clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: eMangweni

Izithakazelo zakwa-Hlongwane

Izithakazelo zakwa-Hlongwane

Ngwane,
Masumpa,
Masenga sileka,
Nduku Zinobulongwe,
Zikhali ezingalingani nezamaxhegwana,
Nina bakaSangweni elingawelwa abafokazana liwelwa izinkonjane zasemaNgwaneni,
Sang’elibanzi elingavulwa abantukazana ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda,
Nina bakaMatiwane,
Abaqhobosha ithole elintanga zimashumi,
Ligwalagwala lakithi elimadolo abomvu!

Imvelaphi yesingo sakwaHlongwane

[wpvideo 4SBJcnma ]
Youtube link: https://www.youtube.com/watch?v=gLEWisaal1Q

Izithakazelo zakwa-Cebekhulu

Izithakazelo zakwa-Cebekhulu

Gobeni,
Nsele,
Mangethe Zikode kaPhikela,
Wena Wasetsheni,
UZwane akadlelanga phansi wadlela emkhombeni wezinyamazane,
Edla im’hlambi yezinkomo zamadoda,
Ndlangashushwana ngokudla amaNdebele,
Bathi uZwane udleni kwaMtambo?
Kuthiwa udle izinjana zimbili zigcwele umdakana,
Ntshosho!
Wena kaMafu kawalingani,
Aphansi naphezulu,ngoba aphezulu angubo ngubo,
Ntsele kaLinda kaMkhonto,
Awungilinde ngilande ezami eZungeni,
Mthanti,
Nduna ngokuthwal’ isila sensele,
UNtsele kangakanani,
Ngoba nasothini lomkhont’ angahlala.
Isikhova singathi,”hhi” sibona imihlambi yezinkomo nabantu,
Nin’enadlel’encazeni,
Nin’eniphakel’umyeni odengeleni,
Ngoba ningabenkosi.
Zikode kaNdabansele,
Mabhayi kawalingani nawangaphansi nawangaphezulu,
Mangethe,
Nina bakaVezi Owadl’isihlahla njengengwababane,
Zwane,
Phikela wengwe,
Nselenduna nina basetsheni laseNtshenteka,
Mandaba,
Ukub’uMandaba wayengehlanga phezulu saso buswa ubani?
Zinkomo zakwaLinda ezimhlane ugcwele udaka,
Ezathi zidl’ubhoqo kanti ziyawuhlakulela Ntshosho,
Nina BaseMangweni!

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: