The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.
Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.
AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…
Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…
Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…
Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…
Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…
Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…
Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu
Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa.
Popular people from Dlamini last name
Over 25 years financial services experience. CEO of GBVF Response Fund, former CEO of Safrican, Group Executive at PPS, Managing Director at Alexander Forbes. Holds BA (Law), LLB, LLM. Board member at African Bank Holdings. [Source: InsidEntity]
Royalty from Dlamini last name
The founding ancestor of the Dlamini clan, from whom all Dlamini lineages trace their origin. His descendants would go on to establish royal houses across Southern Africa, including the reigning monarchy of Eswatini.
Became King of the Swazi in 1874, ruling from his royal capital at Embekelweni. His reign saw significant challenges as much Swazi land was lost to Boer concessionaires. He was given the title Dlamini IV upon ascending the throne, chosen by Sisile Khumalo, the late king’s mother, to take the kingship.
The Dlamini dynasty grew increasingly powerful under Sobhuza I in the early 19th century, shifting their power center to the Ezulwini valley in central Eswatini. They conquered and incorporated many earlier inhabitants, eventually ruling over all of present-day Eswatini. The House of Dlamini continues to serve as Eswatini’s reigning royal family to this day.
King of the Nhlangwini people who sought recognition as an independent kingdom within KwaZulu-Natal. Despite his claims being rejected by the Nhlapo Commission in 2009, he maintained his status as king until his death. His son Nqalabutho kaMelizwe Dlamini succeeded him and continues his father’s legacy, receiving a certificate of recognition from the Congress of Traditional Leaders of South Africa in 2024.
Current king of the Nhlangwini people, ascending after his father’s death in 2021. He continues to seek full constitutional recognition of his kingdom, maintaining that the Nhlangwini have never bowed to the Zulu king and have no historical relationship with the Zulu monarchy. His cause represents one of several KZN tribes seeking recognition as independent kingdoms.
Minenhle dlamini
Ngcela ukwaz ukuth abakwa Dlamini abangama xhosa bangobani,baqhamuka kanjan?
nhlanhla Dhlamini
Ngicela usizo ngezibongo zakwadhlamini Mntungwa Lokothwayo omuhle umntanenkosi ngukuthwala incema -angisakwazi ukunqhubeka ekhaya siseNewcastle ngicela ukwazi nemvelaphi yabo please
Mthandazo Dlamini
Bengicela ukwazi ngo-Dlamini umlangeni , donga dilika, emabele made. omunyisa umntwana engaphesheya komfula. … Ngicela ningichazele kahle ngoba mina amagama la angiwaz ukuthi alandelana njan, nokuba siqhubeka njan siphele njan.
Nkosinathi
Kwenziwa yini uma kukhona obuza ngoDlamini Malandela oNyanya kube sengathi bayabandlululwa, kuqale kukhulunye ngezindlu engathi laba abanye abayona indlu bona, kuqhanyiswe nendaba yomkhulu nokhokho bethu kodwa uma kubuzwa abanye ziyashiwo aphele umuntu la ephela khona. Ayingiphathi kahle lento
Lindi Dlamini
Nkosinathi, Unyanya omnyama amanzawayo, ungowakithi impela, ubamuzuma belibele ngoba uyobenzingozi. I had left out that part.
Nkosinathi Dlamini
Mina ngicela uma ekhona owazi zonke izithakazelo zaDlamini-Malandela oNyanya asibhalele zona please!
Mbathastan
Izithakazelo azisoze zaphelela ngoba kukhona exe Clan yonke bese indlu nendlu emva kokusebenzisa exe Clan ibe seyithasisela ngezibhekene nayo ngqo. Isibiza omkhulu nokhokho baleyondlu.
Mbathastan
Lindi Dlamini
Dlamini-Malandela ,Shenge kaNdaba uLizumane kaNdaba ubazuma melibele .umqenqomuhle wasodungeni,inketha baweli mabezoyiwela bazokhipha ithoyana,isilwane sikaNonchongwane esingavumeli abantwana bothΓlanga ngoba sona silotha ngentamo..Ezimvukazi yakithi elunwele lumfokomfoko sithi Ndaba suka ethunzini lentaba baze bafa abantwana ukuthuthumela. MALANDELA
Mbali Dlamini
Dlamini, Malandela, ka Ndaba, Shenge, Bhambule, Zingamhlabi uMdumezulu, Jama Jiji ka Soyobekile, Mfolozi eMnyama ekhetha abaweli, Nyanya omnyama umlom’ubovu, bhodo lapha abantu ngophanguphangu, wena wakamanzi awayo. Shenge kaSomnandi!