clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Category: Izibongo Page 1 of 31

Phuthi Clan from Dlamini

AbaPhuthi are from a Dlamini clan

Ke Le tebele la ha Miya
La ha Sekelemane ,
Kobo dipedi, ngwana Kgojane ,
Tsabola hlooko,
Tsabola bokalakata,
E ngwe ke ya ho apesa boroko
E ‎ngwe ke ya ho apesa bosudu,Ke Lephuthi, Lekgolokwe, Lekotshwana,
Mahlaba kgoho ka lemao
A e ise ho Mokgolwane kgorong
A re: Morena bona!
Ke hlabile emanoni amaholo!Ibinda!!!!Izibongo zaBaphuthiHlanyaneMphuthiMalilimaneMasakaleMasoabiSepereNkopaneTlali,NtabanyaneZiningi kakhulu bakwethu ake ngime lapho okwanamuhla.

Izithakazelo zakwa-Gatsheni

Izithakazelo zakwa-Gatsheni

Ndlovu,
Boya benyathi, obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya, ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane,
Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!

Izithakazelo zakwa-Gobhozi

Izithakazelo zakwa-Gobhozi

Nyuswa,
Ngcobo,
Fuze!

Izithakazelo zakwa Gumede

Izithakazelo zakwa-Gumede

    Mnguni kaYeyeye,
    Osidlabehlezi bakaKhondlo kaPhakathwayo,
    Abathi bedla, babeyenga umuntu ngendaba
    Abathi “dluya kubeyethwe”,
    Kanti bahlinza imbuzi, Bathi umlobokazi ubeyethe kayikhuni,
    Sidika lolodaba,
    Wena kaMalandela,
    Ngokulandel’ izinkomo zamadoda,
    Amazala-nkosi lana!
    Mpangazitha!

Izithakazelo zakwa-Hlatshwayo

Izithakazelo zakwa-Hlatshwayo

Mhayise wakoLanga, Ngwanya, Siyendana, Cebisa kaMabhengeda, Ugid’gogweni ovala emnyango ngamakhanda amadoda, Mgogodlana, Nina enanqoba ibuhto lakwaGob’izembe, Ngele! Ihubo lakwa Hlatshwayo: “Wabulala amakhosi, ingwe yohlanga Mana nkonyane yohlanga, Ungwanya bamazi izwe lonke, izwe lonke Nkonyane yamaNgwanya, bayethuka Soka siwashise amankengane, sicwecwa izizwe”

Izithakazelo zakwa-Hlophe

Izithakazelo zakwa-Hlophe

Samela,
Thumbeza kamyeni,
Ntombi zenda ngonyezi,
Ezabafokazana zenda ngobumnyama,
Mahlekwana,
Nina enahlek’umuntu edlula ngendlela,
Dlezi!

Izithakazelo zakwa-Hlela

Izithakazelo zakwa-Hlela

Madlula,
Kunene, Mphumela,
Maqeda kaNkani,kadabula iziziba,
Hangala,
Malakubuswa, Hlangakazi,
Nyongo yenyathi,
Mashiya amambi,
Nhlonhlonthi,
Ngcwingcwi Ezikhotha komude ngoba komfishane ziyagoba!

Izithakazelo zakwa-Hlongwane

Izithakazelo zakwa-Hlongwane

Ngwane,
Masumpa,
Masenga sileka,
Nduku Zinobulongwe,
Zikhali ezingalingani nezamaxhegwana,
Nina bakaSangweni elingawelwa abafokazana liwelwa izinkonjane zasemaNgwaneni,
Sang’elibanzi elingavulwa abantukazana ngoba livalwe ngezihlangu zamadoda,
Nina bakaMatiwane,
Abaqhobosha ithole elintanga zimashumi,
Ligwalagwala lakithi elimadolo abomvu!

Imvelaphi yesingo sakwaHlongwane

[wpvideo 4SBJcnma ]
Youtube link: https://www.youtube.com/watch?v=gLEWisaal1Q

Izithakazelo zakwa-Jama

Izithakazelo zakwa-Jama

Dlamini,
Mzizi,
Jama Ka Sijadu
Nomane, Mtikitiki,
Cubungulashe,
Ndabazamthethwa, Nsukunsuku,
Ntabuyanyuka, Sandluluba,
Nkosi!

Izithakazelo zakwa-Kweyama

Izithakazelo zakwa-Kweyama

Vezi,
Mnembe,
Mgabadeli,
Wena owawela ngezibul’elikhulu elawela amakhosi!

Page 1 of 31

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: