πŸ’›

izithakazelo

Myeni, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Abantu bakwa Myeni babebizwa ngokuthi abakwa Myeki besahlala eBabanango eduze komfula uMhlathuze.
U Mlambo wazala u Ngwenya no Nsinde. U Ngwenya wabe esakha isizwe sakwa Ngwenya kanti uNsinde wenza esakwa Nsinde.
UNgwenya uDuma, u Duma nguye abantu bakhe abagcina bengabakwa Myeni.
Bagcina befuduka baze bayofika eNgwavuma lapho abafika khona bahlala nabantu bakwa Mngomezulu ababebuswa yinkosi yabo uZondiwe.

Ake sibalamanise abakwa Myeni:
uMbambo wazala uMabaso (Hhayi wakwa Mntungwa)
uMabaso wazala uNgwenya no Nsiande,
uNgwenya wazala uDuma,
uDuma wazala u Mdolomba,
uNsinde wazala u Maguma,
uMaguma wazala uLundini,
uLundini wazala uVuma no Mlangazi,
uVuma wazala uSiphike owazala uMkakwa,
uMkakwa wazala uNkunzi,
uSiphike ka Duma wathuthela eSwazini, lapho afike akhothamela khona.

Izithakazelo zakwa Myeni:

Mdolomba,
Mzukase,
Mnguni,
Mzimela,
Mziyankatha.

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Nzama, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Next

Izithakazelo zakwa Hlatshwayo Clan Names & history

3 Comments

  1. Thobekile

    BANI OWAZI IMIZI YAKWA MYENI E SWAZINI KWELAVUMISA?PLZ ASHO IF EKHONA OWAZIYO

  2. Nontokozo Ngwenya

    njengoba ngihlobene nabakwa Myeni ingabe ngivumelekile yin ukusebenzisa izithakazelo zakwa Myeni uma nginga zazi ezakwa Ngwenya?

  3. moffat

    Is there anyone knowing about the surname Xhakaza pls let me know if you are there

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026