Abakwa Dlamini

The Dlamini People
Abantu bakwa Dlamini banga Bambo-Nguni bahlobene nabakwa Mkhize, AmaNgwane namaMpondo. Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele.
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.

Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. ODlamini abohlukananga bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene isbn. AmSwazi, AmaZizi, AmaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge njll.

AmaZizi Mpuma Koloni
Dlamini, Jama, Sijadu, Nomane, Mtikitiki, Ntabuyanyuka, Sandluluba, Nkosi, Nsukunsuku, Mphinyana, Songiya, Sfanguba, Mcherhwa, Sorhelesi, Zakewu…
Ngubonde, Lamyeni, Cubungulashe, Ngxibinoboya, Mtatela, Njokweni, Ntondwa, Ndunakazi, Ndosi, Lunika, Menziwa, Zangashe, Pokwana…

Sibalukhulu, Khuze, Lungqi, Ngubokazi, Lamyeni, Langa, Mdlovu, Limakho…

Abazinze eMahlabathini
Sibalukhulu, Nyanya, Soshenge, Malandela, Magaduzela, Mabonelempunzini, Luzumane ka Ndaba, Bazume Ndaba balibele…

Abase Swazini
Dlamini, Nkosi, Sidlubula Dledle sika Nobamba, Lokothwayo, Ludonga luka Mavuso, Sidwaba Siluthuli, nina enawela uBombo ngokuhlehletela, Ndlovu ezidlekhaya ngokuswela abelusi, Sibhahuza sika Mawawa, Mlangeni, Sobhuza, Mntungwa, Wawawa, Kunene…

Inhlangwini
Lungqi, Makuthu, Tiba, Mengcwa, Mabandla, Gasa, Nombewu, Fodo, Dumuka, Mdibaniso, Langalethu, Melizwe…

Amazizi Miya
Gcwanini, Sibhewu, Saliwa, Sijekula, Bhincelehlangeni, Mancoba…

Latha
Mashwabada, Ntshawe, Nceka, Dada, Mshengu

Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa !


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

276 thoughts on “Abakwa Dlamini”

  1. sanibonani mina ngiqela ukwazi ukuthi isithakazelo sakwaLokothwayo Dlamini mntungwa noDlamini mntungwa lokothwayo siyafana na? Ngobamina nginguLokothwayo isibongo n angz ukuthi bakwa Lokothwayo mhlobobani maZulu or Swati?

    Reply
  2. Ngiyawabingelela onke amaDlamini enhla nasezansi. Ngicela abakwaDlamini endlini yakwaBhidla bavele nomlando walendlu nokulamana kwamakhosi akhona. Ngiyazi ukuthi iNkosi ebusayo iNkosi Thulabezwe Donatus Dlamini. Ngithole ukuthi lendlu iseBulwer kanye neyaseMakhuzeni neyaseSiphahleni. Ngiyabonga.

    Reply
  3. Ngifisa ukwazi ukuthi. U Dlamini izithakazelo zakhe zithi

    Jama ka Sjadu
    Wena owabonel empunzin
    Magaduzela
    Mzizi
    Mlambo awulelwa uwelwa zinkonjane
    Wena oma belw made oncalisa abanga shesheya

    Ngabe zonke lezi ziyangene ko Dlamin o Jama

    Ngicela ningisize uma khona ezisalayo

    Reply

Leave a Comment