๐Ÿ’›

izithakazelo

Mnguni, Gumede, Khuzwayo

Mnguni
Mnguni ka Yeyeye, Qwabe, Gumede, Khondlo, Phakathwayo, Malandela, Mpangazitha, Caluza, Ndlela, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mzimela, Mfeka, Donda, Maphanga, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Nozulu, Msiza, Khuzwayo, Mazalankosi
>> Lalela Umlando wakwaMnguni <<
>> Lalela izithakazelo zakwaMnguni<<

Gumede
Yeyeye, Caluza, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mfeka, Mzimela, Donda, Maphanga, Mpangazitha, Phakathwayo, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Qwabe, Msiza, Nozulu, Malandela, Khuzwayo, Khondlo, Mazalankosi

Khuzwayo
Gumede, Qwabe,
Mnguni ka Yeyeye, Khondlo
Osidlabehlezi baka Phakathwayo,

Umnguni, Gumede no Khuzwayo abantu banye laba bonke badabuka ku Mnguni.

Previous

Amangwane, Hlongwane, Khanyile

Next

Abakwa Khumalo

13 Comments

  1. thabiso

    ai bafeth asngadidisan mawuthi mzimela mnguni umuzi owodwa loyo bese loku esikubiza ngezithakazelo izibizo zaleyondoda zezinsizw ngalesiya sikhath yingakho zingeke zifae bt mawuth mnguni ungumzimela

  2. ntombi gumede

    Ake nisize la bafwethu.Nginomngani wakwa Gumbi othi oGumbi bayinto eyodwa noGumede,uthakazela ngezithakazelo zakwa Gumede.Ngiyaxakeka ngoba mina ngazi bona bengabakwa Skhendle,Jele,Somkhanda…

    • thembalethu

      xolani kahle mfet ukungazi. Yebo ngyavuma gumede mnguni kayeyeye. Kdw musa uthi abanye oMnguni abazazi. Okukhulu okumele ukwazi, abeNguni isizwe hhay isibongo. Bona abenguni behlukahlukene ngezibongo, bangahlobana okanye bangahlobani ngoba isizwe leso, kungaba oGumede, Hlophe, mfeka, Myeni, Mzimela, Mzukase etc…… Mfet musa ukuqhwaga ubuNguni engathi obakho wedwa nathi singabeNguni kdw hhay kwaYeyeye, coz isizwe akuyena umuntu, kdw abant abehlukene ngezibongo njengaso isizwe sabeNguni

  3. Phumlani

    Gebashe, Mnguni, Mafunza, fulela ngomncele wanethwa, fulela nangobhokobhoko, tshabangu, mngun’ omhle owehla ngesilul’ upheth’ igolide nesiliva, Qwele, Hlavule, mnt’ omhle, bantwana ngenan’ endlini nizadlula nabadlula ngendlela ngoba nibahle kakhulu…..gawu…

    • thembelihlendimande3@gmail.com

      Aibo kanti omnguni bahlukene kangaki,ukhona yini umehluko phakathi komuntu waka mnguni nomuntu owaqhamuka kuma nguni obiza esinye sibongo
      Sent from my BlackBerryยฎ wireless device

      • xolani Mfeka

        UMfeka,Mzimela bayinto eyodwa bangu Mnguni wasolwandle.Gumede Khuzwayo bayinto yinye nabo bangu Mnguni kaYeyeye. Abanye oMnguni angbazi abaphi kulukhuni ukubazi ngoba nabo abazazi.

        • Bongani

          Bakhona o Mguni Nozulu liyasa liyasibekela Mnguni omuhle wakwa Mchumane Mapangazitha Kheswa Mbanguba Mpofane Cocobela intombi engagananga kwa Kheswa iyozala izinkwapha ngezinkwapha egane Kwa Kheswa izale amacocobela izimpofane ezawela u Thukela nomlazana onameva ngabakhungwa ngogongolo enhla ne Mpofana amazala nkosi inkonjane ezindiza phezulu zidlisela ngempiko usuthu oluzalela izinja lungazalela izinzule luyahlanya sihlangana njani no Gumede ngicela ningisize lapho

  4. bekithemba

    UGumede must always come first ngoba nguye odabula wonke amaqhawe angaphezulu.Gumede Luzumane Mguni Yeyeye Qwabe Malandela ngokulandelana-besekuba khona izindlu ezincane eziphuma kuzolezi izibongo.

    • nkosy khuzwayo

      U Gumede ka Luzumane,lapho kuphuma khona abantu abafana nabo Phunga no Mageba akahlobene nhlobo nabo Gumede bakwa Qwabe ka Malandela.

  5. bekithemba

    UGumede uzalwa ngubani,ngoba uNdaba uphuma endlini encane koSibiya-Gumede kaNdaba noma Gumede kaMhlobela.ikhona into engahambi kahle ngezibongo kanye nezithakazelo-uNdaba uzalwa nguMageba kaPhunga.Qondisani bakwethu nans’indaba?

    • PHILANI Gumede

      UNdaba uzala uGumede, uGumede azale iMalandela, uMalandelab azale uQwabe noZulu. UPhunga noMageba bazalwa nguZulu. OQwabe noGumede babili. LoQwabe ozalwa nguMalandela unguQwabe wesibili.

    • sibusiso

      Mnguni 1
      Lufunilwenja
      Gumede
      Mnguni 2
      Luzumane
      Malandela
      Qwabe Zulu 1
      Sidinane Nkosinkulu
      Simamane Ntombela
      Khuzwayo Zulu 2
      Phunga Mageba
      Ndaba Sontshilikazi

      • Siya

        Awu we bhuti yazi ngifuna unabe la ko Simamane mina angikaze ngizwe ukuthi sihlobene nabo please explain kabanzi ngabo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén