πŸ’›

izithakazelo

Tag: wolson Page 3 of 4

Hadebe Clan 😍 Hadebe History

Hadebe origin & history:

Hadebe!

bhungane!

bhungane kansele!

zikode!

bhungane wenza ngakuningi!

makhulukhulu!

umkhulu nkulunkulu kodwa awunganga! Bhungane!

unkulunkulu uziqu zintathu, kodwa ubhungane uziqu zingamakhulukhulu!

mthimkhulu!

mashiya amahle, amade anjenge nyamazane!

mafuz’ afulele njengelifu lemvula!

s’goloza esimehlo abomvu esibheka umuntu kubengathi siyamujamela!

ndlubu ezamila ebubini bamadoda!

ndlubu ezamila emthondweni! 

bhungane owehla ezulwini ngesilulu!

inkunzi enezindlu ezamila emthondweni!

bhungane ongumakhulukhulu!

nina enindlebe zinhle zombili!

nina bosiba olude olungakhothami ndlwaneni kodwa kwezinde luyakhothama!

nina omagawula imithi emincane emikhulu ivele iziwele!

mahlubi amahle!

mangelengele amahle!

nina mahlubi anzipho zimnyama ngokuqhwayana!

mashwabade owashwabadela inkomo kanye nezimpondo zayo!

izibongo zengonyama yamahlubi ulangalibalele kamthimkhulu kabhungane.

mdingi kajobe!

sembatha mkhonto njengengungu!

abakwaqili babeza benhliziyo zimnyama!

bemthatha bemhleka bethi kananyongo kanamhlwehlwe!

kanti unomhlwehlwe ubhabhanana!

umqomboli wendlela zokhabonina!

ingani abadala sebazikhohlwa!

kaziwa ukuthi yena uzazi ngani?

ijuba elahlala enkundleni kasibhenya balithela ngezibi laququbala!

isihalahala sezinja zikasibhekane!

ezimlomo ubomvu ngokudla izingazi zamadoda!

umpondo ezamaduna ezamathole!

ezelanga elaphuma endlebeni eyendlovu!

mhlawumbe liyophuma endlebeni yengonyama!

umbalekelwa owabalekelwa zinduna zikayise!

ubalekelwa zinduna zakhe;ubalekelwe umanzulwa owayezalwa umanqamu!

wabalekelwa umpangele owayezalwa usigodlo!

u-sibhamu esidume ekuseni kwanobamba!

bathi unobamba kangibambanga ngani?

izulu elidume ekuseni labuyisa abafazi ekuthezeni!

unobanga izwe akangalifumana, elibanga nosomtsewu!

umbasi wamakloba amabili!

elithe elinye lisavutha le kwaphosihawu, elinye lalivutha esibubulundu!

ufulathele imbali azamfanela!

uthe esewafulathele amangisi, no molapo ka moshoeshoe naye wamfulathela!

ahamba naye amangisi wavalelisa okamthimkhulu wathi: ngithe ngibalekela kozongisiza angifihle kanti ngibalekela esilwaneni esingu molapo ka moshoeshoe!

yasho njalo indlovu kamthimkhulu seyemuka sewehamba nayo amangisi!     kuzwakele baphinda bayishaya indlovu kamthimkhulu emkhunjini sebeyisa eroben island umkhumbi wabhajwa kwacima ilanga!     ulangalibalele kamthimkhulu kabhungane! 

isilo samahlubi! 

siyabusa siyabangiswa!

bholoba obholobe izinkomo zamadoda! 

umsiki wezithotho zabalanda naba landakazi kazi abalanda bayozala ngani! 

ubhoqo walu kusineka usankusane salukumila! ongenjobo ngeyethusi ngeyakithi ephangandlovu!  ongemabala ngawengonyama!   umthimkhulu omuhle ofana nondlanzi wakwa lokothwayo

umthimkhulu ubengawuvutheli umlilo ubengafani namakhosana akwabo wona abethi ayawuvuthela kanti ayawubhebhezela! 

umarhogo uyababa njengetshongwe yomlambo! 

inyoni emaphiko made, endiza ezingweni zothukela!

ndlubu ezamila emthondweni!

mafuze afulele okwelifu lemvula! 

umashwabadela izinkomo nezimpondo zazo! 

isilo sikamhlola esilwa impi ngemuva nangamphambili! 

bhucwa obuthakathaka owabhucwa kwaze kwaphuma ilanga! 

nhlabathi yondi nothukela!  

ngifike beyihlenga beyiphalaza, nami ndayihlenga ngaze ngaguzubala! 

ndlanzi enhle yakwamthimkhulu eyawela umlambo impofana nothukela, ingawelwa ngezinyawo, iwelwa izinkonjane nazo ngoba zibhabha phezulu!     ludwadwa lwezinkomo zakwanonqayi ezilala ngetshungu zivuke ngayo!      mphuhlane ophuhle wavelela phezu kwamahlubi! 

hlubi elihle!

bayede silo samahlubi!

inkosi ayiqedwa! 

ibinda mahlubi!

izibongo zakwa hadebe zinde kakhulu, kungashona ilanga zishiwo, abantu bavukwe uhlevane, usinga kanye namadlingozi, kuze kubange abemnyama amafu kune nezulu. khumbula inkosi yamangelengele ayikaze imbelwe ithuna, kodwa iyathathwa isizwe samangelengele uma isikhotheme ayoyibeka emangelengeleni (emadwaleni, emaweni) asabekayo okungafinyeleleki kalula kuwo.

Namanje kuyaziwa ukuthi uma kufuneka kuyocelwa izulu kufanele kuhanjwe kuyiwe enkosini yamangelengele, ngisho nabamhlophe abangabalimi eduzane bayazi ukuthi akugeji uma kungaze kuyiwe enkosini kuyocelwa izulu, ngisho ngemikhosi yamahlubi, noma ikanjani kufanele line izulu noma belingekho kangakanani.

Amangelengele athembele emthandazweni wawo awunikwa umvelinqangi, nozwakalayo kuye ngalesosikhathi. uma ke wena ungafika nowakho umthandazo owawufunda ndawothizeni, angeke nakanjani kwenzeke lutho, noma ungajula kanjani!

Ngizothola ilanga ngizibhale cishe zonke noma ngingeke ngaziqeda ncamashi ngoba zinde futhi zifuna ulwazi olubanzi, umnotho wethu, umthandazo wethu uma ushiwo umvelinqangi ezwe manje aphendulu manje futhi abonise imimangaliso yakhe manje.

Ngiyanxusa izibongo zethu zishiwo njongoba zinjalo, zingacwecwa ndawo ngenxa yokholo, konke okushiwoyo kunomlando omude kanye nezincazelo zakhona.

Alikho ihlazo kanye nezinhlamba ezibongweni zethu. e.g, umkhulu nkulunkulu kodwa awunganga bhungane! ungabhala imiqingo yamabhuku amakhulu najulile nje ngalowomlando kanye nanesisusa salesisibongelelo, lokho kusho mahlubi, akusho ukuthi singabahedeni. khumbula ukuthi amahlubi isizwe esidala (acient tribe which date back from north africa to central africa, to east southern africa to finally southern africa) ukudlula zonke izizwe e southern africa, futhi singabaphembi bezinye izizwe, umlando ngalesosibongelelo siqalisa lapho kufika abamhlophe beqalisa befundisa ngokholo, bechitha futhi beyamanisa konke okwethu nedimoni kanye nosathane.

phela ngesikhathi sikabhungane, kwakusuthwa emahlutshini, nobukhosi babubukhulu futhi bunamandla kakhulu, kuningike okwavela ngalesosikhathi.

qaphela kulokhu, olimini lwabantu abansundu, igama elithi dimoni kanye nelithi sathane asinalo, amagama wokufika lawo olimini lwethu. amahlubi kanye nezinye izizwe ezinsundu, azange abenosathane kanye namadimoni, kepha abamhlophe yibona abafika nabenza lezozinto kanye nalezozenzo ezizweni ezinsundu, izizwe ezinsundu zazinobuntu ikakhulukazi. izinto ezinjengalokhu zenza amahlubi azabalazisane kakhulu nabamhlophe, okwenza ukuthi amahlubi kugcinwe kuthiwe isizwe esinenkani ngendlela eyimangaliso, nesingezwa ukudlula zonke izizwe ezinsundu.

eqinisweni mahlubi amahle, igama elithi nkulunkulu kalikho olimini lwabantu abansundu ngisho nasemlandweni wabantu abansundu, kulibizo elakhiwa ngabamhlophe bezama ukuchaza ukuthi lona abakhuluma ngaye mkhulu kakhulu, nkulu nkulu, lokho kusho singakuyamanisa nolimi olubizwa ngesifanakalo. abamhlophe bafundisa ngokholo lokufika oluno nkulu nkulu oziqu zintathu, (trinity) becacisa phakathi kokholo lwabo kanye nolwamandulo elaliku mvelinqangi, uqamata okwakukholwa kuye.

izibongo ezithi umkhulu nkulunkulu kodwa awunganga bhungane oziqu zingamakhulukhulu zavela ngalesosikhathi, amahlubi awazange abone kahle ngasolinye kanye nabamhlophe ezintweni eziningi, okwaholela ekutheni ekugcineni ngci ngesikhathi senkosi u langalibalele, amangisi anqume kwi proclamation yabo yokuthi akusafuneki kubekhona isizwe okuthiwa amahlubi kanye nobukhosi bawo.

okunye nakhu. inkosi ubhungane la yayithinte khona kwakwanda, yingakho ezibongweni zenkosi ubhungane kuthiwa: bhungane wenza ngakuningi.

(2) ndlubu ezamila emthondweni, abanye ngokubona ihlazo noma inhlamba, bayavama ukujika lokhu bese bethi, ndlubu ezamila kabi, njalonjalo, konke lokho akukho.

Popular people from Hadebe last name

Phakamani Simphiwe Hadebe (Finance/Energy)
Independent Non-Executive Director at Coronation Fund Managers Ltd since October 2020. Former Group Chief Executive of Eskom Holdings SOC Ltd (June 2018-July 2019). Previously CEO of Land and Agricultural Development Bank of South Africa until January 2015. Holds MA in Economics from University of Durban-Westville and MA in Rural Development from Sussex University. [citation:3]
Siyabonga P. Hadebe (International Relations/Diplomacy)
South African diplomacy and foreign policy expert featured in @Diplomacy_Sa publication alongside prominent diplomats. Recognized for contributions to international relations and development policy. [citation:10]

Izithakazelo zakwa Hlanguza

Izithakazelo zakwa Hlanguza

Izibongo zeSilo uBhekuzulu kaSolomon

Izibongo zeSilo uBhekuzulu kaSolomon


INkunzi elukhanda lubanzi
YakokaMathathela
Evimbel’uNgenetsheni
Yavalel’uButhelezi
Kwathiwa ivimbeleni bafana
Ingangen’ekhaya
Ngoba iyoth’ingangen’ekhaya
Ifik’zone izithole

INsingisi kaNdaba
Ebanga izul’ukuphendula
UMnguni wakithi

Itshe elehle phezulu
Kubo eNengeni

Libonwe ngoNdwandwe
Kanye nabaThembu
ONdwadwe bakithi eGudu
Balinomomozelela
AbaThembu bakithi eSandleni
Balinkwezela
Ngoba babeshaywa yisazelo
Kwakungeseziqaku lezinkomo zeNkosi

ISilo limaphandu
Yebo simaphumlela
Simpondo zingemva nangaphambili
Esifana nemvubu
Ngeyakithi oThukela

Ebuk’izinkomo yanyukubala
Yabuk’amadoda yamomotheka
UNondina kabuso
Ubuso badin’abakwabo
Uncwadi zafika kuqala
KuBhengu eMgungundlovu

UNdaba ofela ngezibomvu
Njengegama lomuzi
Wakub’eMgungundlovu

Isife sikaNdaba
Esobhabh’amadoda
Nanamuhla lokhu
Sisawabhabhile

Unomfaz’omuhle ngemilenze
Isigawuli semith’emkhulu
Emincane yayisal’iziwela
Isinambath’abasibonde
Basishiy’iphini
Siye saphakwa nguGilibethe
Obezalwa nguNgcongcwana
Kwathi uMdlangayedwa
Wasinda ngokuzibalekela

Ngoba edl’uNtabankulu
Ezalwa nguGwazil
KwabakwaMagwaza
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMasenjana
Ezalwa nguMkhanyile
KwabaseGazini
Wamqumba phansi
Koludumayo
Kwaze kwahuda
Nezimvana zakhe
Akwab’indaba zalutho

Wadl’uZindawule
Ezalwa nguMabheqemana
KwabaseMancwangeni
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Molweni
Kwabamhloph’abelungu
Embangweni eThokazi
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Ashion
Kwabamhloph’abelungu
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho

Wadl’uMister Barthalom
EziMantshini kwaNongoma
Wamqumba phansi
Koludumayo
Akwabindaba zalutho
Inkunz’eyedlule ngodumo
Kubo eMsizini
Yaze yasengwa nguShester
Phezulu eChesterville
URobertson wakhala
Kwabamhlophe abelungu

Unkomo zal’ukwanda
Kwelakithi kwaZulu
Ngoba zaliwe ngoMashu
Zaliwe ngoRobertson
Zaliwe ngomfo kaKhambule

Isililo abasikhal’endlini
Kubo kwaZiphethe
Kwakungakhalelwa lutho boNdaba
Kwakuyikukhumbula nje
Kwasendlini kwabo kokaNtuzwa

UBhusha obukhali
UBhush’obhush’amadoda
Uncwadi zaphum’emqulwini
Kunina okaMathathela

UMngoma owethwasela*
Emthonjeni weMbile
Abany’abangoma
Bethwasela
Phezu kweNgoqongo

Ubuxhakazwa ngobemikhonto
Bebuxhakazwa ngamadoda
Ngawas’eNhlophenkulu
Kubuz’uSayitsheni
Engowas’Empangeni
Wathi madoda kwenzanjani?
Bathi sibangel’iNkunzi
Yakithi kokaMathathela

INkosana abayikhiphe nyova
Ekhaya kubo kwaDlamahlahla
Bayibhekisa iMpumalanga
Bathi ayisoze yalibusa
Leli iawoSenzangakhona
Kanti okaNdaba uzakulibusa
Aze ayonethezeka
Iphume maqede
Inyathi kaNdaba
Ithi iphakathi
KukaNdunu noNongoma

Yawajik’amabombo
Yabuk’uMaduna
Ezalwa nguNhlanganiso
Izinkomo zikaMaduna
Zawafaka phansi amakhanda
Zabuk’abafowabo kwaMshanelo

Zikubuke zakwesaba
Ezakini kwaMinyamanzi
Ezazidi’amabala
Zidla kolukhulu ukhalo
LukaManqwashu

UMashoshozela obenjengenyosi
Iyezulwini
Usibasa lukhalweni kwabemukayo
Ubase phakathi kukaNdunu
NoNongoma

Izulu eladuma
Ekhaya kubo oSuthu
Eladuma lathath’iSiyoni
ISiyoni safa kabi
Ngoba safa sizilandel’izindaba
Kith’eMahlabathini

Umbango wasuka ngezibomvu
Ekhaya kub’oSuthu
UGagane lukaNdaba
Lubiy’umuzi wakubo
Lapha kwaDlamahlahla

UChakide obepheth’igula
Ethi angaz’alivule
Ekhaya kubo kwaDlamahlahla

IBululu likaNdaba
Elalingulumi muntu
Elaliluma umuntu
Ngoba elinyathele

UNyazi lukaNdaba
Olushay’amadoda
Nebinezwana layo
Laphelela esiswini

UFezela oneshon’ekhalweni
Ugijime ngokhalo olude
NgoloPhiyane
Yakhethelwa zingane
NgezaseKhatholika
EmaLomeni

IMamba eshaya izinhlu
Phansi kwezintaba ngezikaNunu
Unkomo zabhek’eBombolo
KwakungezawoMsenteli

Kwagijima uMpehlempehle
Ezalwa nguNdabokanye
Wathi inkosi siyiphangile
Kith’oSuthu
Yemukelwa nguThuthuza
Wathi ngiyayithanda
Ngeyesithole sakithi kwaSibiya
UFudu lukaNdaba
Olwazalela ngaphezu
Kwezindlu zamadoda
Zabola zonke
Nanamuhla kalokhu zisabolile

Umthukululi wefindo*
Elaliboshwe ngamadod’amabili
Ayethi silifinde sifindile
Akakho ongabuye alithukulule
Hlanga lomhlabathi
Silo saMakhosi!

THOLA ESAKHO ISIKIBHA ESINESITHAKAZELO SAKHO. ORDER: 061 868 5163 (WHATSAPP OR CALL) PRICE: R200

THOLA I-HOODIE ENEZITHAKAZELO ZAKHO: ORDER: 061 868 5163 PRICE: R400

πŸ† Popular people from Zulu last name

  • Sandile Zungu

    Sandile Zungu (Finance/Sports)
    Businessman, founder of Zungu Investments, and owner of AmaZulu FC.
  • Alexander Grey Zulu

    Alexander Grey Zulu (Politics/Law)
    Prominent Zambian politician and cabinet minister.
  • Onthatile Zulu

    Onthatile Zulu (Sports)
    Rising star in South African field hockey and national team player.

Popular people from Zulu last name

  • Misizwe Mtshali (Technology/FinTech) – South African tech professional who worked at Microsoft and MTN Business. Now based in Singapore as an entrepreneur in the FinTech space. [Source: SA Chamber of Commerce Singapore]
  • Princess Kasune Zulu (Legal/Social Justice) – Zambian HIV/AIDS activist and author included in “Notable African American & Black Heritage” biographical profiles. [Source: Gale eBooks]
  • Ntandoyesizwe Zulu-Tembe (Royalty) – Daughter of the late amaZulu King Zwelithini kaBhekuzulu and Queen Mantfombi Dlamini. Married to businessman Moses Tembe. [Source: Sunday World]

Popular people from Zulu last name

Misizwe Mtshali (Technology/FinTech)
South African tech professional who worked at Microsoft and MTN Business. Now based in Singapore as an entrepreneur in the FinTech space. Represents South African tech expertise on international stage.
Princess Kasune Zulu (Legal/Social Justice)
Zambian HIV/AIDS activist and author included in “Notable African American & Black Heritage” biographical profiles. Advocate for social justice and public health awareness.
Ntandoyesizwe Zulu-Tembe (Royalty)
Daughter of the late amaZulu King Zwelithini kaBhekuzulu and Queen Mantfombi Dlamini. Married to businessman Moses Tembe. Represents continuity of Zulu royal heritage.

Royalty from Zulu last name

Zulu I kaMalandela (c. 1627-1709)
Founder of the Zulu clan, son of Malandela. When Malandela died, he divided the kingdom into two clans, the Qwabe and the Zulu. Zulu I established the royal lineage that would eventually unite numerous clans into the powerful Zulu nation.
King Shaka kaSenzangakhona (c. 1787-1828)
Founder of the Zulu Kingdom and one of the most influential monarchs in African history. Through military innovation and strategic conquests, he transformed a small chiefdom into a powerful empire that dominated much of present-day KwaZulu-Natal. His policies and military reforms created the foundations of Zulu identity and power.
King Mpande kaSenzangakhona (1798-1872)
Half-brother of Shaka who reigned from 1840 to 1872. He had at least 28 children by different wives, many of whom have living descendants. His reign saw the Zulu kingdom maintain its independence while navigating complex relationships with Boer settlers and British colonial forces.
King Cetshwayo kaMpande (1834-1884)
Son of Mpande who led the Zulu nation during the Anglo-Zulu War of 1879. His forces achieved a famous victory at the Battle of Isandlwana but were ultimately defeated. He was later restored as king before his death in 1884.
King Goodwill Zwelithini kaBhekuzulu (1948-2021)
Longest-reigning Zulu monarch, ruling for nearly 50 years from 1971 to 2021. He had six wives and 28 children. He revived cultural practices including the annual Reed Dance ceremony to promote pride in Zulu traditions and HIV awareness. He was a direct descendant of King Cetshwayo, who led the Zulu nation during the 1879 war against the British army.
King Misuzulu kaZwelithini (b. 1974)
Current reigning monarch of the Zulu nation, installed in 2021 following the death of his father. His mother was Queen Mantfombi Dlamini, daughter of King Sobhuza II of Eswatini. As the son of the “Great Wife” whose lobola was paid by the nation, he is the rightful heir according to Zulu tradition. His reign has faced legal challenges from other branches of the royal family but continues with the support of millions of Zulu people.

Izithakazelo zakwaMthimkhulu Clan Names Umlando

Izithakazelo zakwa Mthimkhulu

Hadebe,
Bhungane,
Wena owamila edlukwini lapho okungamilwa khona,
Mashiya amahle,
Mashiya amahle njenge nyamazane,
Mashwabada,
Wena owashwabadela inkomo ne’mpondo,
Yathi mayifika emphinjweni yadlamalala,
Umkhulu Bhungane!

Page 3 of 4

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén