clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Category: Umlando Page 1 of 9

Did Shaka Zulu have children?

Ingabe iLembe uShaka kaSenzangakhona wayenazo izingane zakhe.

Kwesinye isikhathi abantu banokubuza umbuzo mayelana neLembe eleqa amanye amaLembe ngokukhalipha ukuthi kungabe lalinalo yini izinyane?

Izazi-mlando zahlukene phakathi mayelana nalo-ludaba kodwa kuyavela ngomlando okhulunywayo ukuthi iLembe lalinayo indodana.

Yize kunamahlebezi okuthi iLembe lalingazifuni izingane ngangokuthi kuthiwa lalizibulala zisencane.

kodwa iyodwa eyake yazalwa yafihlwa okwakuthiwa nguMhlophekazi eyathi mayisikhulile yabaleka iguduza emahlathini yaze yabulala ibhubesi lapho eyafika khona yabayinkosi.

Abanye bathi uMhlophekazi wagcina ethathe uhambo waphelela khona komakhelwane laphaya eSwazini.

Sifisa ukuzwa uvo lwakho mayelana nesihloko sanamuhla.

Sibonge ukusiboleka indlebe. Uphinde ubuye futhi nangomuso.

Umlando: Ondlunkulu beSilo uCetshwayo kaMpande

Laba besifazane abane babengondlunkulu, izindlovukazi zikaZulu ezazigane iSilo uCetshwayo kaMpande. Njengoba kuke kushiwo ukuthi emendweni akuhlezi kumnandi, ziyafika izikhathi zobunzima.

Lapha baseThekwini behamba neSilo uCetshwayo, beyogibela umkhumbi owabantuntisa wayobafikisa eKapa. Lapha kungonyaka ka-(1880), mhlazane uZulu esengasazimele gelekeqe. Nyakana uZulu esanda kuhlulwa eSandlwana.

Izithakazelo Zakwa Ndlazi 😍 Umlando wakwa Ndlazi

Izithakazelo Zakwa Ndlazi
Ndlazi kaLokothwayo 
Swebelele 
Somlibo umarhog’uyababa unje ngatshongwe lomlambo, 
yincem’ende eyongamel’ iziziba abathi bayayibamba ayadontseka bayishiya ivele phakati kwesiziba. 

Ngu-Somlimokazi wena Gawuka kaMgegedla omathanga amakhulu adabula utshani bendlela. 
Ushiyampahla wena owahlindza inkomo wede wathuth’umswane wabashiya bedla. 

Ngababamba umsingizane badontsisane ngawo besithi yincema. 
Iindlaz’anyoni edla emigxobhozweni, inyon’ emaphiko made, endiza ezingweni zoThukela. 
Oondlubu zamil’ ebubini bamadoda ngokuswel’ indawo,  omafuz’afulele okwelifu lemvula, abashwabadel’ iinkomo. 
Nina bakwamfaz’ obele lide omuncis’ umntwana engaphesheya koThukela. 
Sihlabathi soNdi noThukela ndifike besihlenga besiphalaza, nam ndasihlenga ndade ndaguzubala. Nina mahlahla ndlela ngokukhamba iintaba zoLundi zingenandlela nazenza indlela yokukhamb’uBhungane. 
Ndlazanyoni nina mabinda nkosi ngoku binda uRhadebe inkosi ingakaze yabindwa. Ndlazi phum’ ethinzini abantwana bafa kukuthuthumela. 
Nyoni yeSilo kaMthimkhulu omuhle onje ngeNdlazi yakwaLokothwayo wena wengwazi emnyam abayinqinde izimpondo. Umphuhlan’ ophuhle wavelela phezu kwamaHubi, maHlubi ‘ amahle, oomashubel’ esavela. maNgelengele anzipho zimnyama ngokuqhwayana. 
Bayethe thole leSilo!!!
Umlando WakwaNdlazi
Abantu bakwaeuNdlazi kumbe Mandlazi badabuka esizweni samaHlubi endlini yeNgonyama uRadebe kaMthimkhulu wokuqala. Lesi sibongo siqhamuke ngendodana kaRhadebe uLokothwayo owazakhela umuzi wakhe wawuqamba ngeNdlazi inyoni encane enobuhlakani.
AbakwaNdlazi bahlobene kanye nabantu bakwaRadebe ngokozalo kepha sekunokulahleka komlando kwabanye abacabanga ukuthi uNdlazi uzalana kanye noMtshali kanye noMthiyane, kepha akusinjalo ukuduka komlando nanonukuthi abantu bakwaNdlazi bafikela ezingweni ezinengi uma babefuduka emhlabeni wabo eMtshezi lapho bahlukana khona abanye baya eSwatini abanye eMpumalanga abanye eEatern Cape.

Laba baseNatal bazibiza Ndlazi-Lokothwayo Shiya, abaseMpumalanga bszibize ngoMandlazi Shiya Semane, abaseSwatini bazibize Mandlati Sibanyoni, base EC babiza Ndlazi-Swebelele Somlibo.

Imvelaphi yabantu bakwa Mpontshane 😍 Umlando wesibongo sakwa Mpontshane

Imvelaphi ngesibongo sakwaMpontshane – emandulo 
Imvelaphi yabantu bakwa Mpontshane 😍 Umlando wesibongo sakwa Mpontshane

kwakunenkolelo yokuthi uma inkosi esuka ibusa ngalesosikhathi iba nenyanga yayo noma futhi uma ikhothama nenyanga yayo leyo iya kwagoqanyawo, ngoba yayivamise ukuba uhlupho emphakathini ngoba yayingumuntu osondelene kakhulu nenkosi,yayazi izitha zenkosi kanye nezinyathelo ezizothathwa inkosi. ngakho-ke inkosi uShaka yiyo nenyanga yayo eyayibizwa ngo Jeqe Buthelezi. 

UJeqe Buthelezi wayesondelene kakhulu noZulu. Emveni kokudlula kwenkosi uShaka emhlabeni, inkosi eyalandela lapho uDingane,wahlela ukwakha utulo lokuyisa uJeqe kwagoqanyawo, Nokho elingaphumelelanga ngenxa yokufadalala kwamacebo kaDingane. Ngenkathi uJeqe esezwile ukuthi inkosi ikhothamile wabutha okungamasakana akhe ebusuku wathi nyawo zami ngibelethe, ngoba wayazi ukuthi uma epholisa amaseko bazomvimbezela bangene ngendluvu iyangena emzini kaShaka. Hhayi-ke wakhala wemuka umfoka Shenge enqamula amahlathi namahlathikazi,imifula nemifudlana. Waze wafika kamhlaba uyalingana, ngapha emuva uDingane wafika namabutho akhe elawini lika Jeqe itshe selome inhlama. Uma efika kamhlaba uyalingana azithele phezu kwamadoda endowo, embuze athi “wahamba umpontsha, ufohla lapha emahlathini nje mfokazana ulibamgisephi?”

Wabe esebazekela lonke udaba olwalumumpontshisa ezikhaleni nasemahlathini. Lamadoda endawo amzwela amnika indawo yokulala, badingida udaba lwakhe olwalusezithebeni base bephuma nesu lokumfihla.

“Lalela lapha-ke mfoka Shenge, ngoba usuzibikile, thina dingabantu abalungile ngakho ke sithe uma sibhunga ngodaba lwakho sabona ukuthi uzoba usizo emphakathini wethu njengoba unomlando omuhle wokuba inyanga yenkosi yethu uShaka” kusho indoda.

“Njengoba bengandile abantu bakwaButhelezi kulendawo sibona kungakuhle ukuthi ushintshe isibongo ozibiza ngaso okweskhashana kuze kudlule ukuthungathwa kwakho, njengoba wazi nawe mfoka Shenge ukuthi izibongo ziqanjwa ngenxa yezenzo Zomuntu nawe sibone kungaba isu elingcono lokuthi sikubize ngoMpontshane ngenxa yokuthi ubuhamba uMpontshampontsha izwe lonke leli”

Umlando wakwa Fakude 😍 Umlando wakwa Fakudze

Umlando wakwa Fakude 😍  Fakudze surname

FAKUDZE

Umlando womlomo usitshela ukuthi isibongo sakwaFakudze savela ngesenzo sendoda eyayihlala ezintabeni zaseSwazini . Kuthiwa ngesikhathi inkosi uSobhuza wokuqala efika zweni laseSwazini wathola indoda eyayihlala ezintabeni ezaziwa ngokuthi izintaba zaseMdzimba .Kuthiwa lendoda yayithi uma ibona abantu ibaleke iyocasha emigedeni , kuthiwa le ndoda yayingafuni ukuzihlanganisa nabantu . Kuthiwa abantu babikela inkosi ngalendoda yasithi inkosi mayilandwe leyo ndoda ilethwe esigodlweni sayo sakwaZombode wamagugu . Isifikile leyo ndoda okaNgwane wayibuza ukuthi ingeyakwabani .Kuthiwa yaphendula yathi ingeyakwaMatsebula[Mathebula] . Kuthiwa okaNgwane wayibuza le ndoda ukuthi icashelani emigedeni .Yaphendula yathi isaba abantu ukuthi bazoyibulala .Wathi-ke okaNgwane ungesabi ngoba ukufa kukudze nawe ndvodza. Yase ithi inkosi uSobhuza kule ndoda usunguFakudze wena jaha .Wathathwa uFakudze wakhelwa umuzi wahlanganiswa nabantu . Kwathi ngokuya kwesikhathi waganwa uFakudze ,wazala abantu bakwaFakudze .Ngamafuphi abantu bakwaFakudze baphuma kubantu bakwaMatsebula . Ngenxa yezimpi abantu bakwaFakudze sibathola sebesabalele izwe lonke.Sibathola eSwazini okuyilapho bezalwa khona,siyabathola eKZN kanye nasesifundazweni saseMpumalanga .

UMgaye wakwaFakudze :

Leli qhawe lwakaFakudze lawunothisa kakhulu umlando wesibongo sakwaFakudze .UMgaye wayehola ibutho elalaziwa ngokuthi iNyatsi . Ngaleso sikhathi inkosi eyabe ibusa eSwazini kwabe kuyinkosi uMswati wesibili.

Amanye amabutho enkosi uMswati ilawa alandelayo

-TiNjonjela
-YiNdlavela
-uMjindi
-uLochegu
-Imigadlela TiNjonjomane
-LiGwalagwala
-uGiba
-uMbhula

UMgaye wabamba elikhulu iqhaza empini yaseLubuya eyabe iphakathi kukaZulu namaSwazi .Ngaleso sikhathi kwaZulu kwakubusa iSilo u-Mpande kaSenzangakhona. Lempi yalwelwa esigodini sakwaHlathikhulu .Noma uZulu wayewamise kabi amaSwazi kodwa akawehlulanga .Kwathi ebusuku wakhumuka uZulu wabamba indlela eqonde ekhaya kwaNodwengu. Impi yakwaZulu yayiholwa uMasiphula kaMamba wakwaNtshangase ,abeSwazi beholwa nguye uMgayi wakwaFakude .Lokhu kuhlehla kukaZulu amaSwazi akuthatha ngokuthi uZulu wahluliwe, uhlehla nje uyabaleka . Ngingakho uMswati ebongelwa ngokuthi:-

”’Gijimani ngazo zonke izindlela
Niyibikela uMpande kwaZulu
Nithi iNdlovu idle enye iNdlovu”

INdlovu nguye phela uMswati odle uMpande ngokududula impi yakhe .Kuthiwa wahlabana kakhulu uMgayi wakwaFakude kuleyo mpi -wagqamisa isibongo sakwaFakudze . UMgayi wayekhona futhi empini eyabe iphakathi kukaMswati nabafowabo oNdlela noFokothi . Kuleyompi uMgayi wayengasohlangothini lukaMswati .

Izithakazelo zakwaFakudze :-

Mntolo,
Mayisandzaba enkhosini,
Womthimba wokushelela netipfo letihle,
Nkhaba yashona njengel’bhodlela
Mahlokota timbila tiphume tisabalale
Wena nkhopho ayinetfwa inetfwa mikhemetelo
Mfene lendvuna sinonombela,msutfu mswati
Ndzaba lomuhle lotifungako
Mphotholozi

Ibindza

Umlando wakwa Mvelase 😍 imvelaphi yakwa Mthembu

Umlando wakwa Mvelase 😍 imvelaphi yakwa Mthembu

Isizwe sabaThembu sidatshulwa uMangqoyima owayeganwe isithembu esadala izindlu ezimbili ezagqama kakhulu emlandweni. Indlu enkulu AbakwaMthembu kuthi encane abakwaMvelase kodwa lezizindlu kazibulahlanga ubuhlobo njengoba izithakazelo zabo zinye futhi kabaganiselani nhlobo.

AbasebaThenjini bangamaNtungwa nguni babakhelene namaChunu noMabaso. UMANGQOYIMA nguyena ongumsuka waseBathenjini owahola abantu bakhe baze bayovinjwa ulwandle bazinza eNseleni besuka enhla koNtalasifani. Phela amaNtungwa – Nguni kuseyinzalo kaMatalatala ( Dlamini 1 ) noma nje bazehlukanisa ngokwezigaba abeNguni kodwa bayindlu eyodwa kaMumbo kaNguni waseBantwini maphakathi nezwekazi.

UMANGQOYIMA wakhe umuzi okwathiwa kuseNhlangwini khona eNseleni. Kulapho kwakhulelala khona uGeze obeyinkosana yakwaMthembu endlini enkulu. Kuleyodawo kulapho abaThembu bahlaselwa uDingiswayo wakwaMthethwa babebuswa uJama kaMnisi, ekukhothameni kuka Jama kaMnisi ubukhosi babaThembu bashabalala babusa njengezinduna zika Dingiswayo. Base beholwa uNdima kaMnisi omunye umfowabo Jama.

Ukwelamana kwaba Thembu;

UMangqiyima uzale
UGeze owazala
ULushozi owazala
UNdaba noMlenze

UNdaba wazala
UMnisiwemvula owazala
UJama noNdima

UNdima wazala
UVico,uSondaba kanye noMangcikivana

USondaba wazala
USiyembeyembe

UJama kaMnisi wazala
UMahawana noSojabha

UMahawana wazala
UMmangaliso owazala
ULOKOTHWAYO

USojabha wazala
UMashobane owazala
UFunwayo

UMlenze kaLushozi wazala
UBhacile owazala
USikhala owazala
USomopho owazala
UMsiyana.

Indlu encane abakwaMvelase:

uMangqiyima wazala
uNyandeni owazala
uMvelase owazala
uGazi owazala
UMkhubukeli owazala
UNgoza owazala uMnhlakomuzi noNodada

UNodada wazala
UMganu owazala
UMabizela noNgqamuzana

UMabizela wazala
UKufakwezwe noZisulu

KwaMvelase kwaduma kakhulu uNgoza kaMkhubukeli owalwa noShaka kodwa wehlulwa wase ebalekela eKoloni nabantu bakhe.

Kubese kuba nezindlu eziyisende likaNgoza eKoloni okuvalwa kuzo nazi;
Mathanzima
Dalindyebo
Mandela
Nezinye ezingingi.

Izithakazelo zako Mvelase:

Mvelase
Qhudeni
Mvelase kaGuqa
Owavela enyandeni yemikhonto yakwaMabaso
Mnisi wemvula ilanga libalele
Nina basemlamankunzi
Nina eningawadli amathibani nawadla kobe iwile.
Ngoza kaMkhubukeli.

Izithakazelo zako Mthembu:

Mthembu
Mvelase
Qhudeni Mvelase
Ndaba
Jama kaMnisi
Mthembu waseGubase
Wena owavela enyandeni!
Nina eningawadli amathibani
Nina basemlamankunzi
Ngoza kaMkhubukeli kaGazi

Ndlovu Gabula

Mina ngingu Ndlovu uGabula ololwazi ngabokhokho bethu kaphawule mina ngazi kusukela kuNolo kusehla ngingajabula mangingazi imvelaphi yami oGabula otshize omanyehwa ongalonde omzikhulu obalubakhe

Umlando wakwa Malunga

Izithakazelo zakwa Malunga

Gatsheni,
Boya benyathi,
obusonga busombuluka,
Mpongo kaZingelwayo,
Nina bakwaNdlovuzidl’ekhaya,
ngokweswel’abelusi,
Zaze zeluswa intombi uDemazane,
Nina bakwaKhumbul’amagwala,
Nina bakwaDemazane Ntombazana,
Nina bakwaS’hlangu sihle,
Mthiyane, Ngokuthiy’amadoda emazibukweni,
Nina bakwaMdubusi!

Uma kukhona onomlando wakwa Malunga, sicela uwufake kwi-comment section. Siyabonga.

Imvelaphi yakwa Ndlovu

Imvelaphi yakwa Ndlovu

Imvelaphi yabantu bakwa-Ndlovu

Ukufika kwabantu bakwa Ndlovu, bafika ngesikhathi kusabusa iNkosi uShaka. Umlando usitshela ukuthi iNkosi uShaka yayihamba ihlasela izizwe ngezizwe azinqobe bese eyazihlanganisa zibe isizwe esisodwa. Umlando uthi-ke wehluleka ukuhlanganisa amaZulu nabeSuthu. 

Wayeshaywa into eyodwa njalo uma efika entabeni kwakunenkungu, wabe eseqoqa amabutho akhe wabanikeza umyalelo wokuthi uma ngase bathole noma oyedwa wabeSuthu abombamba bangambulali bese bemletha kuye khona ezoke bambuze ukuthi iphi inyanga yabeSuthu. Uma kwenzeka amabutho ethola inyanga uqobo lwayo ukhokhovula bangalinge bambulale, nangempela bamthola bandla umSuthu bathi ukumjezisa kancane waze wayoyikhomba inyanga yabeSuthu lapho yayicasha khona, bayithola emgedeni ihleli babuya nayo-ke lenyanga. Igama laloKhokhovula kwakunguTLOU phecelezi Ndlovu ngesiZulu, lo owayedidiyela amakhubalo anzima abeSuthu. Amabutho kaShaka ayengababoni nhlobo abeSuthu uma sebesokhalweni impi isiphisele, kodwa abeSuthu babebabona bavele bame phezulu entabeni bagingqe amatshe afe amabutho kaShaka.

Umlando uthi iNkosi uShaka wamthatha uNdlovu waya naye esigodlweni sakhe , wabe esethi akakhiphe lomuthi wenkungu, nempela wamnika uNdlovu umuthi wezinkungu.Kwahamba isikhathi uShaka wamuzamela intombi ngoba wayesefa uNdlovu umuzwangedwa, kuthiwa-ke wamnikeza intombi eyayisikhulile. Umlando uthi lentombi yayisikhulile ngethambo impela, futhi kukholakala ukuthi yayingakaze imthole umuntu wesilisa , kwakusoleka nokuthi ikhubazekile kancane. Intombi yahlala-ke noNdlovu yaze yakhulelwa bathola ingane yomfana.ahamba amabutho eseyobikela iNkosi uShaka ukuthi uNdlovu usethole ingane. Inkosi yafike yathi, “ Ninamanga uthol’dala kukhona lapho lingakhipha khona?” yamangala iNkosi ukuthi kukhona uthi olungaphuma la kulento esindala kanje. Igama lalengane kwagcinwa isiqanjwa ngayo igama elithi uThol’dala.

Umlando uthi uThol’dala wakhulela endaweni yase Malimede (Melmoth) ngaphansi kweNkosana yakwa Biyela, uMkhosana Biyela. Bakha lapho kuze kube imanje basatholakala abantu bakwa Ndlovu. Abanye oNdlovu bafudukela kwezinye izindawo zakwaZulu, abanye baze bafika bakha eThaleni eNkandla. Abafika eNkandla bafika sebeholwa iNkosi uMpongo kaZingelwayo. Kuthiwa isizwe sakwaNdlovu kwakuyisizwe sasingezwani nomsindo kanyye nezimpi. Bafika bakhelana ngokuthula nezinye izizwe ezazakhe khona eNkandla. abakwaNdlovu baqala bakhelana nesizwe sasemaChunwini khona eThaleni. Ngalenkathi uShaka eshakazisa izizwe ngenhloso yokubumba isizwe esisodwa , ngaleyonkathi uMpongo Kanye nabanye bakwaNdlovu babekhonza iLembe.

INkosi uMacingwane kaJama wasemaChunwini Kanye neNkosi uNgoza Mthembu benqaba ngoba bethi ngeke bakhonze umfana bona ngoba bawontanga benkosi uSenzangakhona uyise weNkosi uShaka. Ukukhonza kwabakwaNdlovu bekhonza iSilo uShaka kwabangela amazinyo abushelelezi esizweni samaChunu. iNkosi uMacingwane yayithi uma ihlangene nesizwe sayo isitshele ukuthi iNkosi uMpongo kaZingelwayo iyathakatha. Okuthe langalimbe iNkosi uMacingwane wakhipha inqina wathi maliyozingela ingwe, leyo ngwe ibanjwe ngamabutho eNkosi bese eyayibhila ngemithi enzima bese eyayithumela ingwe iyobulala iNkosi uMpongo eyamfica elele, kwaba ukuduka kwakhe uMpongo. Ukubulawa kweNkosi uMpongo kanje kwasithukuthelisa kakhulu iSilo uShaka besemzingela sifuna ukumbulala. Ngemuva kokubulawa kweNkosi uMpongo, isizwe sakwa Ndlovu safuduka sayokwakha ngasemfuleni iNsuze, ngaphansi kwentaba yaseQhudeni.kunendawo lapho esafike sakhelana nesizwe saseMbo. (Mkhize) uzalo lukaMavovo. Ngaleso sikhathi abaseMbo babeholwa uZihlandlo kaGcwabe Mkhize

Babehleli kahle, ukwakhelana kwabo kwakukuhle kakhulu, babelima, kusiselwana nangemfuyo. Lezizwe bezikhonzene kakhulu. Ukuzwana kwalezizwe kwathukuthelisa inkosi uDingane wabonakala eseyingozi kakhulu uZihlandlo kaGcwabe uMacingwana. uMacingwana wabe esehlasela isizwe saseMbo, sabe sesifuduka nabanye oNdlovu baya eNhlazuka (Richmond) eduze nomfula iLLovo. Isizwe sakwaNdlovu sase siholwa uNogwijela? Ngema? Kwathi ukufika eNhlazuka , uNogwijela waphinda wasuka waya kwaNogqaza, eMngeni (Howick). uMpongo ngenxa yamandla akhe, nobuchule, nobuhlakanipha, wabe ebizwa ngo “Mandle’zizwe” bathi unguboya benyathi, buyasonga bube busombuluka.

Umlando wakwa Mzobe

Umlando wakwa Mzobe

Uma kukhona onolwazi lomlando wakwa Mzobe, sicela usazise nge ngokubhala i-comment ngezansi.

Page 1 of 9

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: