Abakwa Dlamini

The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.

Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.

AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…

Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…

Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…

Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…

Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…

Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…

Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu

Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa !

More about Abakwa Dlamini

Educational videos


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

276 thoughts on “Abakwa Dlamini”

  1. Sanibonani mina ngingu Velaphi Dhlamini, Mamlangeni,Ngonyeni aba vela e Swathi. I really need to know my clan names and the whole poetry thing.

    Reply
  2. Sanibonani Madlamini bengicela umlando ngDlamini Shenge kaNdaba Shlangu esivikela ikhanda kaMahlasela

    Reply
  3. Angikhuleke Kuma Dlamini amahle ephelele, kukhona lapho ngingaqondi khona uma kuza ezethakazelweni zakithi. Ake ngizisho

    Mina ngingu:

    “Dlamini Sibal’khulu, mdlovu, magaduzela, mabonel’empunzini( wena owavuka ekweneni wagwaza um’thikithiki) Khushwa, mencwa, mdineka owadinwa inyama, Kathi marhashule, nkundlaz’bomvu

    Okungididayo lana, ukuthi selokhu ngifunde ikhasi elingenhla kanye namanye ama comments nama post. Akekho esengike ngamuzwa encika kakhulu kulezi ezibizwa emzini kaMkhulu UVelaphi. Ngabe kukuphi lapho siylahla khona thina

    Reply
    • Siyabonga Nkosi mswati omuhle

      Reply
    • Mndlovu, sisonke zalo: singazixakekisi noma sizidide ngezinto eziningi ngoba okudala ukuthi sehlukane lana nalaphaya ukuthi sisuke sifake “amagama abantu” ezibongweni, kubesengathi sehlukile kanti lutho! Abanye sinokufaka amagama okhokho bethu and bona babezalana!

      njengehloko yomuzi kubesekubizwa igama lakhe! Umtikitiki ukhona kumaZizi ase South Coast (Ixopo, Gqwathaza, Nhlangwini, Mzinto, Mzimkhulu etc

      Kungenzeka ukuthi lensizwa ezala nina yagwaza umfowabo uMtikitiki, yabaleka! Yingakho nje kuthiwa “mabonelempunzini”

      Impunzi yaziwa ngejubane nobuchule bayo uma ibalekela isitha/umzingeli!

      Sibanye gaz’ lami: oSibalukhulu baningi eZululand (oNdini, Babanango etc) ene yilapho imvelaphi yethu ekhona…..Babanango…eMakhosini etc

      Reply

Leave a Comment