πŸ’›

izithakazelo

Nkosi Ndlangamandla

Abakwa Nkosi Ndlangamandla noma Dlangamandla.

Lababantu abaNtungwa futhi bahlobene nabakwa Khumalo kodwa abanabo ubuhlobo obuseduze no Nkosi Dlamini.

Abantu bakwa Nkosi Ndlangamandla bangama Ntungwa ngoba bazalwa yindoda yakwa Khumalo. Igama lalendoda kwabe kungu Siwela indodana ka Gasa. U Gasa wayenamadodana amathathu aziwayo okwakungu Magugu inkosana, Donda weZiziba, no Siwela. U Siwela wayengoka Gasa ka Zikode ozala uMashobana ka Mkhatshwa ka Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi ka Ndabezitha ka Mmusi. Lababantu bahlobene nabantu bakwa Nzuza lapho kugcine kuphuma khona isibongo sakwa Mahlangu okungama Ndebele ka Ndzndza azinze eNtilasifali.

Laba abanabo ubuhlobo no Nkosi Dlamini lapho kuphuma khona AmaSwazi nama Zizi.

πŸ” Search here πŸ”+ ADD CLAN NAMES🎬 Watch our videos

Previous

Abakwa Mthethwa

Next

Buthelezi Clan 😍 Umlando

6 Comments

  1. Lisa

    I am dating a guy yakwa Khumalo and mina ngiwakwa Nkosi Ndlangamandla. now that I have read lezithakazelo I feel so disgusted. Can I love my brother kodwa

    • Mina ugogo ozala ubaba wami wayengowakwa Khumalo.. Egane umkhulu wakwaNdlangamandla…

    • Musawenkosi Mntungwa

      Yekani sesi

  2. Mzamiseni Mtshali

    Mina ngizalwa kwa Nkosi Dlangamandla ngake ngathandana nentombi yakwa Nkosi Dlamini kodwa ekhaya bathi sihlobene sabe sesiluhoxisa uthando lwethu kwaba ngu Mzala wami

    • Lisa

      Cha thina bakwa Nkosi Ndlangamandla asihlobene nabakwa Nkosi Dlamini kodwa ke akusenani nino Mzala seniyoxolisa izinhliziyo…

  3. jabuh

    Guys ngicela ukubuza mina ngingowakaKhumalo bt ngithanda kwaNkosi Ndlangamandla.ngabe iyisima kanjani me indaba yam?

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Β© 2026