clan names šŸ’™ clan history šŸ’Æ

izithakazelo

Mkhize šŸ˜ Izithakazelo

Izithakazelo zakwa-Mkhize

Gcwabe,
Khabazela,kaMavovo kaZihlandla,
Gubhela,
Mumbo omhlophe,
Wena waseMbo,
Wena okhanya amasi esiswini,
singela,
Nhlama eyaphelel’ etsheni,
Ngunezi,
Mumbo ombulazi,
Nina enadla umuntu nimyenga ngendaba,
Sibi side esimajembelezana,
Sibi side esimaphandla esaphandl’abeNguni bavungama,
Nina bengwaz’ emabhudle,
Eth’ isabhudla yabuye yaphinda yabhudla
Malala amahle,
Nin’ enalala nomunwe,
Navuka nakhwif’ilanga.
Nzalo kaSambela,
Nina bakaSidaphudaphu ngokubadaphunela,
Nzalo kaLuzalo!

Previous

Mhlongo

Next

Mncube

29 Comments

  1. The best surname ever Mkhize

  2. Samehere

  3. Mina ngiwu Jabulani Mkhize owakhe ENanda Glebe, ngikhulele eMlazi kwa F kodwake iPulazi likaBabomkhulu likhona eJohannesdale eNtimbankulu.

  4. Sengicishe ngiyakhohlwa:
    Lo uNgunezi ozalwa uThulasizwe (uNdlov'yangena) ka Alois kwaNyokel'hlaza, kaluSwazi, kaMambane.
    Uma ekhona oyaziyo lendlu, ngicela sithintane.

  5. Yebo, baningi nakubo oNgunezi abebengayazi le.
    Ngike ngakhuza undodana ethi "angazike uma lamasi esekhanya nasebusweni" Ayikho leyo.
    Kulinganiswa ngenkomo ukuthi noma ngabe ibisisiwe, eyakwa Mkhize iyazibonakalela.
    Kodwake nalecontext ekhuluma ngomntwana singathi:
    Njengezinkomo zakwaMkhize ezikhanya ngisho emasisweni, nabantwana bakhona awubafuniseli.
    Nina baseMbo, ningangixwayi ngenxa yespelling.
    Izifika namthwalo ezabhala kanje epasini lika babomkhulu, akusalungiseki.

  6. Siyabonga ukuthi usilungiselele…siyithokozela into oyenzile

  7. Yes sakhanya emasisweni

  8. I carry this surname with pride

  9. Mina ngihlala eKapa ngaziwa ngoKhabazela. Abanye baze bathi Khabs.

  10. Ngyaythandake le yokukhanya emasisweni, bengingayaz Thanks

  11. siyabonga nathi sibaningi eMpumalanga Province phambili Makhabazela

  12. Good day

    My name is Magdeline Makhuthudise from Tzaneen in limpopo,my father is Edward Rackson Mkhize from Empangeni not sure which side of the location bt he used to be a miner around the north west stelfontein we lost contacts with him wen he got retrenched around 1988-89,i humbly request any1 who have any information to pls help me locate him,ive also tried khumbule khaya but as you tjey have a huge number of letters n emails they recieve it might take time before they respond to my email.my number is 0783545265/0722102963

  13. Aww mara Mkhize the biggest surname in vernecular

  14. I am Thando mkhize

  15. SingoNgunezi impela okuhle ngathi ukuthi isibongo sethu ukuthi asingeni kwezinye izibongo sizimele nje phaqa!!

  16. Loving the Mkhize Pride…..boGubhela

  17. Nam ngzalwa khona bakwethu nakuba saphambaniselwa isibongo sethu ehome affair ngenxa yokngafundi komkhulu bethu kodwa amakhize onke ngyawathanda syigaz elilodwa sngabasembo sonke

  18. Yilapho ngizalwa khona lapho kamkhize.ngu-ngunezi umumbo omhlophe ngiyabathanda boke okhabazela.

  19. proudly embo

  20. is it true that abakwaMkhize are related to abakwaDlamini

  21. Besicela izithakazelo zabakwaMkhize bakaMbangi kaMavovo… yilaba abaseMzinto, eJolivet, eKenterton (eMpunga number 2), naseXobho…

  22. Ngicela Kulungisa lapho kuth Nina enikhanya (AMASI ESISWINI) singo Gubhela oNgunezi laba aba KHANYA EMASISWENI(okusho kuth noma ikephi eyaSembo ingane iyazbonakalela nje ayifuniselwa) ileyo kuphela indawo bengthanda kuyilungisa ngoba baze basidelele bath sikhanya nodanone esiswin kant cha emasisweni, Dankie from :Mally S.R. Mkhize(eHlokozi) oka Danger Ndukwembi Mkhize

  23. Awu suka Madoda yaze yamnandi nto

  24. Hmmm ngezwa kuvuka using a madoda

  25. Aw kodwa jesoooo kukithi lapho

  26. wow am impressed bruu keep up the good work

  27. Well I knew ithakezelo zakhithi but not all of it.Thank you

  28. Thanks ntwana… I didnt know you into this.
    Well Done.

    From Sanele Mkhize @ Santa Cruz(Mzo's Friend)

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén

error: