Mantengu Clan Names & History

MANTENGU,
MLONDO,
GABAYI,
JUBAYEDE,
MKHANUKA,
SONENE,
WENA MKHUZE KAWUWELWA,
UWELWA ZINKONJANE ZONA EZIPHAPHA PHEZULU OMAGEZA, NGOBISI,
EMLANJENI,
AMANZI EKHONA,
NQINA LIKASGAYIGAYI BENO SBHAMU,
UMSHIYA NGAPHI USAMBANE ESAMBA UMGODI SINGAWLALAI,
UMSHIYA NGAPHI UNTUNTHWANE ZIYOHOLELA UMGODI, KWELAKAWAMPUKUNYONI !

Goba clan names & History

Goba, Jangase nday’wece mcengelele nina eningashadi ngobumnyama Kodwa enishada ngonyezi, Nina eningagezii ngamanzii enigeza ngobisi lwenyamazane, Nina eningayidli inyama yokuophekwa nidla eyokosa iscubu sedolo kuphele mdunge, Mbambo umkhonto wagwazelwa embanjwenii zamanye Amadoda kwathulakala!

Izithakazelo zakwa Sibanyoni Clan Names

Sibanyoni, Mathetha,Β  Malambule, Khozakhulu, Ncuncu ephuza kwezinde iziziba ngoba kwesifushane ingabuya nodaka,

Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezihlengelo zomfula,

Nyoni eyakha kabi yabhekisa umyango ngasemfuleni abanye bathi yibambeni abanye bathi yiyekeni ukwenza kwayo,

Dada elabhula amanzi abafokazi baphikisana bathi nibone ngani wathi umathetha kubonakala ngamanzi ukudungana !