πŸ’›

izithakazelo

Buthelezi Clan 😍 Umlando

Abantu bakwa Buthelezi Shenge

Umlando esinawo wabantu bakwa Buthelezi uqala ku Shenge futhi okunye esikutholayo ukuthi bangaba Ntungwa singazi noma bukhona ubuhlobo naba Ntungwa bakwa Khumalo.
U Shenge uzale uMageba (hhayi uMageba Zulu), yena wazala u Qwangubana no Nyathikazi, u Qwangubana wazala u Mevana no Cole, u Cole wazala u Lubisi, Mtshubhane kanye no Msicwa.
U Mtshubhane wazala u Malahle, u Msicwa wazala u Mandulo.
U Nyathi (Nyathikazi) ka Shenge uzale u Nduvane no Mlambo, uMlambo wazala u Mvulane ozale u Ngqengelele ozale u Mnyamana, ozale u Tshanibezwe no Mkhandumba.
U Tshanibezwe wazala u Mathole, uMathole wazala u Mangosuthu oyinkosi yakwa Phindangene eNkonjeni, Mahlabathino, oLundi.

Izithakazelo zakwa Buthelezi

Buthelezi, Shenge, Ndaba, Ngwane, Mvulane, Ngqengelele oyivalo zibili, uthi uvala lesi avule lesi;
Wena owadliwa yiNdlovu,
Zimudla Zimlabalabela,
Mbangambi;
Inyathematheza, eyatheza lapho kungathezi khona muntu,
Gibisizungu, Mthandeni, Sokwalisa, Mnyamane ka Ngqengelele,
Sondiya, Somkhabase;
Nina bezinyawo ezimahhele,
Enaganisa izintombi, nanganye nangambili!

Popular people from Buthelezi last name

Sfiso Buthelezi (Finance/Politics)
Former Deputy Minister of Finance of South Africa (2017-2018). Also served as Deputy Minister of Agriculture, Forestry and Fisheries. First chairperson of PRASA (2009-2014). Economist and former uMkhonto we Sizwe member. [Source: Wikipedia] [citation:5]
Siphile Buthelezi (Legal/Finance)
Managing Director at Buthelezi Vilakazi Inc, Chairman of KwaZulu Natal Growth Fund. Former Non-Executive Director of South African Airways (SAA). Practiced at Bowman Gilfillan Inc in Banking & Finance. Spent time at Davis Polk & Wardwell LLP and Morgan Stanley in New York. LLB from UKZN. [Source: UKZN Alumni] [citation:8]

Royalty from Buthelezi last name

Chief Mnyamana Buthelezi (Royal Prime Minister)
Great-grandfather of Prince Mangosuthu Buthelezi who served as Prime Minister to King Cetshwayo during the Anglo-Zulu War. His leadership established the Buthelezi clan’s centuries-old role as traditional prime ministers to the Zulu monarchy.
Chief Mathole Buthelezi (Royal Prime Minister)
Father of Prince Mangosuthu Buthelezi who served as Prime Minister to the Zulu monarchy until 1948. Married to Princess Magogo kaDinuzulu, daughter of King Solomon kaDinizulu, directly connecting the Buthelezi clan to King Shaka through maternal lineage.
Prince Mangosuthu Buthelezi (1928-2023)
Longest-serving traditional Prime Minister to the Zulu nation for 69 years, serving three successive Zulu kings: King Cyprian Bhekuzulu, King Goodwill Zwelithini, and King Misuzulu kaZwelithini. Appointed in 1954 in KwaDukuza at the unveiling of King Shaka’s tombstone. Son of Chief Mathole Buthelezi and Princess Magogo kaDinuzulu, with maternal lineage directly connecting him to King Shaka. Played crucial role in installing King Misuzulu and navigating royal succession disputes. His death in 2023 at age 95 marked the end of an era in Zulu royal history.

Previous

Nkosi Ndlangamandla

Next

Ngobese, Mqungebe 😍 Ngobese Izithakazelo noMlando

7 Comments

  1. Malibongwe Buthelezi

    Khuleka kini boShenge abahle ngiyabonga Zipho Buthelezi ngisala lapha Ndlu kaPhungashe njalo ngonyaka ngizwa kuthiwa isizwe samaShenge ziyahlangana eNgome manje ngiyadideka ukuthi ikuphi okuliGugu lakithi elikhona eNgome ngoba nami ngiyafisa ukuhlangayela nomdeni wam ngazi nokungama Gugu akithi ngoba umlando enginawo omncane owokuthi INKOSI UPHUNGASHE wabaleka wayo bhaca engome ngekathi inkosi ilembe UShaka imuhlasela sizani muzi KaShenge

  2. Sipho J Buthelezi

    Sibonga ulwazi olunzulu boShenge nanokwazi ukuthi asihlobene neze noKhumalo ngoba,ngale kwalokho ukwazi ngemvelaphi ebanzi ngezithakazelo zethu kusho lukhulu

  3. Gatsheni Ndlovu

    Abantu bakwa Buthelezi abahlobene nhlobo nabakwa Khumalo kodwa enye yamakhosi akwa Buthelezi, angazi noma uPhungashe noma uNgqengelele, waganwa amakhosikazi amathathu. Ababili bokuqala kwakungabase MaNtungweni ngoba kwakungu MaKhumalo beno KaMabaso bese kuba ilona-ke wesithathu engingamazi ukuthi wayengumabani. Lamakhosikazi ayehlala enxiweni elilodwa elagcina libizwa ngokuthi kuseMaNtungweni ngenxa yokuthi kwakugane lamakhosikazi amabili angamaNtungwa. Kuvela kanjalo-ke ukuthi bangamaNtungwa abantwana abazalwa kwaButhelezi kulomuzi wasemaNtungweni ngenxa yokugana kwalezintombi zakwaMntungwa ezimbili ezagcina ziqanjelwa umuzi wazo ngokuthi kusemaNtungweni.

    • Angiyizwa leyokuth singongwane ndaba,mina ngine ntombi emangwanini esilotsholwe ai angvum

    • Vusumuzi M Buthelezi

      Boya benyathi obunjengezulu lasebusika obusongana busombuluka!

  4. Nhlanhlo

    Ngiyajabula ukuzwa ngomlando wakithi ko SHENGE ngifisa ukwazi ukuth umlomo omnandi naye owakhona kith yn?

  5. mzamo buthelezi

    Cha akengiphawule nami mayelana noMkhandumba ngokuthi umbhali akaze aphawule ngozalo lukaMkhandumba ungowakithi egcekeni kwaButhelezi kwaMasondo igama lomuzi endaweni yasensukazi kwaCeza eMahlabathini. Mina nje ngingumzukulu kaMashikila kaKona kaMkhandumba kaMnyamane wasekuShumayeleni kaNqengelele wakwaNomahhina. Okunye nathi sidinga izwe lethu eladliwa ngabaseMpithimpithini behlangene namaBhunu ngiyaphela lapho maShenge bantwana bakaMnyamane

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén