The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.
Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.
AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…
Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…
Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…
Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…
Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…
Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…
Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu
Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa.
His descendants would go on to establish royal houses across Southern Africa, including the reigning monarchy of Eswatini.
His reign saw significant challenges as much Swazi land was lost to Boer concessionaires. He was given the title Dlamini IV upon ascending the throne, chosen by Sisile Khumalo, the late king’s mother, to take the kingship.
They conquered and incorporated many earlier inhabitants, eventually ruling over all of present-day Eswatini. The House of Dlamini continues to serve as Eswatini’s reigning royal family to this day.
1950-2021)
King of the Nhlangwini people who sought recognition as an independent kingdom within KwaZulu-Natal. Despite his claims being rejected by the Nhlapo Commission in 2009, he maintained his status as king until his death. His son Nqalabutho kaMelizwe Dlamini succeeded him and continues his father’s legacy, receiving a certificate of recognition from the Congress of Traditional Leaders of South Africa in 2024.
He continues to seek full constitutional recognition of his kingdom, maintaining that the Nhlangwini have never bowed to the Zulu king and have no historical relationship with the Zulu monarchy. His cause represents one of several KZN tribes seeking recognition as independent kingdoms.
π Search here π+ ADD CLAN NAMESπ¬ Watch our videos
Lindiwe
Mina ngingu Lindiwe Dlamini Sibal’khulu, iyangididake uma Ku khona abasemahlabathi nabase swazini ngoba both banezithakazele angazi ukuthi ezami, plz ngicazeleni.
Sipho
sanibonani nina basebukhosini, mina ngingowakwaNkosi, Dlamini, wokunene, Dongo lamavuso, lemba lebuyelela, Sidwaba siluthuli, Dlubula dledle, sakanobamba……………..
ngiyasizama sona ngoba ngikhulela khabo mama ngenxa yezimo zabantu abadala, ngisegoli kodwa hlezi ngiya eDaggakraal (MP) lapho kuzalwa khona baba, on the 21/03/2015 bengiseMP lapho engayakhona ethuneni likagogo kababa wami, ngezwa kuthiwa ugogo kababa wami weza nomkhulu wami beqhamuka ngaseSwazini, umkhulu esemncane, mkhulu uPaulos (pawula) wase eba nesithembu samakhosikazi amahlanu ngaseDaggakraal(5). ngakho ke sibaningi oNkosi, Dlamini kodwa ngidinga impela abangakithi ngoba impela ithemba lokuthi sibaningi likhulu uma ngibuka izingane zesithembu sikamkhulu.
Cedani mina bandla
Ndumiso Dlamini
Sanibona boDlam, ngiyezwa khona abakwaMntungwa oDlamini. Ngith abakithi kepha uma sengilalela kahle ngiyezwa ukuthi akubona. Nizongixolela ngokuth ngiphinde mgifake omunye uDlamini lol. Mina nginguDlamini obiza uMntungwa kepha ikithi ikwaKhumalo. LoDlamini engiwuye muncane impela futhi umlando wakhe ngeke uwuthole kalula. Sizinze KwaZulu, emaphethelweni angehla ngakho Newcastle, Dundee, Dannhauser.