πŸ’›

izithakazelo

Mnguni, Gumede, Khuzwayo

Mnguni
Mnguni ka Yeyeye, Qwabe, Gumede, Khondlo, Phakathwayo, Malandela, Mpangazitha, Caluza, Ndlela, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mzimela, Mfeka, Donda, Maphanga, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Nozulu, Msiza, Khuzwayo, Mazalankosi
>> Lalela Umlando wakwaMnguni <<
>> Lalela izithakazelo zakwaMnguni<<

Gumede
Yeyeye, Caluza, Bayeni, Mgcaweni, Gebashe, Mfeka, Mzimela, Donda, Maphanga, Mpangazitha, Phakathwayo, Nkundlande, Mzukase, Myeni, Qwabe, Msiza, Nozulu, Malandela, Khuzwayo, Khondlo, Mazalankosi

Khuzwayo
Gumede, Qwabe,
Mnguni ka Yeyeye, Khondlo
Osidlabehlezi baka Phakathwayo,

Umnguni, Gumede no Khuzwayo abantu banye laba bonke badabuka ku Mnguni.

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Amangwane, Hlongwane, Khanyile

Next

Abakwa Khumalo

5 Comments

  1. Mcebo Dlamuka

    Aybo bakwethu nansi indaba inkulu bo. Lezi izibongo ezilandelayo aningichazele ziyisima kanjani, Gumede, Khuzwayo, Dlamuka, Mfeka,Myeni, mzimela. Iskakhulukazi u myeni uwu mnguni yeyey, ukhuzwayo naye umnguni yeyeye, nangu futhi no Gumede umnguni ka yeyeye, kant ukuph umehluko manje angisazi mina. If u want to contact me: 0730166865 ngyabonga.

  2. Philani Gumede

    Cha, kunzima. Uthando lomlando masilukhombise ngokwenza ucwaningo ngaphambi kokuba sisolane ngokudukisana. Kuyiphutha futhi ukunquma ukuthi kukhona abaNguni okungebona abakini ngoba uyihlomkhulu mumbe washo kanjalo. Uma sicwaninga asithathi umthombo owodwa ngokuthi yiwona oshaya emhloleni singakatholi kweminye ukuthi sitholani. Amathuba ocwaningo oludala ukuthi lushaye emhlolrni maningi kunalawo olwazi oluqhamuka nanjena. Masibafune abantu abadala abasawazi ngekhanda umlando ze basicobelele. Kungaba kuhle uma esikubhalayo sungachaza ukuthi sikutomule kumuphi umthombo, umqulu, owawubhalwe ngubani, yena ekuthole kanjani lokho, kanye nonyaka wemvelaphi yalololwazi. Uma singakwenzi lokho siyolokhu sijikeleza ndawonye, singavumelani ngalutho. Inhloso yalelikhasi bekumele kube wukuthola ulwazi esizogcina sivumelana ngalo ngemvelaphi, kanye nokusabalala kwabaNguni. Uma sesikutholile esivumelana ngako, sikushicilele phansi ze kube wumlando oyofundwa yizizukulwana ngezizukulwane zabaNguni nabanye uma singasekho thina. Ngokubona kwami akekho phakathi kwethu ongakufela ukuthi lokho akwaziyo yena, yikona kona. Siyacobelelana, sifundisane, senze uphenyo ngokubambisana ukuze lembiza isihlanganise ngeqiniso.

  3. Philani Gumede

    Ezithakazelweni zakwaGumede kuthiwa, “YINZALA’BANTU LENA”. Uma ngingabala izibongo eziphuma kuGumede, zingeqa ekhulwini ngingazibalanga zonke. Abanye bazobongo banganhiphikisa, kokunye baze baphikisane bodwa uma ngingababala. Maningi amathuba okuthi uma ezothakazelweni zakho kuvela uQwabe, Gumede, Mnguni, Mpangazitha, njll, okhokho bakho babezalwa khona koGede noMnguni. Omunye uzothi bona bavela komunye uQwabe, Gumede, or Mnguni. Endulo beyingaqanjwa ingane ngegama lomuntu ongahlobene nalowomndeno. Bebe USA amagama amaqhawe asakhothama avela kulowomndeni. Lokho kungenxa yokuthi bezongekho izibongo, kpdwa bebeziqhayisa ngamaqhawe azalwa emndenini. Namanje uma insizwa noma intombi yoMnguni izibongela akusali ukuthi izalwa ngubani labani

  4. Sbonelo mzimela

    Mina shine angeke ngikukhohlise , umfeka ngiqale ukwazi ngaye kule group ka fb , kuhle uma nithi singabandawonye nisivezele lokho , mina ekhaya abayfuni nakuyizwa ekamfeka , ngkhuluma ngabantu abadala la . Angidukisi isizwe sakithi mina ngiwumzimela uqobo lakhe umnguni wase zaphowane , ngingajabula uma ngingake ngikhonjiswe ukuthi ubani ozala umzimela , ngizwa uthi siphuma kwandwandwe so does th@ mean umzimela nomfeka abazalani bayelamana? Mina ngicela muntu mengithakazela angbize ngalezi engizbhale lana angikakazu accepter umfeka as isthakazelo sami futhi ojiji nontaka impela cham angbazi omunye wobumbano wabiza ukhuzwayo we kaizwe chiefs as umzimela ngathi cha bhuti mina angsiye owaka khuzwayo ukhuzwayo ugumede , khona owabhala ephepheni ilanga ethi ubhala umlando wakithi mina angbonanga lutho ayelusho as umlando wamanzimela kuphela wafaka uvundla wafaka umsane no mfeka kwangacaca nje ukuthi uthini ngomzimela , anginihlukanisi bomfeka kodwa ngsami kwelokuthi angikwazi , ngike ngezwa kthiwa bekubuzwa ngami ukuthi ngyaziwa yini , kuyomele sithi go deep nalento kucace ngempela ukuthi ubani ozala omunye phakathi kamzimela nomfeka , coz omunye wathi kim umfeka uzalwa umzimela angazi babe banga ini umfeka engakabi umfeka wabaleka wathi mefika phambili wazishintsha waba umfeka ebalekela umzimela , so la sidukisana sodwa makunjalo , omunye wathi umzimela uzalwa umyeni , omunye wathi umzimela uzalwa undwandwe so akucaci kahle ningathi ngyadukisa ngkuvezela izinto engizitholayo , uma singavuma umfeka shuthi sovuma nogcabashe no gebashe , nomyeni , nomsane nogumede nongonyama , nokheswa baningi labantu , bt ke shine mele singafunzani asenze i research ukuze izingane zethu ziyazi lento , nginawe ku facebook ,

  5. zamoney

    uQwabe uzala uMahlobo
    uMahlobo azale uSidinane
    uSidinane azale uKhuzwayo
    uKhuzwayo azale uSimamane
    uSimamane azale uLufutha
    uLufutha azale uMncinci
    uMncinci azale uKhondlo
    uKhondlo azale uPhakathwayo

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026