Dlamini Sibalukhulu history
Ngenxa yokuthi umlando wawungabhalwa kodwa udluliselwa ezizukulwaneni ngomlomo nangezithakazela asinalo ulwazi olugcwele ngomlando wakwaDlamini. Okuningi kwalahleka, kodwa kukhona okwagcineka okuncani esikwaziyo ngabakwaDlamini.
Abantu bakwa Dlamini baningi kakhulu futhi basebenzisa izibongo ezehlukene akumangazi-ke ngoba ngesinye isikhathi uthola beganene bodwa. AbakwaDlamini bayatholakala kulolonke leli laseNingizimu ye-Afrika.
Ababhali abaningi bayaphikisa ngalomlando ngoba emuva le akusacaci kahle ukuthi umlando wabakwaDlamini uhamba kanjani…
Ngokuka Prince Zuko Pokwana bazalana kanje:
Ludiwu, Sidwaba, Lufelelwenja, Mini, Fulathelilanga, Nguni, Mzimkhulu, Masoka, Mhuhu, Nqubeni, Mhlanga, Musi, Mntungwa, Ndlovu, Dlamini, Ludonga, Mswati, Ngwane, Dlamini, Nkosi, Mavuso, Magudulela, Ludvonga, Dlamini, Ngwane, Ndungunye, Sobhuza, Mswati, Ludonga, Mbazeni, Ngwane, Sobhuza, Mswati iii.
Bakhona ke nabanye ababhali abawulanda ku MuMbo. Kuyacaca-ke lapha ukuthi ngokuhamba kwesikhathi babe sebehlukana ngokwezindlu babe sebeyofuna amadlelo aluhlaza ezindaweni ezehlukene. Ilelo nalelo qembu labe liholwa inkosi yalo. OoDlamini abehlukananga, bonke umnyombo wabo uqala ku Dlamini wokuqala. Babe sebezibiza ngezindlela ezehlukene: amaSwazi, amaZizi, amaKhuze, Inhlangwini, Fodo, Tolo, Soshenge…
Omunye wababhali balomlando wakwaDlamini, u Siyabonga Jama Mviko ubhala kanje:
“Sengiyibhekisise kahle indaba yakwaDlamini, cha! Abantu bakwaDlamini bonke bazalwa ndawonye. Bakhona esingabatholi kahle umlando wabo kodwa bonke ekugcineni basuka esendeni elilodwa.
Behlukaniswa ipolitiki yomndeni nokuhlakazeka ngokwanda kwabo kanye nezigameko ezithile. Abanye kubonakala ukuba abazange balandwe oyise ababazalayo basala ezizweni kanti abanye bazalwa amadoda akhishwa ekhayeni ngebanga lemikhuba thizeni!
Abantu bakwaDlamini ngokwezizwe zabo:
AmaZizi
EmaLangeni
abakwaSibalukhulu
UDlamini-Latha
AbeNtungwa
source: zuluculture dot co dot za
Popular people from Dlamini last name
Over 25 years financial services experience. CEO of GBVF Response Fund, former CEO of Safrican, Group Executive at PPS, Managing Director at Alexander Forbes. Holds BA (Law), LLB, LLM. Board member at African Bank Holdings. [Source: InsidEntity]
Royalty from Dlamini last name
The founding ancestor of the Dlamini clan, from whom all Dlamini lineages trace their origin. His descendants would go on to establish royal houses across Southern Africa, including the reigning monarchy of Eswatini.
Became King of the Swazi in 1874, ruling from his royal capital at Embekelweni. His reign saw significant challenges as much Swazi land was lost to Boer concessionaires. He was given the title Dlamini IV upon ascending the throne, chosen by Sisile Khumalo, the late king’s mother, to take the kingship.
The Dlamini dynasty grew increasingly powerful under Sobhuza I in the early 19th century, shifting their power center to the Ezulwini valley in central Eswatini. They conquered and incorporated many earlier inhabitants, eventually ruling over all of present-day Eswatini. The House of Dlamini continues to serve as Eswatini’s reigning royal family to this day.
King of the Nhlangwini people who sought recognition as an independent kingdom within KwaZulu-Natal. Despite his claims being rejected by the Nhlapo Commission in 2009, he maintained his status as king until his death. His son Nqalabutho kaMelizwe Dlamini succeeded him and continues his father’s legacy, receiving a certificate of recognition from the Congress of Traditional Leaders of South Africa in 2024.
Current king of the Nhlangwini people, ascending after his father’s death in 2021. He continues to seek full constitutional recognition of his kingdom, maintaining that the Nhlangwini have never bowed to the Zulu king and have no historical relationship with the Zulu monarchy. His cause represents one of several KZN tribes seeking recognition as independent kingdoms.
Nkosikhona dlamini
Ndizalwa kwa dlamini sibalukhulu ndicela ukwazi ngomlando ,nenzalo yosibalukhulu,magaduzela uba badibana njani no zizi
Ngwane
Mina ngizalwa isizukulwane sikamahlanyane bathi nonyanga but i was born in south africa what happened to my history
Sakhile Dlamini
Ngibingelele kosomlando. Bengicela ningicacisela ngoDlamini Sibalukhulu ukuthi ungubani uzalwa ubani namadodana akhe ngokunjalo, ngifisa ngokwazi ukuthi wayezinzephi ngokuhlala kanjalo namakhosikazi akhe nokuthi wayephila ngamiphi iminyaka, ngiyabonga
Lindo Fuze
Uzothola-ke mntakababa ukuthi uSibalukhulu/Sibaside is a pen-name of umlungu owakha isizwe sabaNgoni (the first Christian converts eNingizimu Africa). “USibaside owaPhandla isizwe sabeNguni” Kuzophikisana with the “history” that’s out there ngoba vele ibhalwe yibo abasinqoba. OSibalukhulu/Sibaside baya bandakanyeka ekwakhiweni kwezithakazelo zethu, yingakho nje uzobona ngathi siqhamuka from less than 15 common people as “Amazulu” onke. It’s the same people who are writing histories.