clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Month: March 2021 Page 3 of 4

Izithakazelo Zakwa NyandaNyanda Clan

Nyanda Clan Names
Nyanda yemkhonto.
Maphunga.
Sota. Msangula kuyasa.
Mndondo kaNombanjwa.
Dakadaka Mafude.
Lukhwashu.
Malambedlile.
Mzimba othetha amacala kuze kuse kungawokuphinga nokuthakatha. Mabhala ngozipho abanye bebhala ngempensela.
Khilani.
Ngwekazi ngoba intsha ingwe kithi.
Mdlovu. Mphephethe wangempela.
Wena owaphephetha ulwandle maqede kwavela usawoti omahadla. Nzimande.
Nyandomhlophe ngenhliziyo.
Nyanda umkhulu nje,pho kungani ungakhothanyelwa?
Wena kaMdlovu.Wena kaDliwa!

Izithakazelo zakwa MzweziMzwezi Clan

Isithakazelo: MZWEZI
MZWEZI wako Mabele Madlazabanye
Madla zabantru ababonako
Mhla kwadliwa zakhe uyajabajaba
Mulwa yedwa lo, walekelelwa uyangala
SPHOFU, SPHOFU Mhlwayili,
betha naleya iyahluza ayihluzi litho ihluza umgowane, Mlangatshakazi, sibongo lesi esingabongwa besana nabetazinyane, sibongo esingabongwa ebantwaneni,
Phungula MZWEZI uyasindwa,
MZWEZI wako Mabele,
Wancelisa abentwana ngaphesheya komlambo komfula omkhulu iLekwa neMsukaligwa neLigwanyana neNgwaku,
MZWEZI liPondo elingesabi makhuwa lingesabi bantu, MZWEZI ongakhuzwa naseKosini amadoda ahlangane, Mzwezi ongabuyeli muva, Mzwezi obetha ngambili ngantathu, bathi Mzwezi Phungula uyasindwa Phungula amarhabha nama hawu, isikhwili sidojwa kuhlezi phasi,
Mzwezi ongalungisi olisa kunjalo akuthole kunjalo,
Mzwezi udla zabantru adle zabantrukazana,
Mzwezi Mabusabesala bephikisana ngezibulo aje yena abusa,
Mzwezi ongasi-mjaphethe,
Mzwezi ongasi-libambela,
Mzwezi onamano wokuqeda izimpi zako Jobera wRossenekaal nase Stobera,
Mzwezi ozakubusa kwaPondo besaphikisana, Mzwezi Mdlazabanye akadliwa maveza,

Mzwezi, Mzwezi wako Mabele

Izithakazelo zakwa MndabaMndaba Clan Names

Mndaba !
Sobahle
Makhunga !
Ndunakazi
Phongwane
Mntwana wenkosi
Madanga
Hlamvana !
Owadla umlaza ngameva ngenxa yentukuthelo
Snqiya ka Somamase
Gwayisa wasoYengweni !!!

Izithakazelo zakwa MwandlaMwandla Clan

Mwandla
Ndubane
Nkwelo
Mpangazitha
Mpamantshe
Nqoboza
Mgqabula nkungu kuvel ukukhanya
Themane

Izithakazelo zakwa NhlengethwaNhlengethwa Clan

Nhlengethwa Clan Names

Thumbela
Msuthu !
Mahlasela ngothando
Mpangazitha !
Gocweni
Gugulanga !
Onkomonye abanye bonkomombili
Abadla ugaba ngokwephulelana !

Izithakazelo zakwaJacaJaca clan names

Jaca Clan Names
JACA; MSENTI; MALIMELA OWALIMELA INKOMO ZAMADODA ZIMBILI ZABA YISHUMI; ZONDWAYO OWAZONDELWA IZINKOMO ZAKHE; SOLWA; SOSHEZI; MKHETHAPHELA; NCANGA

Izithakazelo zakwa VumaseVumase Clan

Vumase Clan
Skhumbane sengwe neNgonyama
Esahlula abeshuki, Mathula, Mboma ka Mqhele, Wena waseMadelakobha,
(Musaba bakukhabutha bakujishukela bakukhampametha) shangan.

Izithakazelo zakwa Ntsondo (Xongo)

Se ngo Ceduma,o yem yem sophitsho vela bambentsele, o mguti, o zondwa zentjaba ze ngaze ko menzela nto, o mguni obuzuzu, o nkonjani e dla e mafini.

Isithakazelo zakwa Silubane

NGICELA ukwazi isithakazelo zesibongo sakwa Silubane,bona ngathi bangamatsonga or sepedi speaking nation

Maphalala Mzilankatha Clan Names

Izithakazelo zakwa Maphalala
Iwuso, Mzilankatha, Nsele,ninabakwa Nkatha ayingeni endlini. ingangena kobhibha izingono kubantwana,nina enilima ensindesi abafokazana belima emagadeni,nina enaphalala ngokuxosha amagwala eyeumka nezinkomo zenkosi Wuso Mzilankatha Nsele Sonkwatha Njekuza !

Page 3 of 4

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: