πŸ’›

izithakazelo

Izithakazelo zakwa Lushozi 😍 Lushozi Clan Names

Izithakazelo zakwa Lushozi

Gcwensa,
Ndimande, Mzulwini,
Bhebhula!

Imvelaphi yesibongo by Nontanda Shozi

Angibingelele bakwethu nami ngizosika elijikayo ngengakhula ngakuzwa. Mina ngingu Shozi Gidela. Isibongo sethu esikhulu uHlongwa bese ziza nezinye. Abantu baka Mnganga baphuma ka Hlongwa ngamafishane nje bazalwa khona. Njengoba bebizwa ngo Shozi bazalwa indoda ogama layo kungu Langa waka hlongwa.
Bathe o-shozi sebesebenzisa uShozi njengesbongo kwaba nokuhlukana baphuma oMnganga baba Ushozi Mnganga. basala laba abanye bewu Shozi Gidela ohambisana no Gabhisa, Khawula, Hlongwa, Mbasha, Omtumaseli. Athe uma ephuma Ama Nganga aqamba ezawo izithakazelo o Mthiya, Ndawombi kanjalo. Ungakhohlwa bonke labantu abaka Hlongwa.
Amanganga athola ubukhosi bawo ahamba aze ayofika eMarianhill ka Ndengezi. Ohlongwa, Gabhisa,Khawula,Gidela bona bagudla baze bayofika Ko Mkhomazi,Mthwalume,Portshepstone,Mzinto. Yebo abanye bethu ngokungazi banokuphika abanye bathi akubona abakubo imvelaphi yethu yinye nje.

Previous

Lukhele Clan Names

Next

Luthuli Clan Names & History

5 Comments

  1. Umthethowakhona kunokukhulu ukudideka la .koshozi .lushozi abakwahlongwa oshozi nabo lushozi oshozi nabo futhi umlando ongathi siyadukiswa ubani ngempela ozosinceda.abanye bathi ushozi no hlongwa kwaku ngamakhehla andawonye futhi kunomlandwana ngohlongwa cacisani kahle musani ukuthi nina noshozi anibazi abanye.kusho kona ukuthi umlando awucacile.

  2. u Gabhise akangeni ema Ngangeni (Lushozi) ungena ku Kuhlongwa/Khawula, shozi, Mtumaseni, wena owehla ngomzungulu kwafa wona.

  3. Ungabhisa yena ungena kanjan

  4. Zithini izithakazelo zakwa ndimande

  5. Lushozi uyangena ezithakazelweni zakwa Dube but angiwboni uDube kwezaka Lushozi

Leave a Reply to Unknown Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén