πŸ’›

izithakazelo

Nkosi Ndlangamandla

Abakwa Nkosi Ndlangamandla noma Dlangamandla.

Lababantu abaNtungwa futhi bahlobene nabakwa Khumalo kodwa abanabo ubuhlobo obuseduze no Nkosi Dlamini.

Abantu bakwa Nkosi Ndlangamandla bangama Ntungwa ngoba bazalwa yindoda yakwa Khumalo. Igama lalendoda kwabe kungu Siwela indodana ka Gasa. U Gasa wayenamadodana amathathu aziwayo okwakungu Magugu inkosana, Donda weZiziba, no Siwela. U Siwela wayengoka Gasa ka Zikode ozala uMashobana ka Mkhatshwa ka Khumalo ka Mntungwa ka Mbulazi ka Ndabezitha ka Mmusi. Lababantu bahlobene nabantu bakwa Nzuza lapho kugcine kuphuma khona isibongo sakwa Mahlangu okungama Ndebele ka Ndzndza azinze eNtilasifali.

Laba abanabo ubuhlobo no Nkosi Dlamini lapho kuphuma khona AmaSwazi nama Zizi.

Previous

Abakwa Mthethwa

Next

Buthelezi Clan 😍 Umlando

3 Comments

  1. Nellie KaMakhunga Nkosi

    NginguKaMakhunga ngigane kwaNkosi Ndlangamandla. Ngafika ngatshelwa nje ukuthi yebo bangaMantungwa bphuma khona kuKhumalo kodwa ke ubuhlobo baphela endulo mhla indoda yakhwaKhumalo enguNkosi iyoganisa izintombi zayo ezinhle kwaKhumalo owayenezinsizwa ezinhle. Wazembesa izikhumba zembuzi okwaqedwa ngazo ubuhlobo. Njengoba kuthiwa Siwela sikaMabuya sezembethe ugogwane lwembuzi. Baphela ubuhlobo. Sinabo oMaNkosi abagane kwaKhumalo noMaKhumalo abagane kwaNkosi

  2. Xolani

    Ngisacela onolwazi ngomlando woNdlovu okuthiwa ngoNdlangamandla, angichazele kabanzi.

  3. Mcebiseni Nkosi

    AbakwaNkosi baphuma bavalelisa kwaKhumalo indabuko kaNkosi iseSwatini.

Leave a Reply to Mcebiseni Nkosi Cancel reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *

Powered by WordPress & Theme by Anders Norén