izithakazelo

clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Akukho qili lizikhotha emhlane

Akukho qili lizikhotha emhlane: Kusho ukuthi noma ungaze uhlakaniphe kodwa ngeke wehlule bonke abantu.

Imbila yeswela umsila ngokulayezela meaning

Immbila yeswela umsila ngokulayezela: Kusho ukuthi wosukuma uzenzele unganaki abantu futhi ungathumeli.

Akukho ntombi yogana inyamazana meaning

Akukho ntombi yogana inyamazana : Kusho ukuthi noma intombi isaliwakazi kodwa iyawuthola umendo nezesheli iyazithola futhi.

Zala bantu ziye ebantwini

Zala bantu ziye ebantwini: Kushiwo ezintombini ngoba ziyabala abanye, ziqome abanye, futhi azihlali.

Ukubona kanye ukubona kabili meaning

Ukubona kanye ukubona kabili meaning: Kusho ukuthi angisenakuphinda ngiyenze into enjengalena. ngibone ngibonile.

Kuhlonishwana kabili meaning

Kuhlonishwana kabili: Kusho ukuthi nawe hlonipha okuhloniphayo.

Ikhotha eyikhothayo meaning

Ikhotha eyikhothayo- Kusho ukuthi kusizwana kabubili,
nawe siza okusizayo.

Lixhoshwa libhekile meaning

Lixhoshwa libhekile- Kusho ukuthi umuntu udidwa into ayaziyo.

Umhawu usuka esweni meaning

Umhawu usuka esweni- Kusho ukuthi umuntu ubona ngamehlo
bese uyahawukela.

Kawuwelwa umfula ugcwele meaning

Kawuwelwa umfula ugcwele– Kusho ukuthi ungaweqi amazwi
abadala wothola ingozi.

Page 3 of 1198

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: