πŸ’›

izithakazelo

Tag: amanzi Page 10 of 14

Isilo uCetshwayo kaMpande

Image may contain: 1 person, indoor

Isilo uCetshwayo kaMpande isona esathwala kanzima empilweni yaso.
Sazondwa ekhaya nangabezizwe abamhlophe, kodwa ke safuza uyise izul’eliphezulu uShaka naye wayezondiwe kubo uyise nasekhakhinina uMakhedama.

Isilo sokuqala ukumbatha izimpahla zabamhlophe futhi nokukhuluma isingisi nokufodwa izithombe kwaqala ngaye kwaZulu.

Wathi noma esebuya phesheya eNgilandi Isilo samaSwati uMbandzeni kaMswati wathumela amanxusa ukuzobona isilo uCetshwayo, okwanguMntanenkosi noMnkonkoni wakwaKunene baphekelezelwa ngemajaha, bafike bamotha umntakaNdaba, uJininindi omnyama uzitho ngokugwegwa kubakayise. BAYEDE wena wendlovu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu

Image may contain: one or more people and outdoor

Zibhebhu kaMaphitha kaSojiyisa kaJama wa kwaZulu. Wadlala indima enkulu ngempi yabantwana eyaziwa ngempi yaseNdondakusuka, lapho uMpande ayeqhathe khona abantwana uCetshwayo no Mbuyazwe. UZibhebhu wesekela kakhulu umntwama uCetshwayo bayinqoba leyompi. Izinto zajika ngemuva kokunqoba kukaZulu abamhlophe empini yaseSandlwane, njengoba inkosi uCetshwayo yadingiselwa phesheya. Yabeka indodana yayo eyothatha ubukhosi ngemuva kwayo, umntwana uDinuzuluu kumfowabo uZibhebhu kaMaphitha. Indaba yoniwa ngomntwana uNdabuko kaMpande owayelamana nesilo uCetshwayo owanyundela uZibhebhu kumfowabo ethi ebehlupha umntwana emulusisa emusengisa futhi. Sase isilo simshalazela ke ngalokho uZibhebhu okwamenza wagadla kuqala kunenkosi yakhe uCetshwayo. Kulolo hlaselo lwaZibbhebhu kwafa izikhulu cishe zonke zakwaZulu,engingabala ezimbalwa zazo; uGodide kaNdlela, uSihayo wasemaQungebeni, uMbopha kaWolizibi wakwaHlabisa, uNtshingwayo kaMahole namadodana akhe amabili, haaa ngingabala ngifikephi na, cishe 79 eezikhulu ezasala enkundleni zijunywe uhlaselo likaZibhebhu kaMaphitha. Lokho kwadala inzondo phakathi kwaMandlakazi noSuthu okwenza ukuthi isilo uDinuzulu siphindiselele uyise kuZibhebhu.

Ubongwa kanje uZibhebhu, umsongi wensimbi eshisayo ayibeke ekhanda kusabe amagwala! Nani maSwazi yekani ufunga uMahlokohla ngoba uMahlokohla ngowakithi eBhanganoma! Haaa inkosi kayiqedwa.

Izihlabani zeSilo uShaka

Izihlabani zeSilo uShaka

Image result for shaka zulu

Lawa amaqhawe ayehlabana ngempela ezimpini zalo iLembe. Yiwo enza kufezeke iphupho lesilo uShaka lokubumba nonke abeNguni ababephakathi komfula uPhongolo noMzimvubu ukuba bakhonze ngaphansi kombuso wakhe.Β 

Kuqala ngoShaka emakhosini akwaZulu ukuthi kube neNgonyama/isilo. Kanti ubuNgonyama baqalwa uNgwane 3 kaSidwabasiluthuli/Landzandzalukane/Dlamini 3 waseSwazini, owayebusa ngezikhathi zoLanga kaXaba wamaNdwandwe, kwaZulu kwakubusa uJama kaNdaba, kwaMthethwa kwakubusa uJobe ka Khayi.

Nawa ke lamaqhawe eLembe:

-uMgobhozi “ovelentabeni’ Msane
-uMdlaka kaNcidi Ntshangase
-uNqoboka wakwaSokhulu

-uNtshiphi kaShangane Mthethwa
-uNdlela kaSompisi Ntuli
-uNzobo kaSobandli Ntombela
-uManyosi kaDlekezela Mbatha
-uMaphitha kaSojiyisa Zulu
-uMenziwa kaXhoko Biyela

-uMbopha kaSithayi Ntshangase
-uHlathi kaNcidi Ntshangase
-uMzilikazi kaMashobane Khumalo
-uMagidi kaMenziwa Biyela
-uMvudlana kaMenziwa Biyela
-uNgubhane kaNgomane Mdletshe
-uMapholoba kaNgomane
-uManqondo wakwaMagwaza
-uKlwana kaKhoboyela Buthelezi
-uJeqe kaSilwane Buthelezi
-uNdosi kaNondumo Nzuza

Impi yaseSandlwane

Impi yaseSandlwane kwakulwa uZulu namaNgisi. Isilo esasibusa kwabe kunguCetshwayo,uJininindi omnyama uzitho simagwegwe kubakayise, ubhulumlilo eNdulinde!

Amaqhawe ayekhona:

Mkhosana kaMvundlane Biyela
Ntshingwayo kaMahole Khona
Godide kaNdlela Ntuli
Sihayo wakwa Ngabese
Zibhebhu kaMaphitha Zulu
Mehlokazulu kaSihayo
Mkhumbikazulu kaSihayo
Mbopha kaWolizibi Hlabisa
Hayiyane kaMaphitha Zulu

Page 10 of 14

Β© 2026