πŸ’›

izithakazelo

Myeni, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Abantu bakwa Myeni babebizwa ngokuthi abakwa Myeki besahlala eBabanango eduze komfula uMhlathuze.
U Mlambo wazala u Ngwenya no Nsinde. U Ngwenya wabe esakha isizwe sakwa Ngwenya kanti uNsinde wenza esakwa Nsinde.
UNgwenya uDuma, u Duma nguye abantu bakhe abagcina bengabakwa Myeni.
Bagcina befuduka baze bayofika eNgwavuma lapho abafika khona bahlala nabantu bakwa Mngomezulu ababebuswa yinkosi yabo uZondiwe.

Ake sibalamanise abakwa Myeni:
uMbambo wazala uMabaso (Hhayi wakwa Mntungwa)
uMabaso wazala uNgwenya no Nsiande,
uNgwenya wazala uDuma,
uDuma wazala u Mdolomba,
uNsinde wazala u Maguma,
uMaguma wazala uLundini,
uLundini wazala uVuma no Mlangazi,
uVuma wazala uSiphike owazala uMkakwa,
uMkakwa wazala uNkunzi,
uSiphike ka Duma wathuthela eSwazini, lapho afike akhothamela khona.

Izithakazelo zakwa Myeni:

Mdolomba,
Mzukase,
Mnguni,
Mzimela,
Mziyankatha.

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Nzama, Meaning, Origin & Family History | Umlando

Next

Izithakazelo zakwa Hlatshwayo Clan Names & history

4 Comments

  1. THOBEKILE

    Mina ngingowakwa Myeni elavumisa ngidinga usizo angiwazi undeni wami ngyafisa ngelinye ilanga ukuxhumana nawo ukhona yini onganginceda plz igama lababa u Sikelela Myeni

    • Musawenkosi Vuma

      Uma kungenzeka Abe ukhona awazi isibongo sakwaVuma nomlando waso angisize, nangezisho zakhona.

      On Wed, 13 Jun 2018 00:11 Izibongo Nezithakazelo, wrote:

      > THOBEKILE commented: “Mina ngingowakwa Myeni elavumisa ngidinga usizo > angiwazi undeni wami ngyafisa ngelinye ilanga ukuxhumana nawo ukhona yini > onganginceda plz igama lababa u Sikelela Myeni” >

  2. Israel Myeni

    Izithakazelo zo Myeni..

    Myeni, Mnguni
    wena wase Ningizimu,
    wena owawela iMfolozi neMfolozane,
    wena owawela uMkhuze noMkhuzana,
    wena omabelemade ungancelisa ingane ngaphesheya komfula,
    wena kaMdolomba ongengakanani nasentendeni yomkhonto ungahlala.

    Mnguni Malambe, ingwenya ayidli enye ingwenya,
    ithi ingadla enye ingwenya isuke isilambile.

    AbakwaMyeni abayidli Insingizi ngoba yabathusa ngaseMhlosinga bengayazi lenyoni, bethi isilwane.
    Wena owabhala ngozipho abanye bebhala ngempenseli.
    Izindlu zakwaMyeni uNsinde no Mdolomba….

  3. Israel Myeni

    Mina ngingowakwaMyeni Eswazini. Ngizalwa ngu Maduna indodana ka Ngngelezi owayeyiduna eNtabayengwe ngaphansi kweNkosi un Zombizwe Mngomezulu.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026