izithakazelo

clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Imbila yeswela umsila ngokulayezela meaning

Immbila yeswela umsila ngokulayezela: Kusho ukuthi wosukuma uzenzele unganaki abantu futhi ungathumeli.

Akukho ntombi yogana inyamazana meaning

Akukho ntombi yogana inyamazana : Kusho ukuthi noma intombi isaliwakazi kodwa iyawuthola umendo nezesheli iyazithola futhi.

Zala bantu ziye ebantwini

Zala bantu ziye ebantwini: Kushiwo ezintombini ngoba ziyabala abanye, ziqome abanye, futhi azihlali.

Ukubona kanye ukubona kabili meaning

Ukubona kanye ukubona kabili meaning: Kusho ukuthi angisenakuphinda ngiyenze into enjengalena. ngibone ngibonile.

Kuhlonishwana kabili meaning

Kuhlonishwana kabili: Kusho ukuthi nawe hlonipha okuhloniphayo.

Ikhotha eyikhothayo meaning

Ikhotha eyikhothayo- Kusho ukuthi kusizwana kabubili,
nawe siza okusizayo.

Lixhoshwa libhekile meaning

Lixhoshwa libhekile- Kusho ukuthi umuntu udidwa into ayaziyo.

Umhawu usuka esweni meaning

Umhawu usuka esweni- Kusho ukuthi umuntu ubona ngamehlo
bese uyahawukela.

Kawuwelwa umfula ugcwele meaning

Kawuwelwa umfula ugcwele– Kusho ukuthi ungaweqi amazwi
abadala wothola ingozi.

Iso liwela umfula ugcwele meaning

Iso liwela umfula ugcwele– Kusho ukuthi umuntu usuka aze
asuke nalapho kungasafanele.

Page 3 of 1198

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: