UMagqekeni ungomunye wabantu abawunothisa kakhulu umlando wabakwaSithole . Le nsizwa yabe iyisethenjwa nesilomo esikhulu seSilo saseMhlahlandlela iSilo uMzilikazi kaMashobana ,yayibuye ibe yinduna yomuzi waseGabeni owawakhe eTswenyane , eNorth West lapho kwake kwazinza khona iNkanyamba yaseNdinaneni (iSilo uMzilikazi) ngaphambi kokuba ifudukele lapho sekuseZimbabwe khona ngeszathu sokumiswa kabi ngamabhunu kaHendric Potigietier (uPoti).

Uyise kaMagqekeni uMagogo wasala empini yaseNtumbane nokuyimpi eyabe iphakathi kweLembe neNkanyamba . Kanti naye uMagqekeni wayekhona kuleyo mpi ,bobabili balwa ngasohlangothini lweNkanyamba . Kwahamba kwahamba igama likaMagqekeni laguquka kancane laba uMaqhekeni ngenxa yokuhluleka kwabantu abangabaTswana ukubiza kahle igama likaMagqekeni . Kwathi ngenkathi iNkanyamba ihlasela enye yezinduna zeLembe uNyokana kaMpeyana nguMaqhekeni owagwaza wabulala uNyokana .


Ngenxa yobuqhawe bakhe uMaqhekeni iNkanyamba yamnika igunya noma ngithi yamgunyaza ukuba abuthe amabutho . Lokho wakwenza ebambisene nezinye izinsizwa esingabala kuzo uLotshe kaHlabangana Mtshali , uMbambelele kaHlabangana Mtshali nezinye . Ibutho lokuqala alibutha owalibiza ngokuthi “Ibutho laMagogo” , waliqamba ngoyise uMagogo owasala eNtumbane . Indlela uMaqhekeni ayebutha ngayo amabutho wayethatha wonke amabhungu ayethunjwa kwezinye izizwe bese ewafundisa indlela yokulwa ngeklwa nangesihlangu .
Lensizwa yakwaSithole kuthiwa yayibuye ibe nesiphiwo sokuboniswa ,ingakho yayikhonzwe kakhulu yiNkanyamba . Yayikwazi ubona into eseza ekudeni.

Izibongo zikaMaqhekeni Sithole
UMgabhi weGaba
Isikhukhulane sikaJobe
Esikhukhule abezindlu nabezindlwana
Sithole seGaba
Esibiza amaqhawe asebele
Sixoshe amavaka abaleke
Ngwazi emandlamakhulu
Eyala ukubheka emuva
Selusinda uhambo
UMathob’inkosi ithobeke
UMathulis’inkosi ithule
Sigqila nganhloko sikaMthwakazi
Sigilamkhuba kwelenkangala
Umsindo wezwakala eMahalihali
Wezwiwa ngoMthithika
Njob’enhle yenkosi
Eyavunulwa nguMzilikazi
Wachithachitha izizwe
Indlukula kaNyokana yemuka namanzi
Omigwalo yamaBula yasuduka
Gagane olumeva kawephuki
Olubiyela iNkosi
Ludle izinkomo,ludle amadoda !
USojama ngezihlangu emangweni
Abafo bahlehle nyovane
Mudli wezinkomo ezinenkelenkele
Owathi esadla ezinye wadla ezinye
Wee! Thole elimnyama njengezulu
Elikhwaza noma kusebusika
Nkonjane emnyama yeGaba
Ebhula amaphiko ezizibeni
Nasekhalweni lwaseMpama
Ezingazini ezaveza amaqhawe
Zashwabadela uDingane
Mafuzafuza kufulelwe
Kwethuleke iziyoco zabafo
Dondolo lweNkosi!
Oluqhube inkos neqambi lenkomo
Godogodo lukaMthwakazi
Alushi ngokubaselwa
Alupheli ngokubandwa
Nempehla ziluphehlile
Zabuyela nyobane ziwaza
Sithole esimnyama
Wena omadolo makhulu
Edlula awendlovu
Ngokuguqa okhalweni lwamaqhawe
Ngwazi yaseGabeni
Edla emahlathini amnyama
Lapho kudla khona imihlambi yezingonyama
Nsiba zengungumbane
Ezihlaba zisalele
Amanxeba kawapholi
Zicibe uMahambayedwa eMpameni
Bombo lwezintaba ezinde
Bazame ukuzikhuphuka behluleka
Nasebusuku bazamile
Kwasa bezinkubela
Bayethe nkalo kazifinyelelwa
Bayethe zulu elimnyama
Elithwala lishwabadele amahlathi
Lidle konke okungaphili
Bayethe mhlane obanzi
Obelethe ibhidi elimnyama ngomlomo
Wavundla nalo amahlathi anezilo
Awaze walibeka phansi
Bayethe isijula sikaMthwakazi
Esiphanga izinkomo
Sidle amadoda
UMthwakazi wadlondlobala
Waba maphiko abanzi
Akhotha izilwandle
Ulibinda Jobe!
Iqhawe aliqedwa

Popular people from Sithole last name

Samuel Sithole (Finance/Investment)
CEO of Value Capital Partners. Chartered accountant (CA(SA), ACA, CA(Z)). Former Executive Director of Brait SE (2008-2016) serving as Financial Director and later Executive Director: Capital and Treasury. Previously partner at Deloitte for six years as audit partner and Group Leader for Financial Services Audit practice in Johannesburg. Board member at Tiger Brands Limited, Adcorp Holdings Limited, Metair Investments Limited, and Chairperson of Sun International Limited. Born 12 February 1973. Holds BAcc (Hons).