clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Tag: Mthuli

Izithakazelo zakwa Mthuli

Mthuli Clan Names
Mabhula isitha ngonyezi abanye bebhula ngomnyama !
Wena wegwele elabila kuqala endandakusaka amanye engakabili
Madl’iduna bengadlinsikazi balambile
Mshibe ka Nonopha
Nondenise !

Izibongo zakwa Mdunge

Mdunge

Mthuli clan praises

Mthuli
Mabhula
Nondenisa
Izangoma ezinkulu ezibhula ngobumnyama abanye abafokazana bebhula ngonyezi nangokukhanya
Madlanduna
Dela madelane,Msingisi osika isidwaba sanyoko
umkhuzi wesnene egcekeni qede eyogoyela kwesamaBhaca
Mhlolo ka Chili
impangele isesangweni
zesaba ukuyinika amanzi zithi akuyo eyako Luthuli
sitha sisendlini
ngoba okube sisemnyango
ngabe sangena nezinkomo
Mbhuli wesnesne ecekeni
Zube
Njabuza
Omen.

By:Sihle Mthuli

Ukuhlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili

Ukuhlangana nezimbila zithutha ziholwa emhlophe phambili

Incazelo: ukuhlangabezana nobungozi noma ubunzima

#umsuka: izimbila zihlala emgedeni uma zithutha zisuke zixoshwa esinye isilwane sasendle esaziwa ngokuthiwa umdlambila…..mazithutha-ke emhlophe esuke ihamba phambili esingathi inkosi yazo lapho-ke, into ezike zahlangana nayo nje ziyayilwisa, zisuke zingesabi lutho ngoba zikholelwa ekthenini abukho obunye ubunzima obundlula lobu eziphuma kubo

Izithakazelo zakwa-Chili

Izithakazelo zakwa-Chili

Lushaba,
Mthuli,
Lushaba lwenkosi,
Ngwenya,
Mgwazi kaQhaqhela,
Mcwashi,
Sithole esaya kwaMpanza sabuya sesixhekethisile,
Bhebheza wena wasezilovini!

Nzama

  • Chamane,
  • Wosiyane,
  • Mashiza,
  • Vakela,
  • Chule,
  • Phalada,
  • Gcugcwa,
  • Chube,
  • Nombhoco,
  • Zukula,
  • Lukhele,
  • Ncameni..

Mdunge

  • Chili,
  • Chiliza,
  • Mthuli,
  • Mcwashi,
  • Bhebheza,
  • Somyiyane,
  • Ngwenya,
  • Gasela,
  • Mzwezwe!

Maphumulo

  • Dumisa,
  • Duma,
  • Manembe,
  • Mashimane,
  • Doncane,
  • Zikode,
  • Zukuzela,
  • Dubandlela,
  • Mgobode,
  • Masiyane,
  • Cwalile,
  • Mashiyane

Chili Clan Names ?

Izithakazelo zakwa Chili

  • Chili,
  • Lushaba,
  • Mthuli,
  • Lushaba lwenkosi,
  • Ngwenya,
  • Mgwazi kaQhaqhela,
  • Mcwashi,
  • Sithole esaya kwaMpanza sabuya sesixhekethisile,
  • Bhebheza wena wasezilovini! ?

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: