Mnguni
Mnguni ka Yeyeye, Qwabe, Gumede, Khondlo, Phakathwayo, Malandela, Mpangazitha, Caluza, Ndlela, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mzimela, Mfeka, Donda, Maphanga, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Nozulu, Msiza, Khuzwayo, Mazalankosi
>> Lalela Umlando wakwaMnguni <<
>> Lalela izithakazelo zakwaMnguni<<
Gumede
Yeyeye, Caluza, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mfeka, Mzimela, Donda, Maphanga, Mpangazitha, Phakathwayo, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Qwabe, Msiza, Nozulu, Malandela, Khuzwayo, Khondlo, Mazalankosi
Khuzwayo
Gumede, Qwabe,
Mnguni ka Yeyeye, Khondlo
Osidlabehlezi baka Phakathwayo,
Umnguni, Gumede no Khuzwayo abantu banye laba bonke badabuka ku Mnguni.
π Search here π+ ADD CLAN NAMESπ¬ Watch our videos
mluegumede
sengikutholile ukuthi uKhuzwayo noMfeka babengamadodana kaGumede noMnguni respectively kodwa bakhishwa okusho ukuthi sebezimele.ngenza yeecala elifanayo.
Shine
Mlue Gumede uMfeka akandodana kaGumede. Umfeka udabuka kwaNdwandwe lapho isibongo sakwaMfeka noMzimela siphuma khona. Gumede nokhuzwayo asihlobene nani sixoleleni
Philani Gumede
Naming ngazi ukuthi uMfeka uzalwa nguGumede. Waxoshwa nguyise uGumede ngoba while umhlola ekhaya. Emva kwalokho uMfeka nenzalo yabo kwathiwa sebezimele. Kwavela laphoke ukuthi babe ngoMzimala. Kuyefana lokhu nokuhlubuka kukaZulu kubaNguni ngoba engafuni ukukhonza kuQwabe. UGumede noZulu sebeyaganana kodwa kodwa ebe uZulu ephuma esendeni likaGumede. Yinto efanayo-ke nalena yabantu bakwaMfeka nabakwaMzimela ukuthi bavela kuGumede. Noma bephika kodwa abanawo umlando wabo before uMfeka. Abamazi nokuthi wayezalwa ngubani. Manje sizofundisana kanjani IMA abanye bephika ulwazi lomlando abenengawazi. Uma niphilisa MaNguni, sinikezeni enikwaziyo kusuka kuMfeka kuhlehle.
Philani Patrick Mzimela
Legxubevange abayenza ngesibongo sakithi, sengathi ayizokwazi ukwamukeleka kithi. Uma bechasisa ngesibongo, kuyomele bowuveze unjengoba unjalo umlando waso, bengahambi besishutheka kuzo zonke izibongo ezingangeni kuso. Uma behluleka, abangaphawuli ngaso engosini, funa beduke abantu abanentshisekelo yokuzazi bengabaseManzimeleni.
Sbonelo mzimela
Wh@ i hve recently heard ukuthi umfeka akusiye owakithi kwamzimela , uyabona njengoba kunale confusion yokuthi sizithole sesibizwa ngo Gumede ilo mfeka , abadala basekhaya bathi umfeka abamazi bona kanjalo no ntaka no jiji nombizeni no mzingeli konke lokho kuwumfeka not umzimela . Umyeni umnguni wasenyakatho , umsane umnguni wasondini , ugumede umnguni kayeyeye , umzimela umnguni wasolwandle , ungonyama nje naye ungumnguni , ogebashe nabo omnguni , into eyenza kube khona omnguni abangaka ukuthi sonke singamanguni , izibongo eziningi zizithkazela ngomnguni ngoba vele zingama nguni. Lento ke idala iconfusion kithi thina ntsha(youth) ngoba if sifika la kwi website uthola ukuthi umuntu uvele axube axube , umnguni akasiso isibongo kuphela uyisithakazelo n uthakazela kakhulu umzimela nogumede , mina muntu methi ungowakamngun ngyaye ngimubuze izithakazelo zakhe bese esho ezami zakwamzimela bese ke ngbona cha impela owakiithi , omunye wathi ungugumede ngathi cha awusiye owakithi noma zingafana izithakazelo kodwa akusho ukuthi singabandawonye mina ngiwuMzimela esgodini senkosi umzimela ubukhosi obakwa Golela , ndlangubo kuphethe ubiyela ayi umzimela umzimela phethe kongqamzane , ncekwane n some part of showe , nakwezinye izindawo . Izithakazelo zakwa Mzimela endlini yakwaGolela ebukhosini zithii Mzimela wehawu Mnguni wasolwandle donda lwandle aluwelwa luwela zinkonjane ntshintshwayo wena wasendingazeni kunene kwasendlunkulu veziwomlomo njingili sgodo sbhakuza salolukhethe sihubela, ilezo engizaziyo and azimufaki umfeka asikaze sizalwe umfeka noma ugumede , noma umyeni noma undwandwe , lento iya misleader , yekani ukusibiza ngomfeka ngoba asibazi omfeka nomatimela babo nojij nosheleza nombizeni nontaka , zithakazelo zikamfeka lezi not ezikamzimela nina ke ningathakazela nithi mzimela manithanda futhi ningathakazelanibize umnguni akekho onga claimer kuthi umnguni owakhe yedwa , udonda uthakzela umzimela , athakazele ukhumalo athakazele uxulu athakazele umwelase athakazele umpanza ,mbokazi , nombokazi uyamsebenzisa ulwandle kaluwelwa luwelwa zinkonjan kodwa akusho kuthi singabandawonye ,so mina mzimela angsiye nakancane umfeka ungasho umnguni kuthi ngiwuye yebo ngiwuye ubhovungane. I guess we wil neva knw the real trueth ngezibongo zethu nezithakazelo zethu
Shine Mfeka
bafo, ngibona udukisa izwe uma uthi uMzimela noMfeka kanye noNtaka akufani. kuyihlazo lokhu ngoba ubumbano lwakwaMzimela luholwa ubaba wakwaMfeka uMandla.
abantu bakwaMzimela bazalwa khona kwaMfeka kanjalo noNtaka.
ngiyaboba ukuthi ubafo akawazi umlando wakithi. thina asinabo ubuhlobo naloGumede osusihlanganisa naye.
uMfeka unguMnguni wasolwandle onguDonda kaMlimandlela oNzungana. inkosi yethu ikwaMzimela. ungalihamba uliqede asinayo eyethu inkosi ngoba singabesende linye.
sonke siphuma kwaNdwandwe.
bafo ngicela ungithinte ukuze ngikuchazele, ngingajabula nokuhlangana nomndeni ukuze kulungiswe leliphutha ngoba libulala umlando wostanta manzini
Phumlani
Mnguni, Hlavule, gawu, qwele, mafuza fulela ngomngcele wanethwa, wafulela ngobhongabhonga, mngun’ omhle, bantwana ngenan’endlini ningahlali phandle ngoba nizadlula naba hambi bendlela ngoba nibahle kakhulu, mnt’ onhle owehla ngesilulu epheth’ igolide nesiliva.
Zandie Gumede
Sanibonani ma Gumede, Mnguni, Qwabe, Yeyeye, Phakathwayo, Khondlo, Mpangazitha………….. Kuyinto enhle ukwazi imvelaphi nomlando wethu as abazulu, so whoever wish to know anything about oGumede angangithinta on my e-mail address……….
Ngiyabonga
sbusiso gumede
dade wethu ngingwaka gumede phansi emthwalume..ngfisa ukwaz ukhondlo uysima kanjan ngoba bath wayenyanga kashaka futh isizukulwane skate omazibuko…ungena kanjan kuthin.
sipho
I tryd 2 contacts u bt no wer 2 be found eishh so u can fynd me here 062 015 6799
Thandeka
Sanibonani cela ukubuza ukuthi.Dlamuka.noSibiya.mnyandu.Gumede kungena kanjani especially sibiya yangidida mina as kuDlamuka
Bongani
Sawbona ngicela ungicacisele imlando ka Nozulu ngoba bazibiza u Mnguni Nozulu Mpangazitha Kheswa Mbanguba Mpofane Cocobela bahlobana njani naba kwa Gumede Qwabe Phakathwayo