Ukucela empunziniUkubaleka

Lesisimo sokukhuluma sichaza ukuthi umuntu usuke ebaleka, mayethi Ngacela empunzini kusho ukuthi wabaleka.

Sisuselwa esenzweni seMpunzi(Inyamazane), Phela impunzi makuqhamuka izinja, izingwe, amabhubesi noma isiphi isilwane esidla izinyamazane iyabaleka.

Mangabe umuntu ecela empunzini usuke elingisa yona ngokubaleka. Abantu mabengafikanga eshumini noma kuliphi inani siyaye sithi bebecela eshumini noma bebecela enanini elithize.

Phela lokho kuchazwa ukuthi bebelinganiselwa, nomuntu usuke elinganiselwa esenzweni seMpunzi edla phansi!!!