The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.
Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.
AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…
Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…
Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…
Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…
Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…
Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…
Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu
Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa !
🔍 SEARCH 🔍+ ADD CLAN NAMES▶ UTube Channel
Bengicela ukwazi ngo-Dlamini umlangeni , donga dilika, emabele made. omunyisa umntwana engaphesheya komfula. … Ngicela ningichazele kahle ngoba mina amagama la angiwaz ukuthi alandelana njan, nokuba siqhubeka njan siphele njan.
Kwenziwa yini uma kukhona obuza ngoDlamini Malandela oNyanya kube sengathi bayabandlululwa, kuqale kukhulunye ngezindlu engathi laba abanye abayona indlu bona, kuqhanyiswe nendaba yomkhulu nokhokho bethu kodwa uma kubuzwa abanye ziyashiwo aphele umuntu la ephela khona. Ayingiphathi kahle lento
Nkosinathi, Unyanya omnyama amanzawayo, ungowakithi impela, ubamuzuma belibele ngoba uyobenzingozi. I had left out that part.
Mina ngicela uma ekhona owazi zonke izithakazelo zaDlamini-Malandela oNyanya asibhalele zona please!
Izithakazelo azisoze zaphelela ngoba kukhona exe Clan yonke bese indlu nendlu emva kokusebenzisa exe Clan ibe seyithasisela ngezibhekene nayo ngqo. Isibiza omkhulu nokhokho baleyondlu.
Mbathastan
Dlamini-Malandela ,Shenge kaNdaba uLizumane kaNdaba ubazuma melibele .umqenqomuhle wasodungeni,inketha baweli mabezoyiwela bazokhipha ithoyana,isilwane sikaNonchongwane esingavumeli abantwana bothílanga ngoba sona silotha ngentamo..Ezimvukazi yakithi elunwele lumfokomfoko sithi Ndaba suka ethunzini lentaba baze bafa abantwana ukuthuthumela. MALANDELA
Dlamini, Malandela, ka Ndaba, Shenge, Bhambule, Zingamhlabi uMdumezulu, Jama Jiji ka Soyobekile, Mfolozi eMnyama ekhetha abaweli, Nyanya omnyama umlom’ubovu, bhodo lapha abantu ngophanguphangu, wena wakamanzi awayo. Shenge kaSomnandi!