πŸ’›

izithakazelo

Nkosi Ndlangamandla

Abakwa Nkosi Ndlangamandla noma Dlangamandla.

Lababantu abaNtungwa futhi bahlobene nabakwa Khumalo kodwa abanabo ubuhlobo obuseduze no Nkosi Dlamini.

Abantu bakwa Nkosi Ndlangamandla bangama Ntungwa ngoba bazalwa yindoda yakwa Khumalo. Igama lalendoda kwabe kungu Siwela indodana ka Gasa. U Gasa wayenamadodana amathathu aziwayo okwakungu Magugu inkosana, Donda weZiziba, no Siwela. U Siwela wayengoka Gasa ka Zikode ozala uMashobana ka Mkhatshwa ka Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi ka Ndabezitha ka Mmusi. Lababantu bahlobene nabantu bakwa Nzuza lapho kugcine kuphuma khona isibongo sakwa Mahlangu okungama Ndebele ka Ndzndza azinze eNtilasifali.

Laba abanabo ubuhlobo no Nkosi Dlamini lapho kuphuma khona AmaSwazi nama Zizi.

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Abakwa Mthethwa

Next

Buthelezi Clan 😍 Umlando

12 Comments

  1. jonas

    Ndlangamandla king of kings mbuzeni ndlangamandla frm pretoria 0727535611

  2. oNdlangamandla baphuma kuphi nendawo

    • thulani nkosi

      ONdlangamandla babuya eNgoje Lapho sekuthiwa khona kuseLouwsberg UDawid Louw waphiwa lendawo ngoba wayebuya ebusotsheni wase enikwa indawana nje ezweni lakithi ngoba sasesichithiwe Lona leliya elakithi Kondwa inkulu indawo yamaNdlangamandla Umlondo wonke useNgoje enkosini yamaNdlovu INkanyamba

      • thandanani

        Ingoje ylona izwe lakith kwa Nkosi noma kukhona abazama kulibanga

    • Thabo

      Ondlangamandla baningi endaweni yase Phongola lapho ngibuyakhona. Ondlangamandla, Nkosi, Mntungwa, phazima kalanga, swela sasemandlovini, omabele made wancelisa ingane ingaphesheya komfula. Umbhulaze umnyama. Thabo James Ndlangamandla Mahlangu. 079 940 2923

      • Thulani Nkosi

        Wena weNdlovu enamandla Ngiyathemba senizwile ngomkhosi wamaNdlovu wonke ozoba ngomhlaka 19 September eNgoje Uyoze uphele ngomhla ka 20 September ngakusasa Bikela bonke obaziyo Mphazima ukuze siphelele sonke isizwe sakithi

      • Khaye Nkosi

        Kwenzeka mnyaka yonke noma ??

      • Musawenkosi Mntungwa

        Thabo, “omabele made wancelisa ingane ngaphesheya komfula” bayangena koNkosi Ndlangamandla?

    • Phumlani

      Ophongolo oPhondwane I’m imvelaphi yabo isengoje

  3. Smangele Dlamini

    Mina ngcela ukbuza ukth abakwaDlamini abanesthakazelo esinguMntungwa bayini ngokoLimi? N bahlobene yini noNkosi?

    • Nomfundo Dlamini

      Bangama swazi and yebo bahlobene nabakwa nkosi

    • Dayday

      ODlamini abathi Ndlovu noma Nkomo ezidla ekhaya ngokweswel abelusi inzalo yakwaMaseko amaNtungwa.odlamini base Swazini bangamaTsonga not Ngunis so angrke baba oMntungwa

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026