Mchunu, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Abantu bakwa Mchunu kusengabe Nguni bazinza phakathi kwe Thaleni ne Nkandla no Mzinyathi.
Isizwe sakwa Mchunu sagqama ngenkathi kubusa inkosi uDingiswayo kwa Mthethwa, ngaleso sikhathi sabe sibuswa uMacingwane.
UMuzi ka Macingwane wabe use Thaleni ubizwa ngokuthi kuse Ngonyameni.

Izibongo ezihlobene nabakwa Mchunu u Majola, Mcumane, Ngqulunga no Ndawonde.
Ake sibazalanise:
U Mavovo uzale uNyanda Lubhoko (Dubandlela)
uLubhoko wazala uJama, Lucungu nabanye,
uJama wazala uMacingwane,
uMacingwane wazala uNsundu, Mfusi, Gandeduze, Ndabezimbi, Mqanyana, Phezulu, Nyoni no Phakade,
uPhakade wazala uGabangaye no Mbelebele,
uGabangaye wazala uSilwane, Ngomane nabanye,
uSilwane wazala u-Mzochithwayo yena ozale u-Simakade okunguyena obusayo manje,
uMfusi wazala uZimema owazala u-Mmeli.

Izithakazelo zakwa Mchunu:
Macingwane, Yeyesa, Phakade,
Wena wase Ngonyameni,
Jama ka Silwane,
Nyanda yemi khonto,
Phakade akagugi koze kuguge izingane zakhe,
Wena kano Gida ngo Bambo,
Ezinye izintombi zigida ngomshayelo.
Ndabezitha!


πŸ” SEARCH πŸ”+ ADD CLAN NAMESβ–Ά UTube Channel

97 thoughts on “Mchunu, Meaning, Origin & Family History | Umlando”

  1. Ngiyabonga Macingwane , Nyanda Ye Mikhonto, mina bengingazazi lutho ngezithakazelo bengazi uMacingwane, ngibonga nokwazi imvelaphi yama Chunu, kanye nokuhlabana no Majola, mina ngila eGoli, ngiyawathanda amaChunu onke.

    Reply
  2. Kumnandi ukuba ngowakwaMchunu

    Reply
  3. Hay siyabonga kuvuleke amehlo

    Reply
    • cha nami ngibonge kakhulu ngiyntombi yakomacingwane kodwa angeneliseki ngba kukhna izithakazelo engingaziboni laph ezith mangun amahle ngabe zishoneph?
      Nawe unelungelo lokugcwalisela ozaziyo.

      Reply
      • Name Zandi unalo ilungelo lokujobelela ngalezi ozaziyo.

Leave a Comment