clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Day: 7 June 2018 Page 1 of 14

Izithakazelo zakwa-Dubazana

Izithakazelo zakwa-Dubazana

Mwelase,
Mbansa ngesandla ebantwini,
Wena kaCala,
Wena ongawelanga ngazibuko,
Wena owawela ngezimpambosi zomfula
Khondlo!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Dubazana! Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!

Price: R200.00

Izithakazelo zakwa-Goqo

Izithakazelo zakwa-Goqo

Ndaba,
Mwelase ongaweli ngazibuko owela ngezimpambosi zomfula,
Nomvikela kaNokulamba kaDelwa,
Sobahle, Dubandlela
Ndongadilika kuphuz’izimpohlo,
Godo olungahlalwa nyoni oluhlalwa amankankane kuphela,
Amalala amahle alalanomunwe endunu avuka awuncinda akhomba ilanga,
Lwembu olumahwatha othi ungaluthinta luhwathabale!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Goqo! Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!

Price: R200.00

Izithakazelo zakwa-Madondo

Izithakazelo zakwa-Madondo

Mnquhe,
Wena waseQhudeni,
Zikode kaNgaba,
Mwelase,
Mpukane kaMgedeza,
Wena ongawudli umbele odliwa abalandakazi,
Wena ongaweli ngezimpambosi, owela ngezibuko!

Izithakazelo zakwa-Mazibuko

Izithakazelo zakwa-Mazibuko

Khondlo,
Mwelase,
Nzima,
Muna,
Wena owangena nesikhuni emanzini waphuma naso sivutha,
Wena ongaweli ngezibuko,owela ngezihlangu zamadoda,
S`gawuli semithi emide nemifushane,
Mgabhamafu ohamba ubugwathugwathu emafini,
Nzimalamase ngobulandakazi,
Obuhlasehlase ithambo elagedla ezintabeni,
Okwathiwa ngoba nakhu esevula izibuko lokuwela kwathiwa nguMwelase,
Hlathikhulu,
Manzezulu, Phuthini,
Khuhlase kaMgabhi!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Mazibuko!
Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!

Get yours! Price: R300 each ……Whatsapp me now, tap here ?? https://wa.me/message/Z7SY62F3M4F6N1

Price: R200.00

Izithakazelo zakwa Mkhwanazi

Izithakazelo zakwa Mkhwanazi

Spheshu,
Madubandlela,
Somlomoti,Sodilakazi,
Nkwaliyenkosi,
Ndonga,Shamase,

Mwelase,
Sontuli,
Somkhele,Lele,
Khowa,Mayanda,
Dlebhu wabeSwazi,
wena owagula wamis’intamo,
Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mtubatuba wena owawulobolela amadoda,
Wena owathenga istimela,
Ninemali nina Bakhwanazi,
Veyane,

Mpandeyamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa liyagwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto eSikhwebesini kwapheph’inkosi yamaNtungwa,
Owasingath’ihwahwa kodwa wangaledlulisel’mlonyeni,
Mgidla, Lomafu,
Nkwenkwezi,
Sikhumba kaMthethwa kaMantewane,
Gagisa!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Mkhwanazi! Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!

Price: R200.00

Izithakazelo zakwa-Mathonsi

Izithakazelo zakwa-Mathonsi

Dunga,
Madondo,
Mwelase,
Nkubel’ezihlengayo,
wena owela ngempambosi abanye bewela ngezibuko,
Tshana!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Mathonsi – Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!

Price: R200.00

 

Izithakazelo zakwa-Mavundla

Izithakazelo zakwa-Mavundla

Bhembe,
Mwelase,
Wena kaSnakanaka kaNtendeni,
Owagedl’umhlanga wawushiyelela,
Nzima, Nhlanganiso,
Mthimude,
Wena wakwaGezamhlanga,
Thabekhulu!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Mavundla- Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!

Price: R200.00

 

Izithakazelo zakwa-Mdladla

Izithakazelo zakwa-Mdladla

Thumbela,
Mwelase!

Izithakazelo zakwa-Mdunge

Izithakazelo zakwa-Mdunge

Chiliza,
Mwelase,
Mbambo,
Makhathini!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Mdunge! Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!

Price: R200.00

Izithakazelo zakwa-Mhlungu

Izithakazelo zakwa-Mhlungu

Mthiyane,
Masingasilele,
Mwelase,
Nina eningaweli ngezibuko eniwela ngezimpambosi zomfula,
Ngwane!

Ziyatholakala izikibha ezinezithakazelo zakwa Mhlungu! Xhumana nathi ngo- Whatsapp kule nombolo: 061 868 5163 wenze i oda lakho!
Price: 200.00

Page 1 of 14

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: