Izithakazelo zakwa Cebekhulu 😍 Cebekhulu Clan Names

  • Cebekhulu,
  • Gobeni,
  • Nsele,
  • Mangethe Zikode kaPhikela,
  • Wena Wasetsheni,
  • UZwane akadlelanga phansi wadlela emkhombeni wezinyamazane,
  • Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda,
  • Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele,
  • Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
  • Kuthiwa udle izinjana zimbili zigcwele umdakana,
  • Ntshosho!
  • Wena kaMafu kawalingani,
  • Aphansi naphezulu,ngoba aphezulu angubo ngubo,
  • Ntsele kaLinda kaMkhonto,
  • Awungilinde ngilande ezami eZungeni,
  • Mthanti,
  • Nduna ngokuthwal’ isila sensele,
  • UNtsele kangakanani,
  • Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
  • Isikhova singathi,”hhi” sibona imihlambi yezinkomo nabantu,
  • Nin’enadlel’encazeni,
  • Nin’eniphakel’umyeni odengeleni,
  • Ngoba ningabenkosi.
  • Zikode kaNdabansele,
  • Mabhayi kawalingani nawangaphansi nawangaphezulu,
  • Mangethe,
  • Nina bakaVezi Owadl’isihlahla njengengwababane,
  • Zwane,
  • Phikela wengwe,
  • Nselenduna nina basetsheni laseNtshenteka,
  • Mandaba,
  • Ukub’uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ubani?
  • Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka,
  • Ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela Ntshosho,
  • Nina BaseMangweni! ???

Cebekhulu clan, Cebekhulu clan names. Cebekhulu clan praises, izithakazelo zakwa Cebekhulu