Mchunu, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Abantu bakwa Mchunu kusengabe Nguni bazinza phakathi kwe Thaleni ne Nkandla no Mzinyathi.
Isizwe sakwa Mchunu sagqama ngenkathi kubusa inkosi uDingiswayo kwa Mthethwa, ngaleso sikhathi sabe sibuswa uMacingwane.
UMuzi ka Macingwane wabe use Thaleni ubizwa ngokuthi kuse Ngonyameni.

Izibongo ezihlobene nabakwa Mchunu u Majola, Mcumane, Ngqulunga no Ndawonde.
Ake sibazalanise:
U Mavovo uzale uNyanda Lubhoko (Dubandlela)
uLubhoko wazala uJama, Lucungu nabanye,
uJama wazala uMacingwane,
uMacingwane wazala uNsundu, Mfusi, Gandeduze, Ndabezimbi, Mqanyana, Phezulu, Nyoni no Phakade,
uPhakade wazala uGabangaye no Mbelebele,
uGabangaye wazala uSilwane, Ngomane nabanye,
uSilwane wazala u-Mzochithwayo yena ozale u-Simakade okunguyena obusayo manje,
uMfusi wazala uZimema owazala u-Mmeli.

Izithakazelo zakwa Mchunu:
Macingwane, Yeyesa, Phakade,
Wena wase Ngonyameni,
Jama ka Silwane,
Nyanda yemi khonto,
Phakade akagugi koze kuguge izingane zakhe,
Wena kano Gida ngo Bambo,
Ezinye izintombi zigida ngomshayelo.
Ndabezitha!


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

97 thoughts on “Mchunu, Meaning, Origin & Family History | Umlando”

  1. Ngicela izithakazelo zesibongo sakwa Masilela

    Reply
  2. please help me, thina singoDlamini Shenge,Shenge kaNdaba,ngoMalandela,infolozi emnyama inketha baweli,umqenqom omuhle wasodungeni.
    Inzalo yethu kuthiwa eke Halimanzi (uma besho bathi amabhunu athi kuye haal jou mense and waai ( base bembiza ngokuthi Uhalimanzi.Ngokodabuka sidabuka eDlebe umndeni wase ukhakazeka ngaselo sikhathi.

    Iminyaka emningi besizinze eLenge saseMhlumayo in Ladysmith.

    Reply
    • mina ngcela ukwazi ukt umajola nomchunu kuhlangana kanjani? nginokudideka nje ngba abanye bathi akuhlangani

      Reply
      • Ayi chaaa Fikile unenkinga kuchazwe yonke into emlandweni ukuthi uMajola uzalwa inkosi uLubhoko inkingayabantu badidwa uMajola ukuthi uyatholakala nase Eastern Cape abantu ababalekela izimpilabo besuka kwaZulu bazebayofika eMpuma koloni/Eastern Cape

  3. Nakhanyisa nalokhu ubaba angazange angikhnyisele kukho macingwane sibonge ndabezitha sibonge mnguni waselangeni. ngisho ngoba manje siyalwa nabantu bakamajola siyabaphika kanti bazalwa kithi ekhaya, lokho kudalwa indlela okusabalala ngayo isibongo sakithi buka nje kwawakithi amaChunu akabizwa sidalo umajola uma sithakazela. ingabe lokho kulungile na?

    Reply

Leave a Comment