Want a t-shirt with your clans? click here to see pictures

Izinyoni

โ€ŽInqe
Inyoni lena eyisilwi esikhulu futhi esinolaka.Amashoshozela empi enza amadlokolo ngezimpaphe zayo ukuze ale ukukhasha empini.

โ€ŽIngqungqulu
Kuthiwa ngesiNgisi i’Eagle ‘noma i’King of birds’. Ingolunye uhlobo lokhozi. Umbala wayo uluthuli. Uma indiza indizela phezulu kakhulu kangongokuthi kuye kube nzima nokuthi ibonakale. Izinyawo zayo zibomvu okwegazi.

Uma kuthe kwafa isilwane endle ezinye izinyoni azisidli leso silwane esisuke sifile. Ziyayilinda ingqungqulu ize ifike izokhipha amehlo aleso silwane esifile. Ngisho namanqe imbala awasidli. Lokho kwenzeka nxa lezo zinyoni zazi kahle ukuthi kuleyo ndawo ikhona ingqungqulu. Ososayinsi bathi kweleNgabade zingaphansi kuka 5 izingqungqulu ezisele.

Igama lengqingqulu libuye lisetshenziswe uma kukhulunywa ngokuthi ohlonishwayo entweni ayenzayo. Ziyahluka izinkozi, ezinye zimnyama bese ziba namakhanda amhlophe. Lezo -ke zikhonze kakhulu inyama yenhlanzi. INgqungqula yona ikhonze amehlo esilwane.

Indwa
Lena inyoni yezulu. Uphaphe lwayo lwalufakwa inkosi uShaka zwi!

Isakabuli
Lena inyoni encane cishe ngangendlanzi, yase yanda.ngesisila nezimpaphe ezinde ngangoba ayikwazi nokundizela phezulu. Imnyama ngombala.