Umlando wakwa Mzobe

Originally samaSwazi sifike kwaZulu ngenxa yenkosi uShaka.

Kwakunesomiso kwesenkosi uShaka; kufa abantu, imfuyo isha, ngisho ukudla emasimini. Abantu benkosi uShaka babengasakwazi ngisho ukuhleka ngenxa yesomiso. Wathumela ibutho enkosi uSobhuza wokuqala ukuba kuyocelwa uMzobe agonise izulu esizweni senkosi uShaka.

Nebala kwabanjalo! Safika kwesenkosi uShaka, sagila izimanga. Kwasa ngakusasa sekukhona amazolo, into eyayingasaziwa, kwadlula lane izulu. Inkosi yasigxoshisa ngezinkomo; sanikezwa indawo, sakha umuzi waba inxuluma. UMzobe wabekwa njengenye yezinduna zasebukhosini.

Okwathi ukuhamba kwesikhathi, uShaka wabiza izangoma nezanusi ukuthi nazo azinise izulu njengalokho kwenze uMzobe. Zazama zahluleka, zancama. Inkosi yabe isitshela uMzobe ukuba afundise izangoma nezanusi ukuthi ulinisa kanjani izulu. Hawu! Wala! Waphetha uNgcolwane ukukhipha imfihlo yakithi.

Lokho kwayicasula kakhulu inkosi uShaka; wabe esekhipha ibutho ukuthi lihlasele isizwe sikaMzobe, kwazise phela sasesande sikhulu kweliMthaniya. Salwa nebutho lenkosi uShaka, salinqoba. Lokho kwathukuthelisa inkosi uShaka; yabe seyijuba ibutho elalinamandla elalibizwa ngokuthi iNyonikayiphumuli. Lelo butho lalwa nesizwe soNgcolwane, salokhu sihlehle njalo, saze sayowela uThukela, sehla njalo sigudla usebe lolwandle, saze sazobhajwa kwelamQadi (Thekwini).

Kanti nempi yayilokhu isihubhe njalo. Lokho kwenza ukuthi siqhubeke sigudle usebe, sadlula kwelamanzi amtoti, saze sayobhajwa kwelamaPondo. Yingakho namhlanje unoMzobe abangcwele kwaMaphumulo, eThekwini, Toti nakwelamaPondo.

AbasePondoland bafika lapha babizwa ngokuthi abantu basematolweni, kushiwo amazolo. Hawu! Lezi zakithi zavumela phezulu ukuthi zona zingoMtolo, kanti nathi umsuka wethu singoMzolo, hhayi uMzobe. Kodwa ngenxa yabantu benkosi uShaka ababethefula, bahluleka ukuthi bathi singabaseMazolweni ngoba safika kwesenkosi kwaba khona amazolo; bona babethi singabasemazobweni, kwase kuzaleka uMzobe.

Ikhehla okuyilo elaliphethe isikhwama kwakunguMlenz’bovu yombili, nalelo gama walethwa zinsizwa zakithi ngoba bamugwaza ethangeni ngomkhonto, waphumela kwelinye ithanga, kodwa waqhubeka wala, khona kunjalo. Ingakho singoWalawala; uzokhumbula ukuthi wala, wala, waphetha nesikhwama sakithi.

SingoMnisi bemvula ngoba safika kwaZulu sanisa izulu. SingoBonisa abantu ukuhleka ngoba babengasakwazi ukuhleka abenkosi ngenxa yesomiso esasibulala kwasani. Kwagika thina, bahleka abantu; ingakho singoHlekani.

Ibinda wena wenkosi!

by Mdu “Chief” Mzobe (directly added by the guest on this blog)

Inkondlo yothando ?????? Sthandwa Sami

Inkondlo yothando

??????
Sthandwa Sami
Sengikhona ngingangawe,
Woza mtaka mama,
Woza ethafeni lokuhlangana kwethu,
Lapho okushaya khona umoya opholile,
Laphokuhlanganisekhona umculo wezinyoni ezicikoza kamtoti okokhokho bazo,
Nowezinyosi Ezizingela impova namanzi oju,
Woza sithamundelane izindaba zothando olumingezinyawo oludlula iziqongo,
Sixoxe kunganyakazi zindebe zomlomo
Odlulayo nobukayo angibuke angibone ngisenhlameni yenomfi,
Kanti ubuso bami nokuzithoba kwami yikhona okumshaya ngemfe ephindiwe,
Wozake mtaka mama ngikugqolozele ungigqolozele ezinhlamvwini zamehlo ziphuphuma okwethaba,
Nothando olucwebile oluyaye lushayelwe
ubuwahlawahla behlombe,
Wolwandle ludlalisele phambi kwethu
Luzibumbele imibhimbhi emihle ekhangayo efa ivuke ngukuphazima kuhle okwedangabani ,
Wozake mtaka mama ngikubambe ngqih
ngikuwolele esfubeni sami sethabe othandweni olujulile.

AbakwaMasuku 😍 Masuku Origin // Masuku Clans

AbakwaMasuku // Masuku Origin // Masuku Clan 

Abantu bakwaMasuku kusengabantu bakwaNdwandwe. Abantu bakwaNdwandwe badabuka ngasezintabeni amaGudu.Lezi yizintatshana ezengamele umfula uPhongolo.Ngakho-ke kusashiwo uma kukhulekwa kwaNdwandwe, kwaNxumalo kumbe kwaMasuku kuthiwe ”Ndwandwe waseGudu”noma kuthiwe nina base’Gudunkomo’.iNdlu yaseKhohlo yaMaNdwandwe nokuyindlu yakwaNxumalo yona yazinza ngasentatshaneni iTshaneni enyakatho yomfula uMkhuze nalapho sekulidolobha laseMkhuze khona namuhla.

Indlunkulu yamaNdwandwe yona-ke yakha eMaGudu,iKhohlo lona lakha ngaseTshaneni. Ngakho-ke amathuna okhokho bakwaNdwandwe asemaGudu kuthi awokhokho bakwaNxumalo wona abengaseTshaneni. Abelungu sebaze bakhe iHhotela okuthiwa yiNtaba yeSipoki(Ghost Mountain),ngoba abazukulu bakwaNxumalo kwathi sebakhe kwaGasa(Gazankulu)babuya bezokhuluma nokhokho babo emathuneni ngaseTshaneni.Kodwa-ke abengwadi basebenzisa leli gama ukuheha izivakashi nokusebenzela nje imali.

AbakwaNxumalo babefike noSoshangane kwaGasa(eMozambikwe). Kwathi ngemuva kokunqotshwa kwenkosi uZwide inqotshwa yiLembe uSoshangane waphikelela enyakatho wafika wakha isigodlo sakhe sakwaGasankulu(Gazankulu nomaGazaland) asiqamba ngegama likakhokho wakhe uGasa kaManukuza kaLanga wokuqala.

ENdlunkulu yakwaNdwandwe kwaphuma enye ingxenye eyagcina ibizwe ngabakwaMasuku. Lokhu kwenzeka kanje:Inkosi yakwaNdwandwe uLanga (wokuqala) yakhipha izwi kunomsebenzi.

Le ngxenye yona yapheka ukudla ebusuku yadla yaqeda ukudla iphikisana nesinqumo senkosi. Kwathi uma kuzwakala enkosini ukuthi kukhona abaphikisane nezwi lenkosi lokuthi kungaphekwa,inkosi yakhipha izwi lokuthi kuhle bahambe emzini wakwaNdwandwe,baba ngabakwaMasuku ngokuoheka kwabo ebusuku.

Ngakho-ke ngesikhathi sokubusa kwenkosi uZwide kaLanga isibongo sakwaMasuku sasezivele sesikhona. Iningi labantu bakwaMasuku lahamba nenkosi uMzilikazi, inkosi yakwaSokhumalo.

AMAQHAWE AKWAMASUKU:

Mabili abaqhawe esibongweni sakwaMasuku. Elokuqala nguMadlenya Masuku owabe engumngane omkhulu weqhawe labeNtungwa uMzilikazi kaMashobane. UMadlenya waba ngomunye wezinsizwa ezaqokwa yiLembe ukuba ziyihlasela abeSuthu bakaHanesi.

Lokho kwakuyisu leLembe lokuyobulalisa uMzilikazi ngabeSuthu bakaHanesi ababakhe eNtabazwe(Harrismith).Ngaleso sikhathi uMadlenya kanye nezinye izinsizwa babe sebekade magcina ukulwa izimpi. Lezo zinsizwa uMzilikazi waziqamba igama elithi ‘iMbozisamahlanga’. Wanqotshwa uHanesi kuleyompi, zadliwa izinkomo zakhe.

Kwathi uma kugqabuka igoda phakathi kukaShaka noMzilikazi uMadlenya ukuba ngasohlangothini lukaMzilikazi. UZulu uhlasela amaNtungwa izikhawu ezimbili nje uMadlenya wayelwa ngasohlangothini lwamaNtungwa. Engani uMzilikazi wayezalwa yintombi yakhona kwaNdwandwe uNompethu. UMadlenya wasala empini yaseNtumbane nokuyimpi yesibili amaNtungwa ayilwa noZulu.

UMadlenya wazala uMbiko kaMadlenya owagina eseganwe yindodakazi kaMzilikazi uZinkabi. UMbiko kuthiwa wabe eyinkunzi yeqhawe. Wayehola ibutho elalaziwa ngokuthi ‘uZwangendaba’. Leli butho lagqama kakhulu ngenkathi linqoba amabhunu kaNdaleka Hendrick Potrigieter. Ngemuva kwaleyo mpi uMzilikazi waklomelisa uMbiko ngokumganisela uZinkabi.

Kwabuye kwaqubuka impi yomndeni esizweni sikaMzilikazi ngemuva kokukhothama kwakhe uMzilikazi. Kwathi ngemuva kukukhotha kweSilo uMzilikazi undunankulu wezwe uMncumbatha kanye nezinye izikhulu zombuso kaMzilikazi zaqoka uLobhengula nowayengeyona indlalifa ukuba athabathe izintabo. Inkosana kaMzilikazi kwabe kunguNkulumana owayesadingisiwe ngenkathi kukhotha uyise .uNkulumana wayelamana noZinkabi emhlane.

Kuthiwa ukubekwa kukaLobhengula kwamthukuthelisa kakhulu uMbiko wagcina ngokuphaka impi. Yadumelana-ke ekaMbiko nekaLobhengula kodwa ngeshwa wanqotshwa uMbiko, wafa ebulawa nguDliso kaMkhithika iqhawe likaLobhengula. Leyo mpi yalwelwa endaweni yakwaBulawayo eZimbabwe emfudlaneni owagcina oqanjwe ngayo leyompi kwathiwa umfula INgazini.Kuthiwa ngemva kwempi izinkubela zageza amanxeba azo kuwo lowo mfula.

Ngakho-ke amanzi ashintsha umbala, ngoba ayesexhubene negazi leZinkubela.Inkubela umuntu osinde empini.

Izibongo zikaMbiko kaMadlenya::

Imbongi yakhe kwakunguThuso Msimanga:
Ukhozi lwamafu omkhathi lukaMadlenya
Olumazipho kahlab’esihkabathini somhlaba
Olwakhe emadwaleni ezintaba.
Undabandab’emagudwini’ezindlini nezindlwana
Umdlodloma omnyama wakithi kwaMashobana
Inhlwathi eluhlaza yasesikhotheni

Iphakama lezinyanga elamila ebabeni
Umadlala ngejozi kabuzwanga ngabafokazana
Bethi lo!! Ngumfokabani?
Linzonzobal’elizinz’esiqingweni seSiphilongweni(omunye wemizi yakhe)
Likhulu ngilifanisa noMdlaka eZansi(iqhawe leLembe)
Owapheqa uLangalibalele emaQwabeni
Insali zakhe aziwelanga iMfolozi emnyama ngamazibuko
Zayiwela ngezihlenge zomfula!
Umazi wsmazibuko emifula
Ohamba ethungatha ezibuzis’amazibuko
Yena ewazi!
Impungushe emagegege ngokugegelel’izintaba
Umzila way’ungewulande

Ngumgudwan’ozombazomb’ezihosheni
Umzembazemba wakithi omnyama kaNdaba
Owazemba OJingeni ngomdikadika(iKlwa)
Kwanuka umswane kaNdaleka(ibhunu uHendrick Pottgieter)
Amabala akhona athi gephu umophelo wamaLawu(Amakhaladi)
Owadla iLawu emhlubulweni
Labubulisa okwendlezane yenyathi ifuna ithole
Lakhuza ngaphansi naphezulu
Kwaze kwavela inkambinkambi eluhlaza
Laze lanxambusha amahlwili abomvu!
Usiwelamifula mithathu
Siwel’uMguza siwel’uKhoce siwel’Mbembesi
Sidunga amanzi emazibukweni kusisitheke izingwenya
Zikhumbule imisinga yasemigugwini
Nina baseMazibukweni
Tshelani uMncumbatha ukuthi amanzi awacwebile(undunankulu wezwe)
Kuza igagasi lasolwandle
Kuvunguza isikantulukane saseMampondweni
Lo wancusela amasi phandle
Endlini wesaba abakhwenyana
Ongadelanga ukubusa ngabomo
Wathi Mncumbatha nenzalo yaSwazi gwedlani(inzalo yeSwazi kushiwo uLobhengula ngoba unina uLufulatha wayezalwa kwaShabalala eSwazini)
Akubuse mina
Nina niyawubusa ezizweni!

Umdinankomo nabantu
Enjanj’ingenkomo
Enjanj’ingenyama
Isicwasho siyamanyazela bakaMalandela
Yisicwasho sakoMasuku
Izikode ingangesithando sebibi entwasanyaka(umlilo omkhulukazi)
Sishise isikhotha sasoMabenzela(kushiwo uLobhengula ngoba unina wayezalwa nguMabizela Shabalala)
Sibonga abafoka Mdletsha waseNsindeni(iNsinda kwabe kuyibutho likaMzilikazi lagfina leseke uMbiko)
Sibonga amadodana kaBakakhulu waseLangeni
Abamsingatha ngezihlangu Ojingeni(oJingeni umuzi kaMzilikazi nokuyilapho uMbiko Masuku abulalela khona amabhunu namaLawu)
Imicibisholo yamaLawu yapheca(yanqundeka, yathundubala)
Luqheleleni bo! Ngithi luqheleleni ugiyegiye
Vulan’amasango lungene
Nantu ugiyegiye lukaZwangendaba(ibutho)

Izithakazelo zakwaMasuku:

Sothondose waseGudunkomo
Zwide kaLanga
Nkabahle
Sandla sivika umkhonto kuhle kwehawu
Nina enagunda inkomo nethole layo
Nina baseGudunkomo
Somaphunga
Mkhwatshwa
Inkosi ayiqedwa !!

Iziduko zakwaNtu

Iziduko

AmaXhosa – Omthonyama

  • AmaTshawe – Mdange, Tshiwo, Nkosi Yamntu, Ngcwangu
  • AmaKhwemte – Dabane, Gqabaza, Sgadi, Mekhi, Ntswentswe, Fulashe, Nojaholo, Ncibane, Qhanqolo, Ntlokwenyathi, Ngququ, venge.
  • AmaNkabane –  Majeke, Mayeye, Mthiwembotyi, Noqazo, Ndluntsha, Ntleki
  • AmaJwarha – Mtika, Mazaleni, Jotela, Khatiti, Mnangwe, Mayarha, Mbelu, Ndabase, Bantw’abahle noba bapheth’ izikhali,
  • AmaKwayi –  Ngconde, Togu, Ubulawi, Ngcond’oneentshaba
  • AmaCirha – ooNcibane, Khawuta, Nojaholo, Mhlantla, Nyembezana, Mhlathendlovu, uDlakalashe, Ntswentswe, Qhanqolo, Ntlokwenyani, Sihlobo SikaPhalo, Hloml’iphuthi lidala linempondo, MGcaleka
  • Krila – Mbamba, Thangana, Bodlinja, Mbamba, Krila, Rhaso, Mbombo, Gcaleka, Nkomo zibomvu namathol’azo, Nqele, Bhurhu, Mayisithe, Nomazele,  Gobingca, bhukuxa umthondo uwujongise emntwini
  • Qocwa – Zikhali Mazembe, Jojo, Tiyeka, Butsolo Beentonga, Mbizana, Mabombo
  • ama Mpandla – Mbona, Khawuta, Tshayingwe, Tiye, Khiphe, Mandlana, Tukude, Tyede. amaMpandla asuka kuCentane, akhona nase Xesi, eDikeni, eBhofolo, eDutywa, Cofimvaba naku Gatyane.
  • Mtakwenda – Leta, Libele, Tyebelendle, Ngcwadi, Kwangeshe, Mentuko, Mboyi, Solizembe
  • Mboyi – Maleta, Khwangeshe, Mboyi, Swelezembe, Mentuka, Ndesane, Ngwayibanjwa
  • Thangana – Krila, Mtengwana, Rhaso, M’bamba, Bodlinja, Gobingca
  • Nzotho – ooNyelenzi, ooMaphango, ooMagatyana, ooGxugxa, oo Nabelemntwini, ooWele
  • Tyani – Mdumo, Noqobo, Manci, Gabela, Nontshatsha, amaZotsho amahle nenkomo zawo

AbaThembu

  • Madiba – Dlomo, Madiba, Yem-Yem, Vela bambhentsele, Sophitsho, Ngqolomsila, Tubhana, Qhumpase, Ntande, MThembu, Ncikoza, Mtshikilana, Malangana, Bhomoyi.
  • AmaNtande – Dlomo, Sopitsho, Ngqolomsila, Zondwa ziintshaba
  • mQithi – Ndinga, Nkomo ayizali izala ngokuzaliswa, uRhadu, uNomsobodwana, uSopitsho uNgqolomsila uYemyem uVela bembhentsele, Zondwa, MThembu)
  • Ndungwana – u Bhejula uDiya uMaqath’ alukhuni, uVelabembhentsele, uHala, ooNtsundu, Bhomoyi Zondwa zintshaba zingazumenzanto, ooSophitsho, Yem-Yem, uMThembukazi
  • amaNgxongo – ooNtsundu, bhomoyi zondwa zintshaba, osophitsho.
  • AmaGcina – Xhamela, Helushe, Ncancashe, Magwebulikhula, Malambedlile, Nokwindla, Thyopho ka Phato owathyaphakela eXonxa , Gabul’ ikhula, Malamb’ayendle aty’ igusha athi ziz’ duli zethafa, Nxego, Butsolo beentonga, Dlelanga, Ntlonipho (Bahamba bepheth’isali – ihashe bakulifuman’emlungwini, izinto zabantu abazibi koko bayazigcini, bathi iigusha ziziduli zentaba)
  • Qhudeni – UMthembu, uThukela, uQhudeni, uMkhubukeni, uGoza, uMpafane, uMthembu obhuzuzu, odla amathibane az ‘indlala iwile.
  • Maya – oMaya, oYem Yem oSophitsho, oMagwa, oNgqolomsila, oBhomoyi
  • Mpangela -Mvinjwa, Rhoshana, Ndlazi, Dlomo, Sibetho, Magwala, Gwadzi elisilika bubuhle.
  • Mpemvu – Jali, Gongqo, Manqilo, Mvetshane, nomlomo, utik’ay’vumani nepokotho, uNgqawa, umpund’z’tofotofo, umgqub’ aw’pheli kuphel’ iinkomo zodwa, uJuda, uNtlotshane, Bumela, uNgciva
  • Ndala – Ndala ka Momamana, uMncotshe, Msunu Sdumbu, Thole, Ngxunga Smukumuku, Ndithinina )
  • AmaQoma – ooSigqo, Nyohela, Ngubengcuka
  • AmaNdlane – Mdlane – Tutuse, Nomdimba, Hala, Sophitsho, Yem-Yem, Ngqolomsila, Vela bambhentsele, ntlokwanebanzana
  • Zima – Ceduma, Sopitsho, Bhomoyi, Vela bembhentsele.
  • AmaTshatshu – Tubhane, Ngcombolo, Qhumpasi, Mawuse, oonkanda zibomvu….  Angenyuka ke umntu ezintyontyela de ayokuma ku Thembu. Kodwa ke akholisa ngokuphela nganeno koDlomo. AmaTshatshu ngabaThembu baphuma kulandlu kaBhomoyi.
    Aphuma kukunene kukakumkani uDlomo apha azele khona uMawuse. Isizukulwana sikaMawuse uMvangxeni waya wabizwa ngokuba ngu “Tshatshu olithafa”, kususela kwindlela awayesilwa ngayo ezimfazweni. Inzala yakhe ke yabizwa amaTshatshu.

AmaBomvana

  • Gebe (Mgebe/ Hegebe) – Hegeba, Mthembu, Mduduma, Ndala, Ngubengcuka, Ngaleka, Mdiya, Holomisa, Ngwityi, Mkhasela, Bazindlovu.
  • Tshezi – Fakade, Saliwa, Jalamba, Skhabela, Cetshane, Mqal’ ongangenduku, Njilo-njilo kuya ngaselwandle, uKhayi, uGagashe into ka Ganya, uNdela, uNeneza, iNkonjane emnyama ebhab’ emafini, iinzwana zakwaBomvana, iinto ezinomkhitha kodwa zimithond’wemide, iNyoka emnyama ecanda isiziba, uMkhonto, uMalala nentombi ivuke ithi bhuti ndizeke noba kungeshumi leesheleni, inkosi ezingazange zibutheng’ubokhosi. Zinto ezityafileyo ingathi zidla umcuku.
  • Gqwarhu – omhlophe, Khawu, Ntenge, Mtabasa ka Dingana, Jalamba
  • Bhedla – MNqabe, Mpulane, Mtshoni, Khanju, Mnqabe, Sihlahla sesisundu esithi sigawulwa nje sibe sihluma. Ubhangisa abelungu ngentololwane

EzamaGqunukwebe

  • AmaGiqwa –  Mvamba, Jingqi, Jikijwa
  • OoSithathu – MaNdebe, Khophoyi, Chisana, Hase, iinkomo ezimbovu, OoMfene, Hlathi, Lisa, Jambase, Sanzanza, Canzi, Buswayo, Zangomva eliweni, Msuthu.
  • AmaNqarhwane –  Ziduli, Hintsabe
  • AmaSukwini –  Dibashe, Lawu, ooNjez’bomvu, utiki ayivumani nepokotho, umnqayi linqindi, imvaba yiketile
  • Tshonyane, Chungwa, Dikiza, Sawu, Tota, Simke, Khwane, Hani, Zulu, Mthuzimele,  Gqunukhwebe, Nkomo z’bomvu .
  • Cethe – Chizama, Mlanjana, Bhurhuma, Ncenceza, Mbambo zinomongo, yint’ety’inyama ekrwada, uHani, malahl’aluthuthu ayatshisa wawanyathela ungafa
  • Gqunu
  • amaGqwashu

AbeSuthu

  • AmaNgqosini –  Gaba, Mjobi, Thithiba, Cihoshe, Nozinga, Mntu womlambo, Thikoloshe, Ndoko, Mbokodw’emnyama Kahili, Lalashe, Mshweshwe, Msuthu (Ibali liqala eNtsoanatsatsi ngakumlambo iLigwa apho iKumkani yaBafokeng yafikela khona yatshata inzwakazi yesizwe sabaThwa (!Korana)/ Boroa. Oonyana beKumkani yaBafokeng kuthiwa yayingu Mmutle kunye no Motjope. Yathi yakusweleka iKumkani abantu bayo bangafuni ukuba bakhokhelwe nga “Boroanyana”… Iqela elithile laphuma likhokelwa ngu Mmutle lingumxube wabeSuthu kunye nabaThwa, !Korana. Wasuka ke apho e Ntsoanatsatsi ekhokela esi sizwe. uMmutle uzele uGaba. isizwe sakhe sabizwa ngotata wakhe kwathiwa ngamaMmutle, gama elo elatshintsha kwathiwa ngamaVundle. uGaba wayakungena phantsi kwamaXhosa… AmaXhosa aye axakwa sesi sizwe ababuza ukuba Ngqo-sini? (Niloluphi uhlanga)…(Ngqo=Exactly, Siyini/Niyintoni=What kind of people are you?). uGaba njengamntu owayezelwe ngabaThwa, unintsi lwabantu bakhe yayingabaThwa, esaziwa ngokuba ngu (/Ihoshe Gaboa)
  • AmaMfene – Hlathi, Lisa, Jambase, Sanzanza, Canzi, Zangomva eliweni, Msuthu, Ntsilane.
  • AmaVundle – UVundle, uBhayi kaKhetshe, Inyok’emnyama eyacandisiziba, uMevamhlophe aseCamsholo; uGwaca, uMsuthu.
  • Mvulane – Mvulane, Msuthu, Ncilashe, Gwadela, Papashe, Mev’ amhlophe, Camsholo. Zinja zizelana ngemiva ngokunge ziyaxabana, kanti zigil’ imikhuba….
    (Zinintsi ke izindlu zamaMvulane.Enye yazo iqhubeka ithi: Sizila, Gcobani, Wapenga, Ngcuthushe, Nontshuntshe, Wolela, Khaba lasemzini, Sbhuxa, wayipan’ inkom’ iqhwesha, abantu bakuloXhagalithwele.)
  • Mkhumbeni – Bhayi, Khetshe, Vundle, Ncilashe, Inyok’emnyama ecandiziziba, uGwaca, uMevamhlophe, uCamsholo, uNomtshoni, umthokrakra ongatyiwa nazibhokhwe, uZawukana, uMsuthu..
  • Maduna – Nokhala, Msuthu, Gubevu, Jiyane, Mpungushe, Mandl’amakhulu, Nozikadala, Sjekulana, salakumlandela, uMsuthu.Nkabinde, Sivunguvung’ esawis’ indoda emahlangeni, imamba kandidini ngoba ngimesabile, uNokhala owawela ngempalazo eyaphalazwa ngamadoda, Maduna omuhle ngekhala lakhe, isilo esinamadevu emlonyeni, Ngaculende emabalabala njenge ngwe, iinkomo ezingqukuva azibuyi emzini xa bekulotyolwe ngazo, Ngubengcuka, Tiba,  Mvelase, Salathiso, Novikothek’ukuthetha, Mlamb’unqolintaba, UMaduna owaqengqeleka kwiintaba zoLundi wawela umlambo Ithukela ebhinqe izikhakha. Madun’edakeniiii!!!! Malobola ngez’ngadane osaba ezine’mpondo zahlaba abakhwekazi. Laduma izulu uMagqakaza ubengasekho ekhaya!!!
  • Gambu – Memela, Msuthu Nontuli, Ngwekazi
  • Ndzaba – Msuthu, Bhili, Mancoba, Gase, Mwelase, into ezehla ezintabeni/ezinkahlambeni zishubele ngenqatha lehashe…
  • AmaNtshilibe – Bhanqo ka Nondize, Bobese, Ncangase, Schotho, Candela, Langa, Msuthu, Rarhali, Mntshilibe, Mdumane, NkomoZibomvu “inkomo zimangele azifun ungena ebuhlanti” Tshintsha, NcaNdane, uMatse… Aphuma kwisizwe samaSuthu ekuthiwa ngabaKwena. AmaNtshilibe aqala abusa kumaMpondo asuka emka apho aya emaXhoseni.

EzamaMpondo 

  • OoNyawuza – Faku ofakayo, ungathi uyifakile kanti uyikade eboyeni, Yindlana, Dakhile, Thahla,  Ndayeni, Mpondo, Hlamba ngobubend’amanz’ekhona
  • AmaNtlane –  Mfusana, Ndendela, Gxididi
  • AmaZangwa – Khwalo, Mlanjana, Ncuthu, Sohobese, ooNkuma
  • Khwalo – Mzangwa, Ncuthu, Mzangwa, Mlanjana, Mpondozephela, Ungqoqwana, Sohobese.
  • Khwetshube
  • Tshomane
  • Khiwa – Qwebeda, Khonjwayo,Ngcekula, Ndzondela, Hlaka, Ngetu, Phoswa, Silwanyana, Makalanyana, Sikhehlana
  • Machi – uNomfe ayigotywa; igotywa ngethokazi. Ugeza ngobisi xa abanye begeza ngamanzi
  • Ncalamba – uMajika umfazi obele linye, uTshambula
  • Silangwe – Ndukuda Ntobela Mbhabhama Sothongothi Siwisa Mabelekwa nge tawuli Zotsho Mlawu Chutshela isiHlobo semamba
  • Ngcikwa – Mcobothi, Mgogela, Malandelwa yintombi ithi ndizeke, Sgwamp’esmanywampu-nywampu sayizolo, oonomaling’egogoloza, mabhincel’emvakwecango, ooded’inkom’isele
  • Khonjwayo – uChithwayo uzala uKhonjwayo, uKhonjwayo azale uKhiwa, uKhiwa uzele uNgcekula(Inkosi eyayiphethe ngexesha lakudala ihlonitshiwe)uNgcekula uzele uNdzondela kwindlu yake enkulu(Great House) ,noNtsikinyani ekunene(Right House).UNdzondela wazala uHlaka, uHlaka wazala uNgetu, uNgetu wazala uPhoswa, uPhoswa wazala uSilwanyana, uSilwanyana wazala uMakalanyana, uMakalanyana wazala uSikhehlana, uSikhehlana yena uzala uTatana. Ngoku singena kwinzala yendlu yasekunene kaNgcekula, uNtsikinyana uzele uMakhanda, uMakhanda wazala uNogemane kwiGreat House, kwiRight house wazala uThungana. Masiqale kwindlu enkulu, uNogemane uzele uGwadiso(Dumile), uGwadiso wazala uGodloza, uGodloza yena wazala uNtenteni, uNtenteni wazala uGobizithwana(uZwelidumile) waza ke yena uGobizithwana wazala uDumisani inkosi enkulu ephethe isizwe samaKhonjwayo ngoku. Kanti ke uThungana yena wobunene buka Makhanda uzele uSithelo, uSithelo wazala uPhonyela, uPhonyela wazala uMakhizinyani, uMakhizinyani yena wazala uHlathikhulu, uHlathikhulu yena uzala uThulani.

EzamaMpondomise

  • Jola – Mphankomo, Jolinkomo, Phahlo, Qengeba, Mthwakazi, Sabe, Ndleb’endlovu, Mzi welanga. Somarhwarhwa, Ngwanya, Somadolo, Zwelibanzi, Marholisa, Nomakhala, Njuza, Sthukuthezi, sithandwa mhla kukubi, hoshode, hakaha, mfaz’ obele ‘nye omabele made, oncancisa naphesheya komlambo. Yeyesa, Chirwa, Lembethe, Mgema, Mfaz’obelelide, Gcuma, Ndzabela, Thole lenkwakha, Isibhekubhu esibhebhesha sakulo Yokazi. EsiMpondo zisibhebhelele Ngubholokodl’uphila kuzenzela Mayaba, Ngubo ayinxitywa, Mbarha, Bhukhana, Hobo, Zwelibanzi, Zanemvula, Vambane, Ithole lomthwakazi, Mqeke, thayithayi kade bemthibela, mpumlo engqongqosholo njengengulube, ubholokodlela kuphila kuzenzela
  • Debeza – OoJebe, Nonyanya, Nongoqo, Mbeka, Ntshiyini Bathi uqumbile, Khonkcoshe Mbokodo engava mkwetsho, Xwebisa, Nomanjiya, Mgod’ongeva mkhwitsho, Shleka nanja, Longw’elingacholwa nangabafazi. (ubuKumkani bamaMpondomise bulapha, kummandla wase Tsolo, Qumbu & Mthatha)
  • AmaMpinga –  Senzwa, Mawawa, Wawuzile, Mbhala ka Nqoshe, Ntoyomntwana ingaphuma uboya ilingene abadala, ingaxhonywa exhantini seyiyeyezinja (ooMpinga ngamaMpondomise. AmaMpondondise sisizwe esisuka kuMpondomise, iwele lika Mpondo, uXesibe eyimfusi… Bobathathu bezalwa ngu Njanya unyana ka Sibiside . UMpondomise uzele uNtose inkulu yakhe, uNtose wazeka amakhosikazi amathathu. Eyokuqala inkosikazi kaNtose yazala uCwera, eyesibini yazala uMpinga, eyesithathu, uNdlunkulu wazala uNgcwina, wayiNkosi uNgcwina. UMpinga lo wazala amawele uMawawa (elidala) kunye noPhahla (elincinci), uMbhusha eyimfusi. UMawawa wazala uSenzwa. uSenzwa wazala uNtomntwana, uNqoshe, uSineka kunye no Debeza, uNqoshe wazala uMbhala.)
  • AmaMpehle – Vengwa, Dikana, Cabashe, Nohushe
  • Skhomo – Umntu womlambo, Tshangisa, Mhlatyana, Rhudulu, uNxub’ongafiyo ofa ngokuvuthelwa, Mngwevu, Jola, Manz’amnyama, Qengebe, Mhaga, Oshode, uNjanye, uNcuku, Zitha, Ngcengane, Bodlinyama, Nonkasa, Ufak’inyama emlanjeni iphum’ivuthiwe, uWashota, intonga yokugqugqisa amankazana phezu komlanjana. Njuza, Nabela Mntwini, Gaduka, Mduma, Zulu khaya labangcwele, Mngwevu, Mpondomise, Ath’amanyamadoda ebal’inkomo abe yena ebal’inkwenkwezi. Isilo somlambo apho zihlelikhona ingwevu zethu ziphulula uswazi lokuqeqesha oomakoti zibafundisa ukuhlonipha ikhaya. Omathandwa mhla kukubi, Hlakanakwena!
  • Gxarha -Cwerha, Vambane, Mahlahla, Mlawu, Potwana
  • AmaNgxabane – Mdatshi, Rhibela, Ncokazi, Meyiwa, Bhodi, Bhabhanomhlehlo, Tyotshana, uSibalankwenkwezi – abany’ abantu bebal’ iinkomo nje, amathol’ omThwakazi, ooNtam’ inemida njengenkunzi, amaMpondomis’ omthonyama nozwane, iziziba zeTsitsa zingenwa ngugqoloma weTsitsa neChulunca kuphela, ooMbambo ezakheke njengezentaka, ooBhenc’ akanantongo, ooSidulana eselubhelu sethafa, ooNonto yenja yinkongolo, beyidla beyithufela!
  • OoNgcitshana – Mbulelwa, Nomkhanzi, Rhonqa, amaQam ooTshemntu
  • OoNxotha
  • AmaQadi – Dosini, Mqadi, Ngqwili, Nondlobe, Ngcwina, Ngwenya
  • OoGcanga
  • OoDosini
  • Nxuba – Mduma, Rhudulu, Mngcengane
  • AmaNgwevu – ooTshangisa, ooSkoma, ooZulu, Oo Mhlatyana, ooRhudulu
  • OoQhinebe – Gqugqugqu, Zithonga-zithathu, Haha, Njemnyama, Nondela, Phazima, Mpondomise, Mlunjwa, Phalela, Mkhomanzi, Duka namahlathi, Umth’ omde owavelela eHoyita!
  • OoMhaga – (noSabe, Amawel’ukuzana, uQwetha noGqubushe)
  • OoMabhengu
  • OoMnjuza
  • OoBhukwana – ooMbara, Mtshobo, Phaphulengonyama, Into ezingaphathwa mntu ngoba zizinkosi ngokwazo
  • OoZongozi – ooSenzela ooPhondo liyagexeza (bazalwa nguNtose kaCirha ikumkani yamaMpondomise, hayi lo wamaXhosa)
  • OoNdobe
  • OoFola
  • OoNxasana – NguSikonza, uNxasana, uTotoba, uDunjane, uMalilelwaziintombi zithi ndizeke, adinamama andinatata, uBhili, uMagazo, uLunguza, gastyeketye umbona obomvu othandwa ngabantwana
  • OoNqana
  • OoDedeza
  • OoKrancolo – Mgema, Msiza, Malamba, Mbuyeni owasela amanzi oMtata, Mbuyeni owadla uMtata, Nombiza ndophule naba abantu besiza, Nombiza ndophule undithathe undibek’ entla undive apho ndimnandikhona. Nyathi, Nonkobe ndophule, Mlanjana, Thole Lomthwakazi.
  • Magoba – ooNziphazi,
  • Mpehle
  • Skhoji – (Inzala ka William Saunders wase Scotland)
  • AmaNdila – Ndila , Nyezile, Qangaza kawongqili, Ndlwan’inisematyeni,  Ndulin’ophezulu,Mndini, Fulela kunetha,Tshunguza, Cekwana,Gadluma, Tshutsha, Simnde, Mtshakazi, Phaphu lengonyama, Jamel’ijekeja, Msili kaNonceba, Roqolombashe, Nomatsinyane, Nomathebe, Mpondomise.
  • Tayi – Senzwa, Mawawa, Wawuzile, Bholokoqoshe, Ntoyomntwana ingaphuma uboya ilingene abadala, ingaxhonywa exhantini seyiyeyezinja (ooMpinga ngamaMpondomise uMpinga uzalwa nguNtose)

AmaMfengu (AmaMfengu ayisosizwe. Eli ligama abantu ababebaleka iimfazwe zeMfecane (1800s) ababebizwa ngayo… Kuba kusithiwa baMfenguzile, babhacile, babalekile, bayishiya imizi yabo bazokwakha kwiMpuma Koloni aquka iqela elithile kumaHlubi, amaBhele, amaZizi, amaNgwane, etc. Bathi xa befika kwelamaXhosa bathi “simfenguzile, sibaleka iimfazwe zemfecane, sicela umhlaba”)

  • Maduna – Gubevu, Nokhala
  • Nkomo – Mntungwa, Khumalo, Mdletye, Sichaba, Dubandlela, Noyila, Mpondozephela
  • Nkwali (Mfengu/Hlubi) – Bhukula, Mkhwanazi, Nkwali ye Nkosi, uMagcoba, ULusu lwengwe nengwekazi, umabuzubuzwane, inkonjane emnyama ebhabhela phezulu
  • Tolo – Dlangamandla, Zulu, Mchenge, MaBhanekazi, Nongwandla, Ngwenyankomo, Masali, Mfingo, Amajubantlantsi, Vumba lempongo liyanuka, Nozinja Ziyakhonkotha kuba zithi: Hawu! Hawu! Hawu! Xa zibon’ umnt’ ozayo, Nozinja ziyaqhingana kanti zenz’ umntwana, Umlamb’ awuwelwa uwelwa ziinkonjane kuphela zona zimaphiko made, Nkomo zikaGaxaza, Oonkuni azothiwa kuba zithezwe yinkosazana, Bona babasa amadaka eenkomo zabo, Izinto ezifuye inkomo zafuya negusha nehashe.
  • Dlamini (Zizi) – Zizi, Jama kaSjadu, Mabetshe, Bhanise, Ngxib’inoboya, Fakade, khatsini, mtikitiki, nomana ndab’azithethwa intsuku ngentsuku,bhengu, nonyathi
  • Shweme – Limakhwe, Gqagqane, Gusha, Zilamkhonto, Nolundi, Malilelwa Zintombi zisithi Buti ndizeke, Bhamla, Songololo, Gabuza, Maqumba kuze kuse maxa enomsindo, Mangango Phululwa, Bhamla, Untaba
  • Ndlangisa – Thole, Gqagqane, Mcaca, Buzini, Welane, Ndlangisa, Nkonjane, Mfingo, Thombeni, Mzimshe, Lwandl aluwelwa, luwelwa ziNkonjane zona ma phiko made, uMpundeshe, uKhweleta, uDuma
  • Jama – Sijadu, Fakade, Njokweni, Ngxilinoboya, Dlamini, Zizi
  • Miya – Gcwanini, Mja, Sibewu, Sijekula, Salakulandelwa, Mancoba, Bhinqel’ ohlanzeni, Ngqongqothwane, Vezi, Ngoma, Rhengqwa
  • Khumalo – Mntungwa, Okhatshwe ngezind’izinyawo, Nangezimfushanyana, UMkhatshwa wawoZimangele, Mbulaz’omnyama, Abathi bedl’umuntu, Bebe bemyenga ngendaba. Abadl’izimf’ezimbili, Ikhambi laphuma lilinye. Lobengula kaMzilikazi, UMzilikazi kaMashobana, Shobana noGasa kaZikode, Zikode kaMkhatshwa. Mabaso owabas’entabeni, Kwadliwa ilanga lishona Bantungw’abancwaba! Zindlovu ezibantu, Zindlovu ezimacocombela. Nina bakwaMawela, Owawel’iZambezi ngezikhali. Nina bakaNkomo zavul’inqaba. Zavul’inqaba ngezimpondo, KwelaseNgome. UNkone evele ngobus’ emdibini, Nina enal’ukudl’umlenze KwaBulawayo! Mantungwa aluhlaza! Mantungw’amahle! Bantwana benkosi, Nina bakwaNtokela! Inkubele abayihlabe ngamanxeba, Abamkhule ngezinyawo ezimfushanyana, Nezimaqhukulwana. Inyang’ abathe beth’ ifil’uZulu, Kanti isiyetheswe, Yetheswe ngoNyakana ka Mpeyana. UBando abalubande balushiy’ uZulu. UNyama yentini yawo Zimangele. UNkomo zavul’inqaba ngezimpondo, Ngoba zavul’iNgome zahamba. UNtshwintshwintshwi kaNoyanda noNdaba. Ndabezitha! Mdletye, Sichaba, Dubandlela, Noyila, Mpondozephela
  • Nozulu, Thukela, Mchumane, Mbanguba, Kheswa, Mpangazitha, Macocobela yena onempundu ezincinci ezifuna uncanyiswa, Qhudeni, Mwelase, Mathibane, Ngoza, Sonyangashe, Makhonz’ egoduka, Mfazi uncancisa usana ngebele elinye, Thukela umlambo ongawelwayo uwelwa ziinkonjane zodwa, zona zidlisela ngamaphiko
  • Ndlela -Matyeni, Nongobe, isilila gazi njengoba abanye belila iinyembezi, bakhama indoba yanyela emphandeni, amaNala amnandi njengebele likabelenyane, bhekuza enkundleni kwadadeboyise umNtambose
  • AmaBhele – (asuka kwintaba yeLenge, baqhekeke kathathu kuMaliwa, Donga nakuSiphahla-phahla,uDonga noSiphahla-phahla bangenela kumaZulu babangabakwaNtuli,uMaliwa weza kwaGcaleka,uMabandla wehlela kwaGcaleka,uMabandla waya kwaRharhabe,Bhunta uGatsheni/Gatyeni uzalwa nguNdlovu kaMasoka(Masombuka))
  • Gatyeni – Mamali,ndondela,nkomo zibomvu,nywabe, indoda uyivumi nepokoto, ocubungu)
  • Ndlovu – Gatsheni, Boya beNyathi, Obusonga busombuluka, Mpongo ka Zingelwayo, Nina bakwa Ndlovu zidl’ekhaya ngokweswela abelusi, Zabe seziluswa yintombi uDemazane, Nina baka Demaza, Nina bakaKhumbulamagwala Nina bakwasihlangu sihle, Mthiyane! Ngokuthiya amadoda emazibukweni, Mdubusi! (Abakwa Ndlovu oGatsheni bangabe Nguni:
    U-Gatsheni wazala u Lamula,
    U-Lamula wazala u Zingelwayo,
    U-Zingelwayo wazala uMpongo,
    U-Mpongo wazala uNgema,
    U-Ngema wazala uMdingi)ooNdlovu banintsi, kukho ooNdlovu (Gatsheni) abangamaNguni, ooNdlovu (Gabula) abangamaKalanga, ooNdlovu (Mthombeni) abangamaNguni kunye nabanye ooNdlovu
  • Ndlovu – Malunga, Gengezi, Ndlovu zidlekhaya ngenxayoswela umalusi
  • Skhosana – Skhosana, Novaphi, Mntungwa, Ntuthwana, msikamhlanga, uNtuthu uyeaqhuma zonke izizwe zabikelana zathi ngabakwaSkhosana.
  • Tenza
  • Xolo – Dunywa, Nzimakhwe, Thuse, Ntshuntshe,  Manci, Zotsho
  • Yirha – Sampu, Ziyeka, Mzondi, Thambo lenyoka elingahlabi mntu, lihlaba elimzondayo, thyopo ka Phato awatyaphakela eXonxa, gabul’ikhula, Malamb’ayendle, aty’igusha athi ziz’duli zethafa, mahamba ephethe isali athi ihashi uyakulifumana emlungwini, Gcina, izinto zabantu abazibi koko bayazigcina
  • Zulu – Ntombela, Mahlahlula emaduneni, Tshaka

AmaHlubi

Hlubi, Bhungane, Bhungane kaNsele, Zikode!Bhungane wenza ngakuningi, Makhulukhulu, Umkhulu Nkulunkulu kodwa awunganga Bhungane, UNkulunkulu uziqu zintathu, kodwa uBhungane uziqu zingamakhulukhulu, Mthimkhulu, Mashiya amahle, amade anjenge nyamazane, Mafuz’ afulele njengelifu lemvula, mashubel’esavela. S’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kubengathi siyamujamela, Ndlubu ezamila ebubini bamadoda, Ndlubu ezamila emthondweni (kwasothondose)
Nina enindlebe zikhanya iLanga, Nina enindlebe zinhle zombili, Nina bosiba olude olungakhothami ndlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama, Nina omagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele
Mahlubi amahle,  MaNgelengele amahle, Nina maHlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana
Mashwabade owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo

    • Rhadebe – Bhungane, Mthimkhulu, Ndlebentle’zombini, Makhulukhulu, Mafuz’ afulele njengelifu lemvula, Mashwabada owashwabadel’ inkomo nempondo zayo, Mbucwa, Zikode, Sbhushwana, Ngelengele.
    • Dontsa – oNoDlidlu, oNoDlabathi, oSwahla, oMntungwa uNdukuMkhonto, uShembe, bath’ uDontsa akananyongo kant’ abay’bon’ uba igqunywe ngesbhadlalala so mhlehlo
    • Nkwali (Mfengu/Hlubi) – Bhukula, Mkhwanazi, Nkwali ye Nkosi, Enyon’ engadliwa ngabafokazana idliwa ngamakhosi. Buz’ elikhul’ elagedl’ umhlanga, Kwavel’ amaBuz’ abuzwana. NgabakwaNongubo-ntloko. Abanye bazitetil’ abanye bazithwele. Inkwali yintak’ engcondo zibomvu Edla ikhethe lomfula (Nkwali uzala u Maphela no Mlabatheki , uMlabatheki azale u Bhukula)
    • Kheswa – noZulu, Mpafane, Mchumane, Mpangazitha, Macocobela, Mbanguba, Thukela
    • Mbanjwa –  Gebane, Mpethwana, Mavuso
    • Ngcoza – Bhungane, Mthimkhulu, Ndlebentle’zombini, Makhulukhulu, Mafuz’ afulele njengelifu lemvula, Mashwabada owashwabadel’ inkomo nempondo zayo, Mbucwa, Zikode
    • Nala – Ndokose Mpembe noNgquma
    • AmaNkala, oVumisa, oMphandana, oMnabise, oThiyane, aMangelengele

 

  • Nozulu, Thukela, Mchumane, Mbanguba, Kheswa, Mpangazitha, Macocobela yena onempundu ezincinci ezifuna uncanyiswa, Qhudeni, Mwelase, Mathibane, Ngoza, Sonyangashe, Makhonz’ egoduka, Mfazi uncancisa usana ngebele elinye, Thukela umlambo ongawelwayo uwelwa ziinkonjane zodwa, zona zidlisela ngamaphiko

 

AmaBhaca

  • Zulu – OoZulu, Khalimeshe, Nofisa ongafi, ofa ngamaloyo. Mageba Ndabezitha ,  ooNombuso ooVebi ooWabane. Mafula ngesibumbu ngexa yokuswela ingobozi, Notibunwana etincane ngokwuswela tona, onato ufute kulo nyoko, Thole leSilo ngoba yiSilo ngokwaso…
  • Wushe – ooMjoli, Phathwa, Qubulashe, Mthsi owathsi ukuwa wabhekisa amasebe eThukela, Nonkasa, Mbedu, omaphungel’ esosini amakomitshi ekhona, masindza ngonwalu itizwana tisindza ngobulongwe, Godongwana kaMjoli ka Bekwa kaWushe ka Lufulwenja kaMageba.
  • Mjoli – Qubulashe, Indlu kaSondzaba, Hlathi, Nonina, Mswanzeli, Nokholwa wokwakhe, Wabane, Maqholo, Mthi owathi ukuwa wabekisa amasebe eThukela, Nyawo, Danisa, Ntundzela, uMalandelwa zintombi zithi ndizeke, Babalo, mzimvubu, Izotshw’elihle, Uphika-nelanga, uNoma-ndzondzo, uMshwawu, uDlilanga, oBuso bumnyama ngathi sisonka sojiwe
  • AmaChiya – ooGalweni, ooChiya wohlanga, Sodladla, Magangadz’ udonga kuvuleke indlela, cwangu cwangu.
  • AmaMpovane – Siwela, Vitsheka, Matalankosi, Songiwe, Nomlakalakane, Gubudza Nyamana
  • AmaDzanibe – Nqolo, Gaba kathsayithsi omahlambahlaletsheni ngenxa yokuswel’itawuli, abantu abangayekhathsi imbola ngoba bahleli bebahle, bakhi bexonya bangaleluki
  • AmaNcwabe
  • AmaJili  – Jili, Masengwa, Msingawothi, Vilakazi, Gqagqa, Nomjoli, Cholo. ooMaseng’ inkomo noba ilele ngenxayokuthsandza intusi
  • AmaJuqu / Jzhuqu – Ngqiza, Juleka, Matalankosi, Sigwamba sentswangu, Xabanisa abantu belungisa, Zibutha kandaka-ndaka, Mlibati.
  • Mweli – Jili, Msingawuthi, Ngqambela, Sibakhulu, Ntlangwini senebathat yaseMakhuzeni
  • AmaNdlangisa – Thole, Gqagqane, Buzini, Ndlangisa, Mzimshe, Lwandle
  • AmaTshezi – Jalamba, Mqalungangenduku,
  • AmaTolo – ooTolo, ooDlangamandla, Mchenge Mabhanekazi
  • AmaJuta – OoJuta, Mencwa, Sjekula
  • AmaGusha
  • AmaNjilo – Manci, Mkhonde, iS’khonde esikrakrayo, iNdlovu esikwa ihambha, Vela bethetha, Njilo, Balisa, Debule, Msokweni, Silwa nenkunzi mbini, Kubhej’umsobomvu, Wabane, Tyani, Bhekiso, Ndlov’edli goduka, Mbali, Mdludla odludl’amthambek’ebhek’othukela, Qolo, Zotsho, Mabandla kamaqolo, Maqolo engqelezintabeni, Tshitshis’intaba, Mdludla ka Bekiso, Zinde Zinde, Zinemiqala engenamqala sisilima
  • Ntshele – Zotsho, Ndokhala, Nomabhunga ,Mthetho, Wabane, Qholo, Mbali, Mkhonde, Mdludla KaBekiso          (AmaNtshele ayinxalenye yamaZotsho, kwaye afumaneka kwizizwe ngezizwe. Akhona aphantsi kwamaMpondo, kumaXhosa, amanye aphantsi kwamaBhaca, ukanti amanye akumaMfengu kodwa ke ngokomnombo awanabudlelwane nezizizwe.)
  • AmaKhambule – Khambule Mncube Mayela omalandelwa yintombi ithsi bhuti nditeke
  • AmaMbothwe/ Mbotho – Myalo, Thoyane, Mtshikilana, Ntsindane, Mazama, Njongo, Fulela wanetha, Manyawo zibomvu. Mbothwe, Mlibati xabanisa abantu belungisa bona abangayi ebhoshi baze baye ngosuku lwesithathu, oMatalankosi abantu abangafi noba kunini abafa mhla kuthande bona. Nomtshwe.
  • AmaDladla – Molo, Seng’ inyathi, Mlambo, Ncwabane, Khakhaza
  • AmaBhele – Dlambulo, Khuboni, Qunta, Mafu, Langa, Mnomana, Mbutho, Ncwana, noNtanda kuphakanyiswa, Ulanga lokulunga, Umbutho, noMbikazi ngob’umnt’ogxathu akalahlwa,  umafuza afulele njengelifu, Ndabezitha, uNtshangase, Madiba-ndlela. Iinto ezidiba de zidibe nendlela, Unontanda Usengel’abantwana xa likhithika, unosepha ayigijimi iyakhokhoba ukubhek’ eluqala, undamane, amyengane, amayekethe, Undlwana zinamaphela phez’ukwentab kalenge, othebul’ukunatha nje ngabendl’enkulu Umakhunga, unkilane, umabandla, uvaphi, Iintw’ezimpundu zinga zingongiwa, Amatya egoduka khon’ukuze angathinjwa lithambo lasemzin, nditsh’abaty’isikhwebu sakwamkhwekazi, kwaNoqambulo. Inyathi eyasinda abazingeli sebeyosele, izinto ezingawudliyo umbilini wenkomo, zidla owenyamakazi yon’ihlal’emahlathini; Ingab’asilobhele elo, ngoba ibhele laphekwa nelitye lenyengane, lavuthwa ilitye, lasala ibhele lihleli, amaBhele izinto eziqhwanyaza ngemali. Zibunywana zibutshelezana zinga zingazingangiwa ngabakhwekazi, Bhedlana lase Lenge, amaBhele asicoco sinuka intsindwana amakrokrozela njengelifu lemvula, Mphemba abantu Bephemba ngamabele kanti abafokazana baphemba ngamaphepha, Silo sase Lenge ngwane yezixhobo zothukela, umthan’ ontyingantyingana omi phezu kwentaba.
  • AmaGamedze – Mntimande, Bhambolunye tingaba mbini tifute ekhaya kulonyoko
  • AmaHlubi – (hayi isizwe samaHlubi kaLangalibalile, kodwa itibonga nabantu ababesuka kwisizwe samaHlubi)umzekelo ooRhadebe – Mafuz’ afulele njengefu lemvula! Mashwabada,  owashwabadel’ inkomo kanye nempondotayo!
  • AmaDlamini – (hayi isizwe samaDlamini, kodwa abanye abantu bakwaDlamini ngesiduko)
  • AbakwaMasoka
  • AmaXesibe – (hayi abantu besizwe samaXesibe kaXesibe wakuloMpondo noMpondomise, kodwa kukhona abantu abangena phasi kukaMadzikane bamaXesibe) oo Ncosa ooBhuku Sinqashe Nkamangane Mfazi webelelide elancelisa ingane phesheya komfula uMganu Sabela wabizwa emazibukweni Xesibe
  • AmaBhovu – ooDumela oMvaw’bhekwa ubhekwa abawatiyo ooGxumisa
  • AmaNguse – ooFola Fakade Mabembe khabekhulu Fol’odlilaxa Nguse Ngubezizwe unyawunyawu
  • AmaGebashe –
  • AmaDzana – OoDzana oKhatsini omncwabe omfupi
  • Sinama – Rhadu, Mjoli, Somadoda, Fikeni, Nhlumayo, Gcuma, Malandelwa yintombi ithi ndizeke noba kungesipha samazimba, Iintombi ezinamadhusu amhlophe ngathi zihlamba ngobisi, Wulawula mathole endlovu
  • Mbanjwa – Gebane, Mpethwana, Mavuso

AmaXesibe

  • Xesibe – Nxanda kaXesibe, Mnune, Mkhuma, Nondzaba, Mbathane, Nondize, Bhelesi, Matshaya ngenqaw’ende abanye betshaya ngezimfutshane, Nxele, Bhimbi, Khandanyawana, Mayitshin’eyibheka njengomntwana, Mantsaka, Mganu. Tshomela ka Matsho.
  • Qwathi – Dikela, Noni, Noqaz’ indlela. Iinkomo zikaXesibe, zikaJojo, zikaMtshutshumbe, ogqaz’indlel’ebhek’ebuNguni, uNtswayibane, uDumbe ka noBangula.  KumaQwathi kukho amaDikela, amaTshaba, ooSdindi, ooBhlangwe, ooBhose, amaNzolo, imiNcayi, amaNtondo, amaKhombayo, ooMkhondweni, amaVumbe, ooKhebesi, amaBangula, amaDumba, ooMhotho, ooCakeni, ooBhabha, amaMvala, amaDabisa, ooS’ximba, etc.
  • Mambi – Nxontsa ka Xesibe, uBhulingwe kuvele imamba, uNtabazikude zikuMganu, Mntshontsho, uSabela uyabizwa emazibukweni)
  • Matshaya – Mbathane
  • Bhulangwe/ Bhlangwe – ooDikela, ooNoni, ooNtswayibane, ooMnyamana, ooNomatyala, ooMalawana, ooNyembezana