfula; Mpangazitha Ukhokho wethu ngu-Sigananda
Mina ngphuma kwelika Mzilikazi eZimbabwe ngyathanda ukwazi ngoladu wakiti wakiti wako Ndlovu. Uma sibuza omkhulu ngomladu wethu basikhomba eNatal bathi basuka eNatal ngeskhati sika Tshaka.bati basuka bebaleka ngoba bantshosha inkomo zikaTshaka.