πŸ’›

izithakazelo

Mkhwanazi Clans & Family History | Umlando

Abakwa Mkhwanazi nomlando wabo:

>> Lalela umlando wakwaMkhwanazi <<
Abantu bakwa Mkhwanazi babebizwa ngokuthi abakwa Mpukunyoni. Badabuka eSwazini bake bahlala nabakwa Thabethe nabakwa Mngomezulu. Bagcina behlukana abanye babizwa ngabakwa Mpukunyoni.
Ake Sibalamanise:
Abakwa Mpukunyoni
UMdolomba uzale uCungele no Mantewane,
U-Cungele wazala uVilana ozale uMalanda,
U-Malanda wazala uSomkhele ozale uMtubatuba,
U-Mtubatuba wazala uMgwazeni ozale uMiniyase.

Abakwa Dlangezwa
U-Mdinwa uzale uPhalane ozale uNgogwane,
U-Ngogwane wazala uMuntongenakudla.

Abakwa Mnqobokazi,
U-Mnyenyeza uzale uWokoza ozale abakwa Nkomo,
U-Mantewane uzale uMthethwa ozale uSikhumba,
U-Sikhumba wazala uNkwenkwezi ozale uLomafu,
U-Lomafu wazala uBebesi ozale uMzana,
U-Mzana wazala uMhabahaba okuvele kuye isizwe sakwa Mkhwanazi.

Izithakazelo zakwa Mkhwanazi,
Spheshu, Madubandlela, Somlomoti, Sodilikazi, Nkwaliyenkosi, Ndonga, Mtubatuba, Veyane, Shamase, Sontuli, Somkhele, Lele, Khowa, Malanda, Mashukumbeya, Mthendeleka,
Mpande yamadoda,
Mpande ayiphikiswa oyiphikisayo uyazithwala,
Gwagwa lika Gwagwa umbane wezulu,
Owaciba ngomkhonto esikhwebesini,
Kwaphepha inkosi yabe Ntungwa,
Owasingatha ihwahwa kodwa wangalidlulisela emlonyeni,
Mgidla, Lomafu, Nkwenkwezi,
Sikhumba ka Mthethwa ka Mantewane,
Gagisa!!
>> Lalela umlando wakwaMkhwanazi <<

credit for post: indabukoyakho

Royalty from Mkhwanazi last name

Mkhwanazi Clan (Traditional Leadership)
The Mkhwanazi clan is one of the families in northern KwaZulu-Natal that has been recognised as having traditional leaders in the Mtubatuba area. Alongside the Mdletshe, Hlabisa, and Mdluli clans, they have chiefs who were appointed in areas where they arrived after the Mfekayi people, according to historical claims by the Mfekayi clan.
Royal Land Dispute
The Mkhwanazi clan is currently involved in a land dispute with the Mfekayi clan, who claim to be the original custodians of Mtubatuba land from the Mfolozi River to the northern coast of False Bay. Dumisani kaCaiphus Tembe of the Mfekayi clan alleges that surnames like Mkhwanazi only arrived later and had no chiefs during the time of King Shaka, but are now being recognised as traditional leaders by the government while the Mfekayi are sidelined. This dispute highlights ongoing tensions over traditional leadership recognition in KwaZulu-Natal.
Mkhwanazi Royalties
Alongside the Dube, Mbonambi, and Sokhulu clans, the Mkhwanazi royal family oversees community development funds from titanium mining operations on their ancestral lands near Richards Bay, receiving mining royalties from Richards Bay Minerals.

Previous

Ntumba, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Next

Ndlovu Izithakazelo noMlando

5 Comments

  1. Hey bantu bakithi oSpeshu oShamase yimina futhi ngilokhu ngilindile ngizitshela ukuthy kukhona ozongisiza ngokuthola ubaba wam ngyacela boNkwali ningifunise ubaba wam plz noma onolwaz ngcela axhumane nam kule nombolo 0729793291 noma kulena 0783211717 ungasabi ukusiza omunye uShamase uNdonga ngyabonga nginithanda nonke ngane zakithi….

  2. PLZ Ngicela ningifunise ubaba Sonile Mkhwanaz .Ufunwa nguSibabili noNdongo thina sizalwa nguMa Memela Wasemzikhulu .Udadewabo ka Baba kuthi nguSizeni noReza umfowabo kuthiwa nguPili

  3. Sibabili

    Mina nguSibabili uSisi wami Ndongo manje sifuna ubaba wethu igama lakhe ngu Sonile Mkhwanazi udade wabo nguSizeni no reza besekuba uPili umfowabo mycell is 0788522306. Thina sizalwa uMamemela waseMzimkhulu

  4. Simphiwe Mkhwanazi

    Empeleni kuyiphutha ukuthi abakwaMkhwanazi badabuka eSwazini ngoba njengabobonke abeNguni sidabuka eNhla neAfrica around Congo, Kenya nd them, sadlula eMozambique nalapho okwasala amanye amaKhwanazi azibiza ngoMngwanati (abakwaMaluleke) bangabaTshopi eMozambique, sangena eSwazini , sifike kwaZulu siqhamuka eSwazini njengawowonke amaLala silandela abahlobo bethu bakwaMthethwa. Njengoba safika lapha saziwa ngokuthi singabakwaMpukunyoni , engathi futhi uNkwaliyenkosi wafike waba yinduna ngaphansi kwenkosi uDingiswayo wakwaMthethwa. This is nt Alfa nd Omega it is open to correction by any Mkhwanazi who happen to hv a different info or something to add.

  5. Bongani Mkhwanazi

    Akenichaze ngo Nkomo ngabe naye ungu Mkhwanazi

Leave a Reply to Sbabili Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén