πŸ’›

izithakazelo

Tag: leek Page 2 of 5

Izithakazelo zakwa Mahlaba clans

Mahlaba,
Luthuli,
Lwazitha,
Mmema,
Nkomzwayo!

Komzwayo clan praises & History

Mahlaba, mpempeza nkomzwayo, luthuli,
bhensa besabe abezizwe nabezizwane,
wena owangena ngezithe ekhaya,
mkhobo, mkhobo ongadliwa okwamabele!

Izithakazelo zakwa Mahlaba Clan Names

Mahlaba, Junda, Mbonane, Nhlangambili, Zingaba ntathu ziyachoboka, Abakwa Ndimndwane abadla iminkantsha yamanye amadoda , osilwa ngosana amadoda elwa ngemikhonto, abakwa qanula phansi naphezulu njengezulu, nina besixembe esihle ngoba siphakela ama Junda , nina bakwa Maphanzela, nina bakwa Mcondo.

Mahlaba Clan Names & History

Izithakazelo zakwaMahlaba

Mahlaba, Mbunjwe, Nsukuze, Shenge, Fane, Mafe owamefuzela njebuzi liqhamuka emgqeni, Kati elalenga ngomsila esangweni kwaze kwaphela unyaka wohlo mathambo asesangweni ubalekisani abancane ngoba abadala bayozibalekela mahlashane kanekseni, Ungcwingcwi ophuza kwezide iziziba ngoba mephuza kwemfishane uqobodane abuye nodaka, Ugqiba ngonyawo olulodwa kodwa wonk amadoda egqiba ngenyawo zombili, Owethole elimanangananga elaphuza liguqile kodwa wonk amathole ephuza emile, Uketshezi loketshe indlovu edla ofakazi, Owomlilo owawubuhanguhangu owagijima wayoshisa izikhova ezimabedlana !!!

Page 2 of 5

Β© 2026