clan names 💙 clan history 💯

izithakazelo

Category: imvelaphi

Macwele clan names 😍 Izithakazelo Macwele

Macwele,
Mbhamali,
Kwesaba,
Mveni,
Tholeni,
Nonyanda,
Zila Mpofu Sihlangu sekhaya
Mabhala ngozipho abanye bebhala ngepensela

Imvelaphi yakwa Dlamini

Imvelaphi yakwa Dlamini

AbakwaDlamini!!

Abantu bakwaDlamini bahlakazeke izwe lonke lakwaZulu kuyoshaya kwelakwaXhosa, kanye naseZimbabwe imbala. Angisakhulumi ngelekwaNgwane ngoba phela ubukhosi baseSwazini busezandleni zakwaDlamin.

AbakwaDlamini babizwa ngokuthi ngaBeNguni baseMbo. Ngendlela abasabalele ngayo abantu uze umuntu acabange ukuthi laba bantu kabahlobene nakancane, kanti kakunjalo. Ngempela abanye baze bawele kulesilingo sokuthi bathathane. Kodwa inye into abayiqhakambisa kakhulu abantu bakwaDlamini, yizithopho zabo(okungamagama oyisemkhulu). Ngingabala nje ngoDlamini Nkosi, Mlangeni, Lusibalukhulu, Malandela, Mzizi(amaZizi), Jama, kanjalo noSijadu,Lata kanye noNyanya. Abanye basebenzisa konke lokhu esengikubalile bekhohlwa ukuthi bangoDlamini.

AMaLangeni!!

AMalangeni yiyona nzalabantu ngoba phela bazala izizwe eziningi ezingumgogodla walapha kwaZulu. Cabanga nje ngezibongo ezifana nesakwaZulu, uNdwandwe, uMkhize, AMaHlubi, kanye nabo bonke oDlamini abalapha kwelikaMthaniya. Ucabange futhi ngoGumede kaManukuza waseButhonga.

Ulibo lwaMalangeni!!

Mkhulunkosi
UKuwawawa
UKulwamba
USidwabasiluthuli
UNkosi l(wokuqala)
UNgwanel(wokuqala)
UCebisa
UDlamini l(kulo Dlamini wokuqala kuphuma bonke oDlamini baseNatali kanye namaHlubi)
USihubu
UNkubingwe
UMbolo
UMswati l (wokuqala)
USikhulumaloyo
UMsimude
UZamukethi
UNkomokabako
UNkosi 2(wesibili)
ULanga( lapha kuphuma abakwaMkhize noGumede waseButhonga)

Mavuso
ULudonga(lapha kuphuma abakwaShabalala, Mabuza,Mabizela noNdwandwe)
UHlubi
UDlamini2 (lapha kuphuma abakwaMzizi , Jama kanye nabakwaDlamini baseZimbabwe)
UNgwane 2
UNdungunya
USobhuza
USobhuza 1 (Ngwane 3)
UMswati 2
ULudonga 2
UMbandzeni(Dlamini 3)
UBhunu(Ngane 4)
UBhuza(Sobhuza 2)
UMakhosetiye(Mswati 3)

UDlamini waseSwazini, yilo okuthiwa nguMlangeni.Bonke oDlamini basebukhosini baseSwazini kuthiwa ngaMalangeni. Ingakho phela uye uzwe umnaka lo owethula isimo selitulo(isimo sezulu) ethi ‘nina Malangeni lamahle’. Babuye babizwe ngokuthi ngabakwaNkosi, ngokulandela uNkosi wokuqala indodana kaSidwabasiluthuli. Kodwa kababasebenzisi oLusibalukhulu, oMalandela kanye nabanye.. Ngicela singabahlanganisi noNkosi wakithi eMaNtungweni ngoba abahlobene nakancane, uNkosi wakithi eMaNtungweni ungumzukulu kaDonda weZiziba, uzala yindodana kaDonda kaGasa uSiwela ingakho phela uzothola u’Siwela’ ezithakazelweni zakwaNkosi waseMaNtungweni.

Kuthiwa uDlamini wokuqala wazala amadodana amahlanu abalulekile. Ngithi abalulekile ngoba yilapho kuvela khona izindlu zakwaDlamini. Indlu enkulu yiyona lena eseSwazini. Yona ivela endodaneni endala kaDlamini wokuqala uMnyambane. Nguyena ozala oDlamini baKunene. Kube khona abaseMakhuzeni, kube khona abakwaBhidla,kube khona abaSesiphahleni, bese kuba khona abaseNhlangwini.

Bonke oDlamini imvamisa yabo ivela kuDlamini wolibo lwakwaNgwane(AmaSwazi). ODlamini esinabo imvamisa yabo bangaMaNguni AseMbo. Ngakho ke labo Dlamini baseNatali bahlobene noMkhize, amaHlubi, nabakwaNgwane, bangabahlobo futhi abaxhumene. Iningi labo lidutshulwa nguJama indodana kaSijadu.

ODlamini abakwaXhosa bazibiza ngaMazizi okuyigama lomzulu kaDlamini, uMzizi, kanti akhona futhi amaZizi eNatali..

Kanti oDlamini abaseZimbabwe iningi labo ngaMalangeni emuka noMzilikazi kaMashobane ngesikhathi exabane noShaka. Kodwa kukhona futhi abazibiza ngokuthi bangabakwaKona, okuyigama lomzukulu kaMzizi.

Izithakazelo zakwaDlamini (Mlangeni)

Dlamini, Hlubi
Nkosi
Ludonga laMavuso
Abay’eMbo bebuyelela
Sidwaba sikaLuthuli
Wena esingangcwaba sibuye noMlandakazi
Abawela lubombo ngokuhlehletela
Nina baSobhuza uSomhlolo
UMswazi kaSobhuza
Mlangeni
Nina bakwakusa neLanga
Nina bakwaWawawa
Lokothwana
Sibalukhulu
Nina beNgwane
Nina besicoco sangenhlana
Nina beKunene

Izithakazelo zakwaDlamini Mzizi

Mzizi, Dlamini
Jama kaSijadu
Nomane, Mtikitiki
Gubungulashe
Ndabazamthethwa
Nsukunsuku
Ntabayanyuka, Sandluluba
Nkosi..

Bhaca traditional attire 😍 amabhaca akwa bhaca photos

Bhaca traditional attire

Image result for bhaca traditional attire
Image result for bhaca traditional attire
Image result for bhaca traditional attire
Image result for bhaca traditional attire
Image result for bhaca traditional attire

Imvelaphi yakwa Ndlovu

Imvelaphi yakwa Ndlovu

Sibheka imvelaphi yakwa Ndlovu (oGatsheni)

oNdlovu bangabeSuthu badabuka eLesotho .
Ekufikeni kwabo kwelakwaZulu bafike bakhonza
esizweni sabantu bakwaNxamalala. Laba bantu
bakwaNdlovu bangabantu bakaMatsimane
wakwaTlou noma uMotaung.Kuthiwa abantu
ababekhuluma ulimi lwesiZulu behluleka
ukuphimisa igama noma ngithi isibongo esithi
Tlou ,bagcina bethe Ndlovu .Ngenkathi laba
bantu bakwaNdlovu bakhe laphaya eNkandla,
babeyingxenye yezizwe saMachunu. Laba bantu
bakwaNdlovu babakhelene nabantu bakaMavovo
wakwaMkhize phezu komfula iNsuze ngaphansi
kwaseQhudeni eNkandla.

Baxoshwa esizweni saMaChunu ngoba enye
yabazukulu bakaGatsheni uMpongo
kaZingelwayo esolwe ngokuthakatha.Kuthiwa
wayefuye izinyoni ezimbili ezicishe zifane
nokhozi .

Babaleka abantu bakwaNdlovu bayokhonza
kuZihlandlo wakwaMkhize bebalekela ulaka
lukaMacingwane.
Kuthe lapho besathi banethezekile kwasuka inkosi yakwaZulu uMbomboshe omnyama[uDinngane kaSenzangakhona] wahlasela uZihlandlo
wambulala.

Source: isintu sami – facebook page

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: