clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: August 2016

Umlando wabantu bakwaKhumalo

Umlando wabantu bakwaKhumaloNjengoba abantu bakwaKhumalo bephuma kuKhumalo obengumnewabo kaMabaso, bezalwa nguMntungwa onguMbulazi, yingalesisikhathi bebesoThaka, lapho beholwa nguKhumalo. Basuka lapho beholwa nguKhumalo behla bayozinza eNquthu, bahlala endaweni yaseMvunyana eNondweni kwehle njalo kuze kuyoshaya eMzinyathi. UKhumalo wabe ke esezala inkosana yakhe uMkhatshwa, yena ozale uZikode. Ngesikhathi abantu bakwaKhumalo sebebuswa nguMagugu kaGasa kaZikode banda baze benabela eBabanango nokulapho uMagugu efike wakha khona ihlalankosi lakhe wathi kuseSikhaleni.

Akahlalanga lapho ubuye wathuthela eNquthu. Simthola esehlukana nabafowabo obekungoDonda noSiwela ebashiya noyise omncane uMashobane noBheje kaMagawozi owayeyibutho likaDloko. Labo Khumalo abebehamba noMashobane sibathola behamba beze bayowela umfula iSikhwebezi. UDonda wase akha umuzi phesheya komfula iSikhwebezi wawetha ngokuthi kuseZizibeni lokhu okwaholela ekutheni uma ehaywa abizwe ngoDonda weziziba. UBheje wakhe owakhe wathi kuseNgome, owabuye waziwa ngokuthi kuseTsheni likaBheje. Kanti noMlotshwa kaSiwela yena wakha owakhe umuzi eduzane kweqguma uMaphonjwana wathi kusoThulini. Ngesikhathi uMagugu eseNquthu, uhlaselwe yiNkosi uShaka wabaleka nabantu bakhe bahlakazeka nezwe lonke.

Isizukulwane sakhe sitholakala eNquthu, eNtinini eTilehe nase (Utrecht) naseDriefontein. Umuntu oqgame kakhulu kwaKhumalo nguMzilikazi kaMashobane. Usocongwe nguZwide kaLanga wakwaNdwandwe ngoba emsole ngokuthi uxwayise iNkosi uShaka efuna ukumbulala. Wambulala uDonda wamnquma ikhanda wayohlobisa ngalo endlini kanina uNtombazi kwaDlovunga KwaNongoma.

Kanjalo noyise kaMzilikazi uMashobane wasocongwa yinkosi uZwide ikhanda lakhe layohlobisa khona kwaDlovunga. UMashobane yena washiya inkosana yakhe uMzilikazi. Lokhu kwenza uMzilikazi agcine ehambile eyokhonza enkosini uShaka ethi uzama ukubalekela ulaka lukaZwide njengoba esanda kwenzakalisa uyise. Lapha KwaZulu uMzilikazi afika wavele waba isilomo enkosini uShaka njengoba iNkosi uShaka wayewathanda amaqhawe, naye-ke waba ngelinye lamaqhawe eNkosi uShaka.

UMzilikazi wabuye wabaleka KwaZulu emuva kokuba eseqembule izinkomo zenkosi uShaka. Wabaleka waze wawela umfula iGwa ehlasela izizwe ayehlangana nazo, wadla izinkomo zazo wazithatha zaba ngaphansi kwakhe. Waqhubeka njalo waze wayofika koTransvaal kodwa akangahlala kahle ngoba abamhlophe bebembona njengomuntu ongahlalisani nabanye abantu othanda impi kakhulu.

Wabaleke wawela umfula uBhalule (Limpopo River) waze wayozinza eZimbabwe lapho babebabiza ngaMatebeke ngoba bengagoduki, befaka amabheshu nezidwaba. Bagcine sebebizwa ngaMaNdebele. Ufike laphaya eZimbabwe wakha umuzi wakhe wathi kwaBulawayo okwabe kuligama lomuzi weNkosi uShaka KwaZulu.

Lowo muzi usulidolobhakazi elingelesibili ngobukhulu khona eZimbabwe. Amadodana akhe okwabe kunguNkulumana oyinkosana noMangwane babanjwa bexoxa ngamasu abayowasebenzisa uma sebebusa emva kokukhothama kukayise.

Lokho akuzange kwehle kahle kuMzilikazi, ubabuze ngamasiko ukuthi bayawazi yini. Wathi kubo lake laphuma yini elinye lisekhona, esho ngoba bezibeka amakhosi yena esekhona. Wathi abendiswe wabuye washintsha umqondo wathi abayiswe KwaZulu beyofundiswa amasiko. Bahamba ke nezancinza zabo, amakhosikazi nabantwana. Ohambweni lwabo behlukana endleleni ngoba uzalo lukaNkulumana kunamuhla luyatholakala eBotswana.

Oluka Mangwane lona lutholakala eFree State naseMpumalanga Province. Laphaya eNgome uBheje nabantu bakhe sibathola sebehlaselwa yinkosi uShaka. Kuleyompi iNkosi uShaka wayebambisana nabengwadi bephethe izibhamu kwathi abakwaKhumalo bayazama ngamatshe bebajikijela kwanhlanga zimuka nomoya, kwasho khona ukuthi bebengazibekile phansi abengwadi ngemijojantaba.

Izibongo Eziphuma KwaKhumalo

Zingaphezu kwama 95 izibongo eziphuma kwaKhumalo. Lapha sizobheka ukulamana kwabantu bakhona.

UMbulazi wazala uMntungwana yena owazala uKhumalo ozala uMkhatshwa noMangethe. UMkhatshwa wazala uZikode owazala uGasa, uMashobane noMagawozi (Dlomo). UGasa wazala uMagugu, Donda noSiwela. USiwela wazala uMlotshwa yena owazala uMbophe noMphazima owabe eyinyanga yezulu. KuMphazima yilapho kuphuma khona abantu bakaNkosi ababizwa ngoDlangamandla.

Indlu yaseMahlangeni (Utrecht)

UMagugu kaGasa wazala uMthentisi, uManjobo noNkonyeni. UMthenteni wazala uQomintaba, uNhlaka (uzalo lwakhe lulaphaya eDlebe, Nkonjeni, Nongoma naseMahlabathini idlinza lakhe likwaDuvela). UQomintaba wazala uSabulawa yena owazala uWillem ozala Enock yena ozala iNkosi uLaduma. UNkonyeni wazala uMzungezi owazala uMgabashe ozala uDikida.

Indlu yaseSizibeni

UDonda wazala uMaqandela yena owazala uMbiyane, uMangwane, uGqogqa nabanye. UMbiyane wazala uManzini owazala uSobanqandi noMzondeni. USobanqandi wazala uMajubane noDakwa. uMzondeni wazala uPhefeni noNkwelo. uPhefeni wazala uNqabayembube. UNkwelo wazala uMshikane. UMajubane wazala uMbuzi noNdweshe. UDakwa wazala uMhlathi noMamba.

Indlu kaBheje (eNgome)

UMagawozi wazala uBheje yena owazala uMqhethi ozala uKhezi, ozala uMsayeya yena ozala uSibanda owazala uMeshu.


Indlu kaManjobo (eNondweni)

UManjobo wazala uSobhuza, uMgitshwa, uMshanananda, uNdengezi, uLugede noMnyanda. USobhuza wazala uMhlangane, uMbuyana, uMnguni, uNtoyani, uSigqoko, uMzila noNdophi. UNdophi wazala uMajana. UMzila wazala uMbhukudu kwathi uMnguni yena wazala uSonkamfu noMbuyana wazala uGabangani. Inkosana yakhe uSobhuza uMhangane yazala uNgulwane emzini wakhe kwaDidwayini, yena owazala uHomfu.


Indlu kaMzilikazi (KwaBulawayo eZimbabwe)

UMashobane wazala uMzilikazi yena owazala uNkulumane, uMangwane noLobengula. ULobengula wazala uLobila, uMphezeni noSidonjwa yena wazala uCaiphas. ULobila wazala uBanyana ozala uSikokwana.


Ezinye izibongo eziphuma kwaKhumalo

Nkosi – Dlangamandla

Shembe

Dubazane

Mabaso

English Summary

MaShobane was Mzilikazi’s father who was killed by Zwide. Mzilikazi decided to go and serve Shaka trying to flee from Zwide’s wroth after having killed his father. He became very popular and Shaka liked him since he was a great hero and he became one of Shaka’s trusted men. He was then later forced to flee from Shaka because he stole Shaka’s cattle that were meant to be brought to Shaka. This made the king very upset and he was very unhappy about this action. He ran until he reached Zimbabwe and the Khumalo’s are found all along this trail because of this situation that happened between Shaka and Mzilikazi.

Umlando wabantu bakwaZwane

Umlando wabantu bakwaZwane

Abantu bakwaZwane babizwa ngokuthi ngamaNgwe, bangamaNtungwa-Ntuli futhi badabuka enhla neAfrika, eMangweni. Iningi labo litholakala eHlobane ngaseFilidi, eMthezi, eMnambithi, ezintabe zoKhahlamba nakwezinye izingxenye zeKwaZulu Natal. UZwane uqhamuka ebukhosini bamaNgwe kwaqanjwa ngaye isibongo, kwathi ngokuhamba kwesikhathi kwabakhona nezinye izibongo eziphuma ngaphansi kwalobukhosi esingabala uCebekhulu.

UZwane uzale uMungwe, uMungwe wazala uPhikelela, uPhikelela wazala uNsela (Ndabakansele) oyinkosana noVezi. UNsele uthathe ubukhosi ngemuva kukayise. UNsele uzale uZikode yena ozale uNsele wesibili. UNsele wesibili uzale uMafu oyinkosana, uMthayi, uMandaba noNqamane. Esekhotheme uNsele kuthathe uMafu. UMafu uzale uMangethe, uLinad noMgabhi. UMangethe ube yinkosi yaseMangweni. UMangethe uzale izingane eziningi, amadodana akhe abalelwa ekhulwini esingabala uMhlaba, uMchwayo, Ntshosho nabanye.

UMangethe wakha umuzi wakubo awuqambe ngokuthi kuseMpolombeni. Lomuzi wakhiwe eduze netshe ayahlala kulo uma kuqulwa amacala esizwe noma ehlola imfuya yakhe. Ngaphambi kokuthi akhothame uMangethe ubize wonke amadodana akhe wathi awagibele etsheni lakhe kodwa ehluleka amaningi kwaba nguNtshosho owakwazi ukugibela lokhu okwenza ukuthi uMangethe ambeke njengalowo ozothatha ubukhosi ngemuva kwakhe. Itshe ayekhonze ukuhlala kulo libizwa ngokuthi yitshe likaMangethe bese kuthi idlinza (ithuna) lakhe libe kude buduze netshe.

Amakhosi akwaZwane alandelana kanje:

UMbengo uzale uMbambo. UMbambo uzale uZwane, uZwane uzale uMungwe. UMungwe uzale uPhikelela yena ozale uNsele. UNsele uzale uZikode. UZikode uzale uNsele wesibili ozale uMafu yena wazala uMangethe ozale uNtshosho. UNtshosho uzale uCengesi ozale uThinta. UThinta uzale uDumisa ozale uNkanyezi yena ozale uMhlanganyelwa. UMhlanganyelwa uzale uNtshosho wesibili obusayo. Ohlangothini lwaseMajuba ngemuva kokukhothama kweNkosi uNkanyamba kaThinta, kuphathe uNsakansaka kaNkanyama. Ngemuva kokukhothama kukaNsakansaka kuthathe iNkosi u Ayanda osabusa.

Izithakazelo zakwaZwane

Zwane, Mangethe!
Zikode, Phikelela!
Ntshosho, Nsele kaLindamkhonto!
Nina bakwaVezi!
Mthanti!

source: ulwazi.org

Izithakazelo nemvelaphi yabantu bakwaChili

Izithakazelo nemvelaphi yabantu bakwaChili (ngosizo lwe-ulwazi.org)

Mthuyi,

Mnguni!

Qwabe kaNozidiya,

Khuzwayo! Mlamlankunzi

Ungaziyeka zibulalane

Mthatathu kaGumede,

Nin’ eniguvuzela umuntu ngehemu lakhe.

Isigogo esisind’ abatshathi.

Donga olulal’ amankentshane

Nina bas’ Ongoye.

Mbuse, Malinda

Lushaba

Ntseka

Wena owashaya insimbi ngomlenze.

Mgcwalisi wethusi,

Kholose, Ngwenya

Madlangalusuku abafokazana abadla nsukwana zonkana

Nin’ enakhahlel’ udonga kwavuleka indlela.

Nin’ enehla ngesilulu maqede kwavel’ ilanga.

Nanku umlando wabo nemvelaphi yabo kafuphi:

Imvelaphi yabantu bakwaChili ibakhomba kubantu bakwa Qwabe abangoGumede bona abaziwa njengamaNtungwa-Nguni ngokwezigaba kumaNguni.

Bona baphuma kwinzalo kaSilimana owathola igama likaChili ngenxa yokuthi ngelinye ilanga kunenqina lapho amadoda ephumile ukuyozingela, kwathi uma kuvuka inyamazane, uSilimana wayihlaba kuqala. Inxeba alishaya kuleyonyamazane layigingqa phansi yalala yathi ja. Enye yamadoda ayelapho yakwaQwabe yathatha igazi yalibhixa ngemuva kwayo inyamazane leyo. Kwaba nombango yilowo nalowo ethi ngeyakhe, uzigwazele. Kwase kuthiwa uSilimana makakhombe lapho ayigwaze khona, wakhomba lapho kwakunegazi elalinindiwe khona enye indoda. Bonke ababelapho bakhuza bathi uyachiyiza ilumbo, akunanxeba, ukhuluma ichiyo.

Kusukela lapho ke wabe esebizwa ngoChili. nozalo lwakhe lwabe seluba olukaChili. UChili wazala uFamanda, uFamanda wase emzalela uThongo. Lesisizukulwane sase sona sizala uMacala owayeyisoka lamanyala, owayeganwe ngamakhosikazi ayisikhombisa futhi enemfuyo eningi. Kulamakhosikazi kwakunondlunkulu wakhe okwabe kunguKaBhulashe Khumalo, bese ke kuba ngukaNgobe Mthembu. Inkosana undlunkulu wayo uMaMbhele.

Ekukhothameni kwakhe, uzalo lwaqoka umnawakhe okwabe kunguMnukwa ukuba abe yinkosi kodwa wenqaba uMnukwa ngezizathu ezithize azibeka. Ezinye zezaba azibeka kwabawukuthi ubukhosi buyakhulumisa, ngenxa yokuthi akathandi ukukhuluma, wase ecela ukuhoxa kulesosicelo ababesenza kuyena. Wakhala nangokuthi isizwe asikwazi ukuholwa umuntu okhonze amanzi amponjwana njengaye. Wenza isiphakamiso esiyisicelo ukuthi kungani bengabheki emadodaneni akhe ngoba nawo ayesekhulile. Leso siphakamiso sathathelwa phezulu kwase kuthi ke enye yamadodana akhe ogama layo nguBatili yagcotshwa ukuba ibe yinkosi.

UBatili wazala uMhlabeni noNkeshi, kwathi uMhlabeni wathi lapho esekhulile, wavele waqalwa ukugula ngenqgondo okwagcina uzalo selunqume ukuba kungene uBiziwe kaMnengwa owabe ezalwa ekhohlo likaMacala ukuba abambele uMhlabeni. Lapho-ke sithi uma siphenya kumlando , usivezele ukuthi ikhohlo kalibusi noma kaliyizali inkosi kodwa liyakwazi ukuzala iphosakubusa.

Ubukhosi nabo-ke babuye basuswa kulendlu baya eqadini okwabe kuyindlu kaMaDlula. IQadi phela ngokwesiko yilona elizala inkosi uma indlunkulu ingayitholi kwazise liyingane yendlunkulu ngokwesiko lesiNguni. Ubukhosi babe sebuyowela endlini kaMtitinywa kaMacala. Lona phela kwaku wuzalo lukaMnengwa kaMacala luyatholakala kwesakwaNgcolosi eMngeni kanti isizwe sonke sakwaChili nobukhosi baso sitholakala laphaya eNdwedwe. Izwe labo laziwa ngokuthi yikwaGumede.

Nansi indlela abazalwa belamane ngayo:

USilima (Chili) wazala uFamanda wazala uThongo yena owazala uMacala, uMacala wazala uZokufa, uKuyana (indodakazi) noMnukwa kuMaKhumalo. UMnukwa wazala uBatili, uBatili wazala uMhlabeni, uNkeshe, uNobelungu noNozigodo. KuMaKhumalo uMacala wazala uNhliziyo, uMziyonke, uMnengwa noThengizwe. UMnengwa wazala uMvube, uShokwakhe, uMadoda, noCupha. UMziyonke wazala uMvama, uMxhegu, uNkantolo, nabanye. KuMaDludla uMacala wase ezala uMtitinywa, uMaliba, uBafayo, noZiphelile (indodakazi). UMtitinywa wazala uNdoko (Isaya Zibokwakhe) yena ozala iNkosi Wislon Makhehlana Chili okuyiyona ebusayo noJabulani. KuMaNgcobo; uMaCala wazala uMaphupho, kuMaGumede wazala uMphamba, uMphamba wazala uGiga noBhekizitha.

Umlando wabantu bakwaZwide 😍 Izithakazelo zakwaZwide

Izithakazelo zakwaZwide

Mkhatshwa

Zwide kaLanga!

Soshangase kSothandose

Ndwandwe waseGudunkomo

Nina bakaMneme

Nina bakaMashesh’ afike kuMashobana

Nina bakwaNkokhel’ abantu

Behlatshwa njengezinkomo

UNozinyang engafiki

Nina bakaNonhongoza

Mnguni ongafiki ngomkhonto

Nogwaza be ngahlonyulwa

Sandla sivik umkhonto njengehawu

Kukhal’ indoda namadojeyana

Wena Ndwandwe ogwaze indoda wayishi ifile

Langa!

Umlando wabantu bakwaZwide

ONxumalo kanye noNdwandwe bangabantu bandawonye. Imvelaphi yabo idabuka kubantu bakwaDlamini kaLudonga kaMavuso. Ngesikhathi kunenhlukano kwisizukulwane sikaMumbo ezintabeni zoBombo, kulapho kenabo baphuma khona.

UNxumalo abagcine sebebuzwa ngaye, kwakunguManukuza. UManukuza wayelamana noMavuso bezalwa nguLanga (uMkhatshwa). Unina kaManukuza uthe uma eshona wase eshiya uManukuza emncane. Ukhule kanzima enceliswa iminxumo. Ethi uma esekhala amncelise ngomxhuma owayebuye aziwe ngoMkhathswa. UManukuza uncele umnxumo waze waba mdala kakhulu, umzanyana wakhe wayemenzela iminxumo emteketisa ngokuthi: “Nxumalo lo, Nxumalo lo” kwabe sekuthiwa usenguNxumalo. ONdwandwe abaphuma endlini encane bona babe sebebizwa ngoNxumalo.

Umkhuba uvele ngesikhathi sekubusa uMavuso kaMkhatshwa kwaNdwandwe esethatha ingane yentombazane kaManukuza (Nxumalo) eyenza inkosikazi. Kwale noma umndeni nesizwe sikhuza umhlola ngoba phela sazi ukuthi isiko lesiNguni kalihambisani nokuganana kwabantu abazalanayo. Noma abantu bomndeni bekhuza lokho, uMavuso ubezithethelela ngokuthi yena ungowakwaNdwandwe hhayi kwaNxumalo. Uzalo-ke lukaManukuza lugcine seluhlukene nabakwaNdwandwe lwasebenzisa uNxumalo njengesibongo.

Abantu bakwaNdwandwe baqgame ngesikhathi sekubusa uZwide kaLanga kaLudonga kaMavuso. UZwide nguyena ohlanganise lesi sizwe saba ngesihlonishwayo ezizweni zabeNguni. Isizwe sakwaNdwandwe sibe yisizwe esikhulu sikanye nezinye ezinkulu njengesakwaMthethwa esasibuswa nguDingiswayo kaJobe kaKhayi, esakwaQwabe esasibuswa nguPhakathwayo nesaseMachunwini esasibuswa nguMacingwane kaJama. UZwide usakhe lesi sizwe ngokubambisana nonina, indlovukazi uNtombazi.

UZwide wakhe imizi yakhe owaKwaNongoma, owaKwaDlovunga, owasoPhiyane, owaseSigwegweni (eSikhwishikhwishi) nakwaLindizwe. UZwide ebusa KwaNongoma, ubenesitha sakhe esikhulu, iNkosi uDingiswayo waKwaMthethwa futhi udadewabo weNkosi uDingiswayo wayeganwe khona kwaNdwandwe, kodwa lobu buhlobo kababunakanga. Inkosi uZwide benonina uNtombazi, banquma ukuthi iNkosi uDingiswayo bayiganisele udadewabo weNkosi uZwide ngenhloso yokuthi iyocwiya izinsila zeNkosi uDingiswayo khona bezomlumba. Leyo ndodakazi kaNtombazi kwakunguNtombazane igama layo, uNtombazane wenza kanjalo bazithatha izinsila zenkosi bazihlanganisa nemithi yabo bamhuqa ngayo. Kuthe ngesikhathi sempi iNkosi uDingiswayo yawashiya amabutho ayo kwaSomkhele okuyilapho ayenkanise khona elinde impi yeNkosi uShaka eyabe iphuma KwaZulu. UDingiswayo uyishiya impi yakhe nje, uhamba nebutho lamantombazane nondlunkulu wakhe, bahamba bazethuka sebekwaNdwandwe kwaDlovunga.

Amabutho eNkosi uZwide ambamba ngoba ayevele emlindele, nokwaphetha ngokuthi iNkosi uDingiswayo inqunywe ikhanda lathathwa lahlobisa endlini kaNtombazi khona kwaDlovunga.

Kuleyondlu kwakugcwele amakhanda amanye amakhosi ngoba kwakuthi njalo iNkosi uZwide ihlasele isizwe, yayibulala iNkosi yaleso sizwe bese inqamula ikhanda layo ihlobise ngalo indlu kanina uNtombazi. Amanye amakhanda ayekhona lapho ngelikaMashobane noDonda bakwaKhumalo, ngelikaPhungashe wakwaButhelezi namanye amakhosi.

Izithakazelo Zakwa Mbonani

Izithakazelo Zakwa Mbonani 

Mlotjwa
khulungwane lekhethu lekomeni
wena owalamul’ inkunzi ezimbili zisilwa ngabe azang’ wazilamul’
ngabe zabulalana
ngulube azembelan’ embel’ enye iyaquma
umakhonze agoduke abanye bakhonza bakhonzele futhi
Mbonani wakomhlokohla, mlotjwa wakodumako

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: