clan names πŸ’™ clan history πŸ’―

izithakazelo

Month: June 2016

Umlando Wesibongo SakwaMhlongo

Umlando Wesibongo SakwaMhlongo

Abantu bakwaMhlongo imvelaphi yabo ayicaci kahle kodwa kusolwa ukuthi kukhona ukuxhumana okuthile nabakwaDlamini. OMhlongo babizwa ngokuthi ngabaseLangeni okuyisithakazelo sabo. Babakhe eMthinemide kwehlenjalo kubheke koMfanefile, eNtembeni, kuze kuyoshaya ngaseNingizimu neNkwalini.

Umlando wabantu bakaMhlongo mkhulu futhi baziwa njengabantu abavelela kakhulu futhi kubona kuzalwa amaqhawe namaqhawekazi. Sibathola beholwa nguMhlongo kaNqeshe kaSililo. UMhlongo wayengesiyona inkosana kaNqeshe kodwa inkosana kwakunguNzawu owavele washiya ikubo wayokwakha eMpaphala.

Kuthe sekushone uyise, uNqeshe, uNzawu wabuya ekhaya ngenhloso yokuzohlala esihlalweni sobukhosi. Kodwa-ke ngeshwa lakhe wathola ukuthi uzalo lwabe selukhethe uMhlongo ngoba bebemthanda kakhulu futhi sebemazi ngoba bebeveli behleli naye. Ukuthi bafuduke kanjani eSwazini, akuveli kahle kodwa ngathi bakanye nabantu bakwaNdwandwe. UNzawu bamxosha bamchapha ngezinhlamba, waphuma kabuhlungu wabashiya ebaleka eshiya nobukhosi obungobakhe.

UMhlongo wase ezala uBhengi. UBhengi-ke waziwa ngamagama amaningi okubalwa oBhebhe, kanye noDlomo. UBhengi uganwe nguMfundi kaKhondlo wakwaQwabe owafika wamzalela abantwana abathathu, uNxazonke, uMgabhi noNandi (indodakazi).

uBhebhe ushone washiya inksazane uNandi isencane, neyakhula ngaphansi kwesandla somnewabo uMgabhi owayakhe umuzi waseBozeni ngenhla komfula iMlovu. UMgabhi uzale uSongweni noMakhedama. Inkosazane uNandi izale uMlilwana (uShaka) ngemuva kokuba ihlangane neNkosi uSenzangakhona njengoba sazi sonke ukuthi kwenzekani phakathi kwabo. Kunesikole esiqanjwe uMgabhi ngoba kuhlonishwa yena.

Njengoba bese kushiwo ukuthi ukuvela kukaShaka kakuzange kwehle kahle kubantu bakwaMhlongo ngoba wayengagananga KwaZulu enkosini uSenzangakhona. Kuphinde kwaba nobuhixihixi waze wathola igama lendodana yakhe elithi nguShaka ngoba ngesikhathi emkhulelwe, uMntwana uMudli kaNkwelo waKwaZulu wathi uNandi akakhulelwe, uphethwe yibhungane elikhukhumalisa isisu kumuntu wesifazane. Lelo bhungane kuthiwa ishaka.

UMntwana uMudli wayethatha ngokuthi kwakungeke kwenzeke bakhulelisane ngoba babeyizihlobo ngoba uNandi wayezalwa kwaQwabe abakanye nabakwaZulu. Esezelwe kuthiwe nguShaka kodwa igama lakhe kwabe kunguMlilwana, kwabe sekuchuma leli likaShaka.

UShaka ekukhuleni kwakhe wayohlala eLangeni ngemuva kokungaphatheki kahle KwaZulu. UShaka wayenodadewabo uNomcobo. Nakhona eLangeni kabaphathekanga kahle, bahamba ngoba uShaka wayephethwe kabuhlungu nguMakhedama owayembiza iqanda lenjelwane futhi bembhinqa bembiza ngawo wonke amagama angasile. Bedlula nonina uNandi baya eMaMbedwini eMpaphala lapho uNandi wathola uMntwana uMngwadi kuGendeyana wakhona eMaMbedwini. Kuthe ngesikhathi uShaka esesihlalweni sobukhosi KwaZulu, uMakhedama waba ngomunye amkhumbulayo ngezinto ezimbi ayezenza kuyena esengumfana, wabe esehlasela isizwe sakwaMhlongo ukuphindisela ubuhlungu abuzwiswa ebunganeni bakhe.

tags: mhlongo origion, mhlongo history, mhlongo tribe, mhlongo izithakazelo
source: ulwazi.org

Umlando Wabantu BakwaSibiya

Umlando Wabantu BakwaSibiya

OSibiya baphuma KwaZulu endlini encane kaNdaba. Kulendlu uNdaba wazala uGumede, owazala uZingelwayo noZembethe. UZingelwayo noZembethe bazalelwa emzini kayise uNdaba KwaMpokoloshe, owayakhe ngaKwaNobamba. Lamadodana kaGumede aba neziphiwo ezahlukene. UZembethe wayenesiphiwo sokuzingela izinyamazane. UZingelwayo (Gubeshe) wayenesiphiwo sokuthanda imfuyo, izinkomo. Nazo- ke zamthanda kakhulu, zanda.

Lamadodana kaGumede asuka KwaMpokoloshe ngokwehlukana. UZembethe wasuka wayokwakha ngaseziNtabeni zasoPhathe lapho wayephila ngokuzingela izinyamazane njengoba zaziziningi kuleya ndawo. Wazala inkosana yakhe wayetha ngokuthi nguGazu. UZingelwayo yena wasuka wayokwakha phezu kweNtaba eMthonjaneni. Ngenxa yokuthi imfuyo yayimthandile uZingelwayo, izinkomo zakhe zanda ngalendlela zazize zilale ngaphandle kwesibaya zizungeze umuzi wonke. Abantu ababedlula ngaphandle komuzi bathi: β€œake nibuke oZingelwayo, bafuye kanjani, babiya ngezinkomo abafokazana bebiya ngamahlahla.” Kusukela lapho uZingelwayo wabe esebizwa ngoSibiya. Kwathi abakaZembethe babizwa ngoGazu owabe eyinkosana.

Ngokuhamba kwesikhathi bahlangana bavumelana ngokuthi basebenzise uSibiya njengesibongo, uGazu abe yisithakazelo sabo. Nangesikhathi besebenzisa uSibiya, basebenzisa uNdaba noGumede abangokhokho babo njengesithakazelo. Ubuhlobo balababantu nabaKwaZulu baphela ngesikhathi iNkosi uJama ishelelwa ngabantwana bayo uMkabayi nomama indodakazi kaZingelwayo (Gubeshe) uMthaniya eyazala inkosi uSenzangakhona. Lababantu bakwaSibiya bakhulu KwaZulu futhi banomlando omkhulu. Enye yamadodakazi kaZingelwayo uLangazana, igane iNkosi uSenzangakhona yazala uMagwaza noNonqgobo. UMagwaza wasala empini yaseNcome mhla zili- 16 kuZibandlela (December) ngowe 1838.

USotobe kaMpangalala kaGazu waba yisiyendane seSilo uShaka. ISilo uShaka saze samthuma ukuba aye phesheya kwezilwandle eNkosini yamaNgisi, uKing George ukuba eyofuna ubuhlakani babelungu. Ngeshwa wabuya iSilo uShaka sebesibulele, lapho khona sabuya nomfana womlungu. Bathi abantu usithathephi isilwane esinamehlo okungathi ngawekati. Lowo mfana wagcina esefunde yonke imikhuba yabantu bakwaSibiya, wagcina igama lakhe sekunguKhathi.

USotobe simthola esebekwe yiSilo saseMgungundlovu, maphakathi neKwaZulu Natali maphakathi nezwe njengengede ebheke bonke labo ababenza okuphambene nomthetho waso. Abantu bakwaSibiya banobukhosi laphaya kwaKhiphunyawo oPhongolo. Leya ndawo bayinikezwe yiSilo uShaka, sathi mabayobheka amaSwazi angangeni KwaZulu. Sayinika iqhawe laso uNogwaza kaNgobe kaMheqwa waseSikhobobo kaMabhabhakazana elayibamba empini yodumo lukaBhambatha kaMancinza Zondi Khandampondo lingenye yezinduna zaseBaqulusini.

source: ulwazi.org

Izithakazelo zakwa Ndebele

Izithakazelo zakwa Ndebele

Ndebele
Mahaye kaMvanande
Othethela uMantshinga noNtsele
Mwelase!
Abangaweli ngazibuko,
Abawela ngezinsungulu.
Wena owakwasihlathi esihamba ngendlela,
Wena wakwa funisa umuntu inkonzo.

Wena kaMagwaza engugwini,
Owagwaza intombi nesoka. Mazankosi!
Nina abakwaDindela,
Nina abakwaMgolodelwa Ngokuzala uKhondlo Inkosi yaseMantshaleni.
Amashayela phezulu ngokumbindlu.
Amabethela isigogo.
MaBhele balekani imilenze ibomvu.
Ndaba!

Nina abakwaBhensa,
Nina abakwaMahaye,
Niba bakaMakhaphazela,
UNtunyelelwa wayeyisifamona.
Ivande lathethwa uMantshinga noNtsele.
UMekeza KaMshido.
AbakwaNdaba ngokugoba amadolo.
Imididwa edidwa ngamabala.

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Ndebele!
Fonela lenombolo: 061 868 5163 wenze i-oda lakho! No Whatsapp please.

Price: R200.00

Izithakazelo Zakwa Siwela

Izithakazelo Zakwa Siwela

Nkosi,
Ndlangamandla ,
Nkonyane yenkosi.
Wena okamphazima kalanga,
Wena okamlotswa kangakanani nasentendeni yesandla uyenela.
Nina bakalanga libomvu wasemaNtungweni owadla umuntu emyenga ngandaba,
Nina bakaSoyidina,
Odine abezizwe nabezizwana,
Mawandla kaNdlovu,
Siwela sasemandlovini ezadla ekhaya ngokweswela abelusi,
Nina bephela enasinela inkondlwane nithi ngamasi,
Nina bakabheje eseNgome.

tags: Siwela clan names, Siwela clan praises, Siwela izithakazelo, Izibongo zakwa Siwela

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: